IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-January: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R19,00, noma nethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R11,50. Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile, noma nanoma iyiphi incwadi enamakhasi angu-192 eninayo esitokweni ngomnikelo ka-R1,00. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile, noma nanoma iyiphi incwadi enamakhasi angu-192 eninayo esitokweni ngomnikelo ka-R1,00. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya ngencwadi Ulwazi. Ngo-April: Omagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Hlala uphethe incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ukuze uyinikeze abantu abathakazelayo, futhi uzame ukuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
◼ Bonke abamemezeli ababhapathiziwe abayobe bekhona eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto lika-January 18 bayonikezwa ikhadi i-Advance Medical Directive/Release ne-Identity Card yezingane zabo.
◼ Kusukela ngo-February, futhi engakadluli u-March 1, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda izoba nesihloko esithi “Ungokoqobo Kangakanani UNkulunkulu Kuwe?”
◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo okugubha iSikhumbuzo salo nyaka ngoLwesine, April 1, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase isheshe iqale, izifanekiselo zeSikhumbuzo akufanele zihanjiswe ilanga lingakashoni. Buzani emithonjeni yokwaziswa yendawo ukuthi ilanga lizoshona nini endaweni yakini. Nakuba kukuhle ukuba ibandla ngalinye ligubhe iSikhumbuzo salo lilodwa, kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe ibandla elilodwa noma ngaphezulu angasebenzisa enye indawo ngalobo busuku. Uma kungenzeka, sisikisela ukuba kube nemizuzu engu-40 phakathi nesikhathi semihlangano ukuze kube nesikhathi sokubingelela izivakashi, sokukhuthaza abasanda kuhlanganyela nesokuzuza ngokugcwele kulesi senzakalo. Kufanele futhi kucatshangelwe izinkinga zokuminyana kwezimoto nezokupaka, kuhlanganise nendawo yokwehlisa abagibeli neyokubalanda. Abadala kufanele banqume ukuthi yimaphi amalungiselelo ayosebenza kangcono kakhulu ebandleni.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yangesikhathi seSikhumbuzo ngo-1999 iyonikezwa ngeSonto, April 18. Isihloko senkulumo siyothi “Ubungane Beqiniso NoNkulunkulu Kanye Nomakhelwane.” Uhlaka nizoluthunyelelwa. Amabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda, enomhlangano wesifunda, noma umhlangano okhethekile wosuku olulodwa ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 18, 1999.
◼ INhlangano ithanda ukubabonga kakhulu bonke abasukumela phezulu ngokunikeza usizo abafowethu phakathi nezinxushunxushu zezombangazwe zaseLesotho ngonyaka odlule.
U-April 10, 1999, uyoba uSuku Lukamagazini olukhethekile. Esikhathini esidlule abaningi baye bakujabulela ukuhlanganyela emisebenzini yoSuku Lukamagazini. Kungani ungaqali ukuhlela manje ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulo nyaka? Amabandla kufanele afake ama-oda akhethekile omagazini ngokushesha ngangokunokwenzeka.