UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Thobeka—Gwema Ukuqhosha
Ukuqhosha kuwubufakazi bokuthi umuntu ukhukhumele futhi akubakhi abalalele. Ngenxa yalokho, iBhayibheli lithi: “Kwangathi ungadunyiswa yisihambi, kungabi ngumlomo wakho.”—IzA 27:2.
BUKELA IVIDIYO ETHI YIBA UMNGANE KAJEHOVA—YIBA OTHOBEKILE, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Yiziphi izinto abantu abavame ukuqhosha ngazo?
UKhwezi ubemqhoshela ngani umngane wakhe?
Ubaba kaKhwezi wamsiza kanjani umfana wakhe?
Eyoku-1 Petru 5:5 ingasisiza kanjani ukuba sithobeke?