AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 6-7
Qhubekani Nifuna UMbuso Kuqala
Emthandazwani wakhe oyisibonelo, uJesu wabonisa ukuthi izinto eziphathelene nenjongo kaJehova noMbuso kufanele zize kuqala ekuphileni kwethu.
Igama likaNkulunkulu
UMbuso kaNkulunkulu
Intando kaNkulunkulu
Isinkwa sosuku nosuku
Intethelelo yezono
Ukumelana nezilingo
Ezinye izinto eziphathelene noMbuso mina engingazithandazela:
Ukuba uqhubekele phambili umsebenzi wokushumayela
Ukuba umoya ongcwele kaNkulunkulu usekele labo ababhekene novivinyo
Ukuba uNkulunkulu abusise imisebenzi yokwakha izakhiwo ezisekela uMbuso noma imikhankaso yokushumayela
Ukuba labo abaholayo bathole amandla nokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu
Okunye