Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/02 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 1/02 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngo-January: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-February: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, unombono wokuqala izifundo zeBhayibheli.

◼ Bonke abamemezeli ababhapathiziwe abakhona eMhlanganweni Wenkonzo wesonto lika-January 14 bangathola ikhadi i-Advance Medical Directive/Release kanye ne-Identity Card yabantwana babo.

◼ Kusukela ngo-February futhi engakadluli u-March 3, isihloko senkulumo yeningi entsha yababonisi abajikelezayo siyothi “Ukuthola Ukulondeka Ezweni Eligcwele Izingozi.”

◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanele okugubha iSikhumbuzo kulo nyaka ngoLwesine, March 28, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase isheshe iqale, ukudluliswa kwezifanekiselo akumelwe kuqale kuze kube ngemva kokushona kwelanga. Hlolani emithonjeni yendawo ukuze nithole ukuthi lishona nini ilanga endaweni yakini. Nakuba kufiseleka ukuba ibandla ngalinye libe nowalo umkhosi wokugubha iSikhumbuzo, kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho amabandla amaningana ngokuvamile esebenzisa iHholo LoMbuso elifanayo, mhlawumbe ibandla elilodwa noma ngaphezulu angase afune enye indawo ayoyisebenzisa ngalokho kuhlwa. Lapho kunokwenzeka khona, singasikisela ukuba kube nemizuzu engengaphansi kwengu-40 ngemva komhlangano webandla ngalinye ukuze bonke bazuze ngokugcwele kulesi senzakalo, babe nesikhathi sokubona abavakashile nokukhuthaza abasha abathakazelayo. Kufanele kucatshangelwe ukuminyana kwezimoto nendawo yokupaka, kuhlanganise nokwehlisa noma ukuthatha abagibeli. Indikimba yabadala kufanele inqume ukuthi yimaphi amalungiselelo ayoba angcono kakhulu ebandleni.

◼ Lapho umbonisi owengamele ethola isitatimende esivela ehhovisi legatsha inyanga ngayinye, kufanele aqiniseke ukuthi ibandla liyaziswa ngokubongwa kwayo yonke iminikelo yeSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso neyomsebenzi womhlaba wonke embikweni wezimali olandelayo.

◼ I-Phaphama! yesiBemba iyashintsha isuka ekubeni umagazini ophuma kanye ngenyanga iba umagazini ophuma kane ngonyaka.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Apply Yourself to Reading and Writing—isiSuthu, isiXhosa

New World Translation of the Holy Scriptures—isiShayina, isiShayina (Esenziwe lula)

◼ Amakhasethi E-video Amasha Atholakalayo:

The Greatest Man Who Ever Lived—On Videocassette, Umqulu 4—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela