EPHRELI 28–MEYI 4
IZAGA 11
Ingoma 90 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)
1. Ungasho Lutho!
(10 imiz.)
Ungasho lutho oluzolimaza “umakhelwane” wakho (IzA 11:9; w02 5/15 26 ¶4)
Ungasho lutho oluzodala ukwahlukana (IzA 11:11; w02 5/15 27 ¶2-3)
Ungazidaluli izimfihlo (IzA 11:12, 13; w02 5/15 27 ¶5)
ONGAZINDLA NGAKHO: Amazwi kaJesu akuLuka 6:45 asisiza kanjani sigweme ukukhuluma izinto ezizolimaza abanye?
2. Amagugu Angokomoya
(10 imiz.)
IzA 11:17—Kusizuzisa kanjani ukubonisa umusa? (g20.1 11, ibhokisi)
Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
3. Ukufundwa KweBhayibheli
(4 imiz.) IzA 11:1-20 (th isifundo 5)
4. Ukuqala Ingxoxo
(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Zama ukuthola ithuba lokuxoxela umuntu okuthile okufunde emhlanganweni wamuva nje. (lmd isifundo 2 iphuzu 4)
5. Ukubuyela Koxoxe Naye
(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Khulumela ividiyo eseBhokisini Lamathuluzi. (lmd isifundo 8 iphuzu 3)
6. Ukwenza Abafundi
(4 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli bese umbonisa ukuthi siqhutshwa kanjani. (lmd isifundo 10 iphuzu 3)
Ingoma 157
7. Ungaluvumeli Ulimi Lwakho Luqede Ukuthula
(15 imiz.) Ingxoxo.
Ngenxa yokuthi sinesono, sizowenza amaphutha lapho sikhuluma. (Jak 3:8) Noma kunjalo, uma siziqaphela izinkinga ezivamile ezingaba umphumela, kuzosisiza sigweme ukusho izinto esizozisola ngazo kamuva. Nazi izibonelo zezinkulumo ezingaqeda ukuthula ebandleni:
Ukuqhosha okungafanele. Uma umuntu eqhosha ngokungafanele usuke eziphakamisa. Lokhu kungenza abanye bafune ukuncintisana nathi futhi babe nomona.—IzA 27:2
Inkulumo ebonisa ukungathembeki. Le nkulumo ayikona ukuqamba amanga kuphela kodwa ihlanganisa nokudukisa abanye ngamabomu. Ngisho nokungathembeki okuncane kungenza abanye bangabe besasethemba futhi kulimaze idumela lethu.—Shu 10:1
Inhlebo elimazayo. Lena inkulumo engenamsebenzi lapho kukhulunywa khona ngabantu nangokuphila kwabo futhi kuhlanekezelwa okuyiqiniso noma kwembulwa izimfihlo zabo. (1Ti 5:13) Umphumela wayo ungaba ukuxabana nokwahlukana.
Inkulumo ehambisana nentukuthelo. Le nkulumo ehambisana nentukuthelo ivela kumuntu osuke ebhodla umlilo ngoba ecasulwe umuntu othile. (Efe 4:26) Ingabazwisa ubuhlungu abanye.—IzA 29:22
Dlala IVIDIYO ethi ‘Lahlani’ Izinto Eziphazamisa Ukuthula—Isiqheshana. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:
Yini oyifundile mayelana nokuthi kulula kangakanani ukuba izinto esizishoyo ziphazamise ukuthula kwebandla?
Ukuze ubone ukuthi kwaphinde kwaba khona kanjani ukuthula, bukela ividiyo ethi ‘Funa Ukuthula, Uzame Ukukulondoloza.’
8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla
(30 imiz.) bt isahl. 25 ¶14-21