IZindaba Ezingokwasezulwini
ENingizimu Afrika: Kusukela ngo-September 1994 kuya ku-June 1995, kwanikezelwa amaHholo OMbuso angu-25 futhi silindele ukunikezelwa kwamanye angu-15 ekupheleni kuka-August 1995. Siyajabula ukunazisa ngokunikezelwa kwamaHholo OMbuso alandelayo phakathi kuka-May no-June: iLansdowne (eNtshonalanga Kapa), uMhluzi (eMiddelburg), i-Orlando East (eSoweto), kwaManzini English (eSwazini), neNgwelezane (EMpangeni).
Siwazisa ngobuqotho umsebenzi omuhle owenziwe amaKomiti Okwakha Esifunda kanye nazo zonke izisebenzi zokuzithandela. Umoya wokuzinikela oboniswe yileli qembu lezisebenzi uye wasiza kakhulu ekuthuthukiseni umoya wokwakha amaHholo OMbuso.
Siyanibonga kakhulu nonke ngokusekela kwenu njalo iSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso. Sisetshenziselwa ukulungiselela amabandla engeziwe iziMali Ezibolekisayo ZamaHholo OMbuso.