AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | HEZEKELI 42-45
Abantu Babezophinde Bakhonze UJehova Ngendlela Efanele!
Umbono kaHezekeli wethempeli waqinisekisa amaJuda athembekile ayesasele ekudingisweni ngokuthi ayezophinde akwazi ukukhonza uNkulunkulu ngendlela efanele. Ngesikhathi esifanayo, wabakhumbuza ukuthi indlela efanele yokukhonza uJehova yayiphakeme.
Abapristi babefundisa abantu indlela uJehova ayefuna baphile ngayo
Bhala ezinye zezibonelo ezibonisa ukuthi inceku ethembekile neqondayo isifundise kanjani ukubona umehluko phakathi kokungcolile nokuhlanzekile. (kr 110-117)
Abantu babebasekela abaholayo
Iziphi ezinye zezindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyabasekela abadala bebandla?