Izindaba Ezingokwasezulwini
◼ ENingizimu Afrika: Ngenyanga ka-April, May, no-June kwanikezelwa amaHholo OMbuso alandelayo: iMakhakhe neLeribe eLesotho, iScottburgh, iKokstad, iZingolweni naKwa-Nzimakwe KwaZulu Natal. Ngenxa yokuthi iHholo LoMbuso laseWestonaria landiswa futhi lavuselelwa kabusha nalo liphinde lanikezelwa. Wonke la mabandla akwazisa kakhulu ukuzikhandla kothando kwamaKomiti Okwakha Ezifunda kanye nazo zonke izisebenzi zokuzithandela ezawasiza ekwakheni izindawo zawo zokukhulekela.