Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb17 Okthoba k. 3
  • Indlela Ongaba Ngayo Umfundi Okhuthele WemiBhalo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Ongaba Ngayo Umfundi Okhuthele WemiBhalo
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uthembisa UDaniyeli Umvuzo Omuhle Kakhulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Ingabe UNkulunkulu Uyakukhathalela Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Incwadi KaDaniyeli Kanye Nawe
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Ukubona Abakhulekeli Beqiniso Esikhathini Sokuphela
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
mwb17 Okthoba k. 3

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Indlela Ongaba Ngayo Umfundi Okhuthele WemiBhalo

Uyafisa yini ukuthembeka njengoDaniyeli lapho uvivinywa? UDaniyeli wayetadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo, ngisho neziprofetho ezijulile. (Dan 9:2) Ukutadisha iBhayibheli ngenkuthalo kungakusiza uhlale uthembekile. Kanjani? Kungakwenza ukholelwe nakakhulu ukuthi izithembiso zikaJehova zizogcwaliseka. (Josh 23:14) Kungakusiza nangokuba umthande nakakhulu uNkulunkulu, bese uba nesifiso sokwenza okulungile. (IHu 97:10) Kodwa ungaqalaphi? Cabanga ngala macebiso alandelayo.

UDaniyeli utadisha iZwi likaNkulunkulu
  • Yini engingafunda ngayo? Enye indlela enhle yokutadisha njalo iwukulungiselela imihlangano yebandla. Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke kungakuzuzisa nakakhulu uma uzinika isikhathi sokucwaninga ngamaphuzu ongawaqondi. Ngaphezu kwalokho, abanye baye bakhetha ukufunda okwengeziwe ngeziprofetho zeBhayibheli, izithelo ezihlukahlukene zomoya kaNkulunkulu, izindawo ezazihanjwa umphostoli uPawulu njengoba ayeyisithunywa sevangeli. Ungafunda ngisho nangendalo kaJehova. Uma uke wacabanga ngombuzo ophathelene neBhayibheli phakathi nosuku, wubhale phansi ukuze ucwaninge ngawo lapho usutadisha.

  • Ngingazitholaphi izinto engingazisebenzisa lapho ngitadisha? Ukuze uthole ezinye zezinto ongazisebenzisa, bukela ividiyo ethi Amathuluzi Okucwaninga Ukuze Uthole Amagugu Angokomoya. Ukuze uzihlole, cwaninga ngokuthi ingobani imibuso yezwe efanekiselwa izilo kuDaniyeli isahluko 7.

  • Ngingatadisha isikhathi esingakanani? Ukutadisha njalo yikona okuzokusiza uqinise ubuhlobo bakho noNkulunkulu. Uma kudingeka, ungaqala ngokuchitha isikhashana nje utadisha, bese usandisa kancane kancane. Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kufana nokumba ingcebo efihliwe; njengoba uqhubeka uyithola, uyofisa nakakhulu uqhubeka umba! (IzA 2:3-6) Uyolilangazelela ngokwengeziwe iZwi likaNkulunkulu futhi uyohlale ulitadisha njalo iBhayibheli.—1Pet 2:2.

    Ukuze uthole amacebiso azokwenza ukujabulele ukutadisha, bheka i-Phaphama! kaFebhuwari 2012 kk. 18-20.

ZIMELELANI IZILO EZIKUDANIYELI ISAHLUKO 7?

  • Isilo esinjengebhubesi esinamaphiko okhozi

    Dan 7:4

  • Isilo esinjengebhere esiphethe izimbambo ezintathu emlonyeni

    Dan 7:5

  • Isilo esinjengengwe esinamakhanda amane nezimpiko ezine emhlane

    Dan 7:6

  • Isilo esesabekayo esinamazinyo amakhulu ensimibi nezimpondo eziyishumi

    Dan 7:7

OMUNYE UMBUZO:

Wagcwaliseka kanjani uDaniyeli 7:8, 24?

Kwavela uphondo oluncane olunamehlo nomlomo phakathi kwezimpondo eziyishumi, lwancontula izimpondo ezintathu zokuqala

ONGAKUFUNDA NGOKUZAYO:

Zimelelani izilo ezisencwadini yesAmbulo isahluko 13?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela