Gqokani Ukuthobeka
1 Umfana ongumalusi uthembela kuJehova futhi unqoba iqhawe elinamandla. (1 Sam. 17:45-47) Indoda enothile ikhuthazelela usizi ngesineke. (Jobe 1:20-22; 2:9, 10) lNdodana kaNkulunkulu ithi imfundiso yayo ivela kuYise. (Joh. 7:15-18; 8:28) Esibonelweni ngasinye kulezi, ukuthobeka kwafeza indima ebalulekile. Ngokufanayo nanamuhla, ukuthobeka kubalulekile ezimweni esibhekana nazo.—Kol. 3:12.
2 Lapho Sishumayela: Njengezikhonzi ezingamaKristu, sitshela abantu bazo zonke izinhlobo izindaba ezinhle ngokuthobeka, futhi asibahluleli kusengaphambili ngenxa yohlanga lwabo, isiko, noma isizinda. (1 Kor. 9:22, 23) Uma abanye bedelela noma ngokuzazisa benqaba isigijimi soMbuso, asiphindiseli kodwa ngesineke siyaqhubeka sifuna abafanelekayo. (Math. 10:11, 14) Kunokuzama ukuhlaba abanye umxhwele ngolwazi lwethu noma imfundo, sibayisa eZwini likaNkulunkulu, siqaphela ukuthi likholisa kakhulu ukudlula noma yini esingase siyisho. (1 Kor. 2:1-5; Heb. 4:12) Silingisa uJesu, siyisa lonke udumo kuJehova.—Marku 10:17, 18.
3 Ebandleni: AmaKristu kumelwe futhi ‘abhince isimo sengqondo sokuthobelana.’ (1 Pet. 5:5) Uma sibheka abanye njengabakhulu kunathi, siyofuna izindlela zokukhonza abafowethu kunokulindela ukuba bona basikhonze. (Joh. 13:12-17; Flp. 2:3, 4) Ngeke sicabange ukuthi ayisifanele imisebenzi enjengokuhlanza iHholo LoMbuso.
4 Ukuthobeka kusisiza ukuba ‘sibekezelelane ngothando’ ngaleyo ndlela kwenza kube nokuthula nobunye ebandleni. (Efe. 4:1-3) Kusisiza ukuba sibathobele labo abamiselwe ukuhola. (Heb. 13:17) Kusenza samukele noma isiphi iseluleko noma isiyalo esingase sisinikezwe. (IHu. 141:5) Futhi ukuthobeka kusenza sithembele kuJehova lapho senza noma isiphi isabelo esingase sisithole ebandleni. (1 Pet. 4:11) NjengoDavide, siyaqaphela ukuthi impumelelo ayixhomekile ekhonweni lomuntu kodwa esibusisweni sikaNkulunkulu.—1 Sam. 17:37.
5 Phambi KukaNkulunkulu Wethu: Ngaphezu kwakho konke, kudingeka ‘sizithobe ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla.’ (1 Pet. 5:6) Uma sibhekene nezimo ezilingayo, singase silangazelele ukukhululeka okuyolethwa uMbuso. Kodwa ngokuthobeka siyabekezela, silindela uJehova ukuba afeze izithembiso zakhe ngesikhathi sakhe asimisile. (Jak. 5:7-11) Njengoba kwakunjalo ngomgcini wobuqotho uJobe, into esikhathazeka ngayo kakhulu ukuthi ‘liqhubeke lituswa igama likaJehova.’—Jobe 1:21.
6 Umprofethi uDaniyeli ‘wazithoba phambi kukaNkulunkulu wakhe’ futhi wabusiswa ngomusa kaJehova namalungelo amaningi amahle. (Dan. 10:11, 12) Kwangathi nathi ngokufanayo singagqoka ukuthobeka, sazi ukuthi “umphumela wokuthobeka nokwesaba uJehova yingcebo nodumo nokuphila.”—IzAga 22:4.