Ababonisi Bayahola—Umbonisi Owengamele
1 Ukukhonza njengombonisi ebandleni kuwumthwalo wemfanelo ongathi sína. (IzE. 20:28; 1 Thim. 3:1) Lesi isihloko sokuqala sochungechunge oluzochaza imisebenzi ehlukahlukene yabadala abangamaKristu ukuze sonke siyazise imisebenzi ebalulekile abasenzela yona.
2 INhlangano imisa umbonisi owengamele ukuba akhonze isikhathi esinganqunyiwe. Njengoba umbonisi owengamele exhumanisa izindaba, lokhu kusiza abadala ukuba bayinakekele kahle imisebenzi abayabelwe. (Ukuhlelelwa, k. 41) Lokhu kuhlanganisani?
3 Umbonisi owengamele wamukela izincwadi ezibhalelwe ibandla abese ezidlulisela ngokushesha kunobhala ozisingathayo. Lapho elungiselela imihlangano yabadala, umbonisi owengamele uthola ukusikisela kwabadala ngezindaba okufanelwe kuxoxwe ngazo abese enza isimiso. Futhi ukhonza njengosihlalo emihlanganweni yabadala. Lapho kwenziwa izinqumo, uyaqikelela ukuba ziyalandelwa. Uqondisa ukulungiselelwa koMhlangano Wenkonzo kanye nesimiso sezinkulumo zeningi. Ugunyaza zonke izaziso ezenziwa ebandleni, agunyaze ukukhokhelwa kwazo zonke izindleko zebandla, futhi aqikelele ukuba kubalwa izimali zebandla njalo ngemva kwezinyanga ezintathu.
4 Njengosihlalo, umbonisi owengamele uqondisa umsebenzi weKomiti Yenkonzo Yebandla. Lapho umfundi weBhayibheli ecela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe noma lapho ummemezeli ongabhapathizwe efuna ukubhapathizwa, umbonisi owengamele uhlela ukuba abadala babonane naye. Umbonisi owengamele uyahola nasekulungiseleleni ukuhambela kombonisi wesifunda ukuze ibandla lizuze ngokugcwele emsebenzini wesonto elikhethekile.
5 Imisebenzi yombonisi owengamele miningi futhi inhlobonhlobo. Njengoba enakekela imithwalo yakhe yemfanelo ngokuthobeka “ngenkuthalo yangempela,” sonke singafeza ingxenye yethu ngokubambisana nabadala. (Roma 12:8) Uma ‘silalela’ futhi ‘sizithoba’ kulabo abaholayo phakathi kwethu, umsebenzi wabo bayowenza ngenkulu injabulo.—Heb. 13:17.