UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Qiniseka Ngokuthi UJehova Unothando Oluqotho
Uyigugu kuJehova. (Isay 43:4) Ukudonsele kuye nasenhlanganweni yakhe. Ngenxa yokuthi uzinikezele futhi wabhapathizwa, ungokaJehova. Uzokunakekela njengempahla yakhe ekhethekile, ngisho nalapho izimo zinzima. Uzokubonisa uthando lwakhe oluqotho ngenhlangano yakhe.—Hu 25:10.
Ukuhlola lokho inhlangano kaJehova eye yakwenza lapho kuvele khona izinhlekelele kulezi zikhathi, kuzoqinisa indlela esilwazisa ngayo uthando lukaJehova oluqotho.
BUKELANI IVIDIYO ETHI UMBIKO WEKOMITI YABAXHUMANISI KA-2019 BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
IKomiti Yabaxhumanisi iwalungiselele kanjani amahhovisi amagatsha emhlabeni wonke ukuze asize lapho kuvele khona izinhlekelele?
Inhlangano kaJehova yakhipha ziphi iziqondiso futhi yabasiza kanjani abafowethu ababevelelwe yinhlekelele e-Indonesia naseNigeria?
Yini oyithandile kulokho okwenziwe inhlangano ukuze ibhekane nobhubhane lwe-COVID-19?