IZaziso
◼ Isipho sango-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? noma Ungathanda Ukwazi Iqiniso? Ngo-July nango-August: Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu nanoma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 ekhona esitokweni. Ngo-September nango-October: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Wonke amapheshana nezimemo ozihambisile noma ozishiye emizini engenabantu kufanele uzibhale esikhaleni esithi “Izincwajana Namapheshana” lapho ugcwalisa umbiko wakho wenkonzo yasensimini ekupheleni kwenyanga. Lapho umuntu ebonisa isithakazelo futhi amukela incwadi, ngisho nepheshana, kufanele kwenziwe umzamo wokubuyela kuye ukuze kuhlakulelwe isithakazelo.
◼ Kusukela ngesonto lika-October 19, 2015, kuzofundwa incwadi ethi Lingisa Ukholo Lwabo eSifundweni SeBhayibheli Sebandla. Amabandla adinga izincwadi ezengeziwe kufanele azi-ode e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Labo abasebenzisa imishini yobuchwepheshe kufanele bayidawunilode kuyi-jw.org kunokuba bathathe incwadi.