Ingxenye 1—Zuza Esikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1996
1 Usuzifundile yini iziyalezo ezinikezwe ‘eSimisweni SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1996’? Uziphawulile yini izinguquko ezithile? Kusukela ngo-January kuya ku-December, iSabelo No. 3 siyosekelwa encwajaneni ethi Izihloko Zengxoxo. Kusukela ngo-January kuya ku-April, iSabelo No. 4 siyosekelwa encwadini ethi Ukubonisana, bese kuthi kusukela ngo-May kuya ku-December, sisekelwe encwadini esanda kukhishwa ethi Ulwazi.
2 Izabelo Zabafundi: ISabelo No. 3 sinikezwa udade. Njengoba sisekelwe encwajaneni ethi Izihloko Zengxoxo, ukuhlelwa kwenkulumo kufanele kuhlanganise ukufakaza endlini ngendlu noma ngokwethukela. Inganikezwa njengempindelo noma njengokuphendula umbuzo owaphakanyiswa umfundi weBhayibheli ngesonto elandulelayo, kuye ngesihloko.
3 ISabelo No. 4 kufanele sinikezwe ngendlela ethakazelisayo nesebenzisekayo. Lapho sisekelwe encwadini ethi Ukubonisana, futhi sinikezwa udade, ukuhlelwa kwaso kufanele kube okokufakaza endlini ngendlu noma ngokwethukela. Lapho sisekelwe encwadini ethi Ulwazi, kufanele sinikezwe njengempindelo noma isifundo seBhayibheli sasekhaya. Kufanele sibe wusizo kakhulu, njengoba lencwadi ethi Ulwazi izosetshenziswa kakhulu ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Uma inkulumo ihlelwe ukuba ibe isifundo seBhayibheli sasekhaya, bobabili odade bangahlala phansi. Vele nje uqhube isifundo ngokwenza isingeniso esifushane, bese ubuza umbuzo osencwadini. Ingxenye yomninikhaya kufanele yenziwe ibe ngokoqobo. Imibhalo ekhonjiwe ingavulwa futhi ifundwe uma isikhathi sivuma. Udade kufanele asebenzise ikhono lokufundisa ngokwenza umninikhaya akhulume ngokumbuza imibuzo nangokubonisana naye ngemibhalo esetshenzisiwe.
4 Yini okufanele yenziwe uma endabeni eyabiwe kunemibhalo eminingi ekhonjiwe okungenakuxoxwa ngayo ngemizuzu emihlanu? Khetha imibhalo eyinhloko eqokomisa amaphuzu ayinhloko. Uma kunemibhalo embalwa kuphela, amaphuzu asemqoka endabeni kungenatshwa kuwo. Ngezinye izikhathi, kungafundwa isigaba noma umusho osencwadini futhi kuxoxwe ngakho nomninikhaya.
5 Ibhokisi elinesihloko esithi “Hlola Ulwazi Lwakho,” elitholakala ekuphetheni kwesahluko ngasinye sencwadi ethi Ulwazi, ummemezeli onikezwe isabelo esihlanganisa isigaba sokugcina sesahluko angalibukeza kafushane. Amabhokisi okwaziswa ahambisana nezigaba ezabiwe nawo kungaxoxwa ngawo uma isikhathi sivuma. Uma ibhokisi lokwaziswa liphakathi kwezabelo ezimbili, lingacatshangelwa udade osingatha isabelo sokuqala. Imifanekiso esencwadini ingakhulunyelwa uma isebenza endabeni okuxoxwa ngayo.
6 Lapho kungumzalwane osingatha iSabelo No. 4 uyosisingatha njengenkulumo. Umzalwane kufanele ayifunde ngokucophelela indaba ayabelwe. Inkulumo kufanele ihambisane nesihloko, akhethe imibhalo yeBhayibheli eyisihluthulelo eyosiza izilaleli ukuba zibone indlela ukwaziswa okungase kusetshenziswe ngayo enkonzweni yethu. Ngezinye izikhathi, isikhulumi singafunda isigaba noma umusho bese sichaza kabanzi.
7 Uma sizuza ngokugcwele ekuqeqeshweni esikunikezwa esikoleni, siyokwazi ‘ukushumayela izwi’ kangcono ngendlela ebonisa ‘ubuciko obuhle bokufundisa.’—2 Thim. 4:2.