OFakazi BakaJehova—Abavangeli Beqiniso
1 UJesu Kristu wanikeza bonke abafundi bakhe umthwalo wemfanelo wokushumayela, ebatshela ngokuqondile ukuba bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso. (Math. 24:14; IzE. 10:42) Abafundi bakhe bokuqala babeka isibonelo kulokhu njengoba babekhuluma ngoMbuso ngaphandle kokuyekethisa—hhayi nje kuphela ezindaweni zokukhulekela kodwa nanoma yikuphi lapho babehlangana khona nabantu ezindaweni zomphakathi nasendlini ngendlu. (IzE. 5:42; 20:20) Njengoba singoFakazi BakaJehova namuhla, siye sazibonakalisa singabavangeli beqiniso abangamaKristu, sishumayela umyalezo woMbuso emazweni angu-232 futhi sibhapathiza abafundi abasha abangaphezu kwesigidi eminyakeni nje emithathu edlule! Kungani umsebenzi wethu wokushumayela uye waphumelela kangaka?
2 Izindaba Ezinhle Ziyasijabulisa: Abavangeli bangabashumayeli, noma izigijimi zezindaba ezinhle. Njengoba siyilokho, sinelungelo elijabulisayo lokumemezela uMbuso kaJehova—okuwukuphela kwezindaba ezinhle ngempela ezingase zinikezwe isintu esicindezelekile. Sisha amashushu ngolwazi esiye saluzuza kusengaphambili oluphathelene namazulu amasha azobusa ngokulunga umhlaba omusha ozokwakhiwa isintu esithembekile ePharadesi elizayo. (2 Pet. 3:13, 17) Yithina kuphela esinaleli themba, futhi sishisekela ukulihlanganyela nabanye.
3 Uthando Lweqiniso Luyasishukumisa: Ukushumayela kuwumsebenzi osindisa ukuphila. (Roma 1:16) Yingakho kusijabulisa kakhulu ukusakaza umyalezo woMbuso. Njengoba singabavangeli beqiniso, siyabathanda abantu, futhi lokho kusishukumisela ukuba sihlanganyele nabo izindaba ezinhle—imikhaya yethu, omakhelwane, abantu esijwayelene nabo kanye nabanye abaningi ngangokunokwenzeka. Ukwenza lomsebenzi ngomphefumulo wonke kungenye yezindlela ezinhle kakhulu esingabonakalisa ngazo uthando lwethu lweqiniso ngabanye.—1 Thes. 2:8.
4 Umoya KaNkulunkulu Uyasisekela: IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa ukuthi uma senza umsebenzi wethu wokutshala nokunisela imbewu yoMbuso, nguJehova “okhulisayo.” Yilokho kanye esikubona kwenzeka enhlanganweni namuhla. (1 Kor. 3:5-7) Umoya kaNkulunkulu osisekelayo emsebenzini wethu wobuvangeli futhi usenze sibe nempumelelo enkulu.—Joweli 2:28, 29.
5 Kwangathi isikhuthazo esikweyesi-2 Thimothewu 4:5 ‘sokwenza umsebenzi womvangeli’ nokuthanda kwethu bonke abantu, kungasishukumisela ukuba sihlanganyele nabo izindaba ezinhle zoMbuso ezijabulisayo ngawo wonke amathuba, siqiniseka ukuthi uJehova uyoqhubeka ewubusisa umsebenzi wethu.