Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/99 k. 1
  • Zisebenzise Ngokunenzuzo Izincwadi Ezindala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zisebenzise Ngokunenzuzo Izincwadi Ezindala
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle​—Ngezincwadi Ezindala
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Zisebenziseni Ningazigcini Nje
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Okuqukethwe Yilencwadi
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
km 10/99 k. 1

Zisebenzise Ngokunenzuzo Izincwadi Ezindala

1 Kuwo wonke amagumbi omhlaba, umuntu uye wagcina izigidi zezincwadi ezindala emitatsheni yezincwadi. Noma kunjalo, ziye zaba nayiphi inzuzo ehlala njalo emkhayeni wesintu? (UmSh. 12:12) Izincwadi ezibalulekile yilezo ezigxila eMbusweni kaNkulunkulu nalokho ozokwenzela isintu. Amabandla amaningi anezinhlobonhlobo zezincwadi ezinjalo esitokweni, ezanyatheliswa ngaphambi kuka-1986. Njengoba lena kuyinyanga yokugcina yomkhankaso wensimu engabelwe, kufanele siqikelele ukuthi siyazihambisa lezi zincwadi ezindala kubantu.

2 Zinenzuzo Yangempela: Nakuba abanye kithina bengase babe nomuzwa wokuthi lezi zincwadi sezeqiwe isikhathi uma ziqhathaniswa nezintsha, kumelwe sikhumbule ukuthi ziqukethe iqiniso elingokomBhalo. Ngakho-ke, kufanele senze umzamo owengeziwe wokuzisebenzisa ngokunenzuzo lezi zincwadi ezindala ensimini yebandla nasensimini engabelwe.

3 Okuhlangenwe nakho kowesifazane owazuza ifa lezincwadi eziningi ezindala ze-Watch Tower kugogo wakhe, kugcizelela ukuba yinzuzo kwazo. UFakazi wabuza lona wesifazane ukuthi wayazi yini ukuthi zizuzisa kangakanani lezi zincwadi. Owesifazane waphendula: “Angazi, kodwa ngingakwazi kanjani lokho?” Lona wesifazane wasivuma isifundo seBhayibheli, wangena eqinisweni, futhi kamuva waba yigugu kuyena umtapo kagogo wakhe. Yeka ifa eliyigugu lezo zincwadi ezindala ezaba yilo!

4 Zisakaze: Ngaphandle kokuhambisa izincwadi ezindala endlini ngendlu nasensimini engabelwe, qikelela ukuba uzihambise lapho wenza izimpindelo kubantu owaziyo ukuthi bayakujabulela ukufunda izincwadi zethu, kuhlanganise nalabo abanezikhokhelo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! nabasemzileni wakho kamagazini. Kulabo ofunda nabo iBhayibheli, izincwadi ezithile ezindala zingabanikeza ulwazi oluyisisekelo oluyokwandisa ukuqonda kwabo iqiniso. Ungakhohlwa ukuzitholela noma iziphi izincwadi ezindala ezingekho emtatsheni wakho siqu.

5 Kunokuba sizigcine izincwadi zethu ezindala, masizisebenzise ngokunenzuzo ukuba sishukumise abantu esihlangana nabo ukuba ‘besabe uNkulunkulu, bagcine imiyalo yakhe.’—UmSh. 12:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela