Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-October 26, 2015.
Ukulandisa okukweyesi-2 AmaKhosi 13:18, 19 kukubonisa kanjani ukubaluleka kokukhonza uNkulunkulu ngentshiseko nangenhliziyo yonke? [Sept. 7, w10 4/15 k. 26 isig. 11]
Ubani owayebusa kwa-Israyeli ngesikhathi uJona ekhonza njengomprofethi, futhi singafundani ngenkonzo kaJona ngokwalokho okulotshwe kweyesi-2 AmaKhosi 14:23-25? [Sept. 7, w09 1/1 k. 25 isig. 4]
U-Ahazi wakubonisa kanjani ukungalethembi izwi likaNkulunkulu elakhulunywa umprofethi u-Isaya, futhi yimuphi umbuzo esingazibuza wona lapho senza izinqumo ezibalulekile? (2 AmaKh. 16:7) [Sept. 14, w13 11/15 k. 17 isig. 5]
Yiliphi iqhinga elasetshenziswa uRabishake elisetshenziswa abaphikisi babantu bakaNkulunkulu namuhla, futhi iyiphi imfanelo engasisiza senqabe ukucabanga okungamanga kwabaphikisi? (2 AmaKh. 18:22, 25) [Sept. 14, w10 7/15 k. 13 izig. 3-4]
Isibonelo sikaJosiya sokuthobeka sisisiza kanjani ukuba sizuze kakhudlwana ekufundeni nasekutadisheni kwethu iBhayibheli? (2 AmaKh. 22:19, 20) [Sept. 21, w00 3/1 k. 30 isig. 2]
Imivubukulo ikuqinisekisa kanjani ukuba khona kwamakhosi amabili okukhulunywa ngawo kweyesi-2 AmaKhosi 25:27-30? [Sept. 28, w12 6/1 k. 5 izig. 2-3]
Yiziphi izicelo ezintathu uJabezi azenza kuJehova, futhi lokhu kusifundisani ngomthandazo? (1 IziKr. 4:9, 10) [Oct. 5, w10 10/1 k. 23]
Imiphumela yempi echazwe kweyoku-1 IziKronike 5:18-22 ingasiqinisa kanjani ukuba siqhubeke nempi yethu engokomoya ngesibindi? [Oct. 12, w05 10/1 k. 9 isig. 7]
Kungani uDavide akwazi ukuqonda futhi ahloniphe umyalo kaJehova ngobungcwele begazi, futhi isibonelo sikaDavide kufanele sisishukumisele ukuba senzeni? (1 IziKr. 11:17-19) [Oct. 19, w12 11/15 kk. 6-7 izig. 12-14]
Yini uDavide anganakanga ukuyenza lapho ezama ukubuyisela umphongolo wesivumelwano eJerusalema, futhi yisiphi isifundo esibalulekile esingasifunda kulokhu kulandisa? (1 IziKr. 15:13) [Oct. 26, w03 5/1 kk. 10-11 izig. 11-13]