IZaziso
◼ Isipho sango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-July nango-August: Ungaba Umngane KaNkulunkulu! nethi Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile? nanoma iyiphi enye incwajana ehanjiswa ensimini ibandla elinayo esitokweni.
◼ Kwaqhutshwa iMihlangano Yesigodi ethi “Hlalani Nilindile!” engu-64 eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Okuthakazelisa kakhulu yimihlangano emithathu yezizwe eyayiseNingizimu Afrika, eyaba nengqikithi yabangu-44 618 ababa khona, futhi kwabhapathizwa abangu-324. Bonke bathinteka ngothando olwaboniswa abafowethu bamazwe ngamazwe.
Ababekhona Ababhapathizwa
EBotswana 3 732 53
ELesotho 6 657 169
ENamibia 3 028 71
ENingizimu Afrika 174 993 2 206
ESt. Helena 163 -
ESwazini 6 972 97
INGQIKITHI 195 545 2 596