Amazwibela Ombiko Wenkonzo
Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2011, wonke amazwe angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika abe nokwanda kwabamemezeli, kusukela ephesentini elilodwa kuya kwamahlanu. ENingizimu Afrika kubhapathizwe abafundi abasha abangu-4 337, eSikhumbuzweni kwaba nabangu-216 543. ESwazini manje sekunesilinganiso sommemezeli oyedwa kubantu abangu-388. ESt. Helena isilinganiso singummemezeli oyedwa kwabangu-35. INcwadi Yonyaka Ka-2012 izosinika imininingwane egcwele yomsebenzi umuhle kakhulu ofezwe engxenyeni yensimu yethu.