Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/98 k. 1
  • Yeka Ukuthi Kuhle Kanjani Ukuba Khona Njalo!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yeka Ukuthi Kuhle Kanjani Ukuba Khona Njalo!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye Ukuze Sikhulekele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Kungakuzuzisa Ngani Ukuya Emihlanganweni YoFakazi BakaJehova?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukwazisa Imibuthano YobuKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Uyini Umkhuba Wakho?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 7/98 k. 1

Yeka Ukuthi Kuhle Kanjani Ukuba Khona Njalo!

1 Amashumi amaningi eminyaka, abaningi babafowethu abathandekayo babevinjelwe ukuhlangana obala eMpumalanga Yurophu. Cabanga ngenjabulo ababa nayo lapho ukuvinjelwa kususwa futhi sebekwazi ukuhlangana ndawonye ngenkululeko!

2 Ngokuphathelene nokuhambela kwakhe elinye lamabandla anjalo, umbonisi wesifunda wabhala: “NgoLwesibili kusihlwa, lapho nje ukuhambela kwami kuqala, isimiso sokushisisa saphuka. Ngaphandle, ukubanda kwakungaphansi kwezinga-qhwa, ngaphakathi kwakungaba ama-degree Fahrenheit angu-40 [5° C.] kuphela. Abazalwane babehlezi begqoke amajazi, izikhafu, amagilavu, izigqoko namabhuzu. Akekho owayekwazi ukubheka imiBhalo, ngoba kwakungenakwenzeka ukuvula amakhasi eBhayibheli. Njengoba ngangimi endaweni yesikhulumi ngigqoke isudi, ngase ngomile amakhaza, futhi lapho ngikhuluma ngangibona umoya engiwuphefumulayo. Kodwa okwangihlaba umxhwele ukuthi angizange ngizwe nokuncane ukukhononda. Bonke abazalwane bathi kwakungeve kube mnandi futhi kwaba kuhle ukuba khona!” Labo bazalwane abazange bakucabange nakukucabanga ukuphuthelwa yilowo mhlangano!

3 Ingabe Sizizwa Ngaleyo Ndlela? Ingabe siyalazisa ithuba lokubuthana ngokukhululekile emihlanganweni yethu yamasonto onke? Noma ingabe siyithatha kalula imihlangano lapho izimo zivuma? Ukuba khona njalo emihlanganweni kungase kungabi lula, futhi kungase kube nezikhathi lapho sinesizathu esizwakalayo sokungabi bikho. Nokho, ungalokothi ukhohlwe ukuthi phakathi kwethu kukhona abathile okuthi naphezu kokukhula ngeminyaka, izinkinga ezinkulu zempilo, ukukhubazeka ngokomzimba, izimiso zomsebenzi ezikhandlayo neminye imithwalo yemfanelo engathi sína, bakubone ukubaluleka kwemihlangano futhi bahlale bekhona cishe njalo. Yeka izibonelo ezinhle esingazilingisa!—Qhathanisa noLuka 2:37.

4 Masikwenze umkhuba ukusekela ukukhulekela kweqiniso ngokuba khona kuyo yonke imihlangano yamaKristu, kusukela esifundweni sencwadi seqembu esincane kuya emhlanganweni omkhulu wesigodi. Kungani kufanele sibheke ukuba khona kule mibuthano njengokungathi sína kangaka? Ngoba kuwumyalo waphezulu ukuba sibuthane ndawonye. Kodwa kunezinye futhi izizathu ezibalulekile. Sonke siyazidinga izinzuzo zemfundo yaphezulu nosizo lomoya ongcwele, okutholakala emihlanganweni. (Math. 18:20) Ukukhuthazana kuyasakha lapho siba nobudlelwane nabafowethu.—Heb. 10:24, 25.

5 Ekuguqulweni kukaJesu isimo, uPetru wathi, “Mfundisi, kuhle ukuba sibe lapha.” (Luka 9:33) Kufanele sizizwe ngokufanayo ngayo yonke imihlangano yethu yamaKristu. Ngempela, yeka ukuthi kuhle kanjani ukuba khona njalo!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela