IZaziso
◼ Isipho ngo-September: Hambisa incwadi Ulwazi. Ngo-October: Umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kuboniswa khona isithakazelo, hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, wenze umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-November: Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Uma abantu sebenazo kakade lezi zincwadi, kungahanjiswa ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso noma enye endala. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma ungahambisi yona, ungasebenzisa incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli noma ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Ungayihambisa nethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni uma ibandla linayo esitokweni.
◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandele iziqondiso ezanikezwa kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, emakhasini 21-3 eziphathelene nabantu abasusiwe noma abazihlukanisa okungenzeka sebethanda ukubuyiselwa.
◼ NgoMgqibelo, ngo-October 18, 2003, iKhaya LaseBethel nendawo yokunyathelisa kuyobe kuvaliwe ukuze kuhlanzwe. Ngalelo langa ngeke abe khona amalungiselelo okuba amabandla alande izincwadi zawo.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2004, INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004 kanye nethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2004 e-odeni lawo lezincwadi lika-September. IKhalenda Lika-2004 linga-odwa ngesiBemba, isiBhunu, isiChewa, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiShona, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. INcwadi Yonyaka Ka-2004 inga-odwa ngesiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiJapane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiShayina, iSpanishi, isiSuthu, isiTsonga, isiXhosa nangesiZulu. Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2004 kunga-odwa ngesiBhunu, isiChewa, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiJapane, isiKwanyama, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPedi, isiPutukezi, isiPolishi, isiShayina, isiShona, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiTumbuka, isiVenda, isiXhosa nangesiZulu. Ohlwini lwezincwadi ezithunyelwe ebandleni kuyobhalwa ukuthi “Kusazothunyelwa” kuze kube yilapho lezi zinto sezitholakala futhi sezithunyelwa. Lokhu kuyizinto ezi-odwa ngokukhethekile, okusho ukuthi kufanele ibandla liku-ode kuphela uma kunama-oda aqondile omuntu ngamunye. (Bheka IZiqondiso Ze-Watch Tower Zoku-oda Izincwadi, Ingxenye 3.)
◼ SICELA NIPHAWULE: Kunoshintsho emihlanganweni yesigodi elandelayo:
December 12-14:
E-East London (isiNgisi) Umhlangano omusha
December 19-21:
EPort Elizabeth (isiBhunu/isiNgisi) Isimiso esiqhutshwa ngezilimi ezimbili
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso—Ebhalwe Ngokugqamile—isiNgisi, isiPutukezi, isiShona
Sondela KuJehova—Ebhalwe Ngokugqamile—isiChewa, isiNgisi, isiPutukezi, isiShona, isiZulu
Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade—Ebhalwe Ngokugqamile—isiNgisi, isiPutukezi