Ingabe Umbhoshongo WaseBabele Wanamuhla?
UMBHOSHONGO waseBabele wasendulo uye waba uphawu lokudideka nokwahlukana. Kwakulapho, eminyakeni eyizi-4 000 edlule, lapho uNkulunkulu asanganisa khona izilimi zabantu. Ngani? Ngenxa yokuhlubuka kwabo kuye. Benqaba ukuthobela uNkulunkulu futhi esikhundleni salokho bagxilisa ukuphila kwabo emacebweni abantu abangaphelele. Ngakho uNkulunkulu wabahlakaza.—Genesise 11:1-9.
Ingabe lokho okwenzeka eAssisi kwakuhluke kangako? Ingabe abantu baphinde bahlangana ngokuphelele lapho? Ingabe abaholi benkolo babantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezimbili bakuthuthukisa ngempela ukuthula komhlaba?
Ingabe Babukhona Ubunye?
Enkulumweni eyanikezwa ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi komhlangano, upapa wayegcizelele: “Lokho okuzokwenzeka eAssisi ngokuqinisekile akuzukuba ukuhlanganiswa kwezinkolo [ukuhlangana].” Wanezela: “Asinakuthandaza ndawonye okusho ukuthi, sihlangane ndawonye emthandazweni owodwa, kodwa singaba khona lapho abanye bethandaza.”
Ngakho upapa wabonisa ukuthi indinganiso eqashelwayo ekuthandazeleni ukuthula yayiwukuba ndawonye lapho kuthandazwa, hhayi ukuthandaza ndawonye. Abanye baphawula ukuthi wayefuna ukubalekela ukuhlanganyela emthandazweni owodwa. Ngalendlela wayengeke amangalelwe amaKatolika ngokuxubanisa izinkolelo ezihlukahlukene ezingokwenkolo.
Lokhu kuboniswa inkulumo kapapa yokwamukela abaholi benkolo ekuseni ngalelolanga. Waphawula ngokugcizelela: “Iqiniso lokuthi siye seza lapha alibonisi noma iyiphi inhloso yokufuna isivumelwano senkolo phakathi kwethu noma yokuxoxisana ngezinkolelo zethu. Alisho futhi ukuthi izinkolo zingabuyisana ngokuzibopha entweni eyodwa yasemhlabeni engazidlula zonke.” Ngokuqinisekileke, ngeke kube nomzamo wokuhlanganisa ukwehlukana okuningi okusezimfundisweni ezingokwenkolo ezazimelelwe yilabo ababehlangene eAssisi. Ngakho-ke ubunye benkolo abunakwenzeka. Ukusangana ‘kwezilimi ezingokwenkolo’ kuzoqhubeka. Ngakho kukhona ukufana okukhulu noMbhoshongo waseBabele wasendulo.
Lokhu kwehlukana okungokwenkolo kubonakala ekuhlolweni kwezinkolelo. Ngokwesibonelo, ubuBuddha abubamukeli ubukhona bukaNkulunkulu ongumuntu, bufundisa ukuthi umgomo wokugcina womuntu iNirvana, isimo sokubusiseka ngokuphelele esiflnyelelwa ngokubhujiswa komzimba. AmaHindu akholelwa ezigidigidini zonkulunkulu nasemjikelezweni onganqamuki wokuphindukuzalwa ongaholela eNirvana. Izinkolo zobuKatolika, ezobuOrthodox, nezobuProtestandi zikholelwa kuZiqu-zintathu. Kodwa amaMuslim akholelwa ukuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, uAllah, nokuthi uMuhammad ungumprofethi wakhe; nokho, awakholelwa ukuthi uNkulunkulu unendodana. AmaJuda akhulekela uNkulunkulu oyedwa kodwa awamamukeli uJesu njengoMesiya. Izinkolo zaseAfrika zikholelwa ukuthi izitshalo, izilwane nezinto ezingaphili zinomoya. AmaNdiya aseMelika akhulekela amandla emvelo.
Nokho, ukuthula kweqiniso kusho okungenani ukuhlangana okuyisisekelo kwezizwe ezihlukahlukene. Kodwa izinkolo ezazihlangene eAssisi zazihlukene ngokudabukisa kangangokuthi azikwazanga ngisho nokuvumelana ngomthandazo owodwa! Ngokuqinisekile, uNkulunkulu akanakuyivumela yonke lemiqondo ephikisanayo, ngoba umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula.”—1 Korinte 14:33.
Ingabe uNkulunkulu Ulalele?
uNkulunkulu owukuphela koweqiniso, uMdali wezulu nomhlaba angayilalela kanjani imithandazo yabaholi benkolo abangenanjongo yokusebenzela ubunye beqiniso? iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe lisho ngokusobala ukuthi labo abaqhuba inkolo yeqiniso ‘kufanele bakhulume zwilinye bonke, kungabikho ukwahlukana phakathi [kwabo], kodwa [bapheleliswe] emqondweni munye nasekuboneni kunye.’—1 Korinte 1:10.
Uma uNkulunkulu ezilalela lezinkolo ezihlukene, wayengabe uyaziphikisa. Kwakuyobonisa ukuvumela kwakhe lokho akulahlayo—ukwehlukana. Kodwa uNkulunkulu weqiniso ngeke abe necala lezindinganiso ezimbaxambili. Ngeke aphikise iZwi lakhe ngokwakhe, ngoba ‘uNkulunkulu angeqambe amanga.’ (Thithu 1:2) Ngakho, akayilaleli imithandazo yokukhulekela okuhlukene kanjalo.
lBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uvumela kuphela ukukhulekela okuvumelana nentando yakhe. UJesu wathi: “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.” Futhi wathi uNkulunkulu “ufuna,” okusho ukuthi, uvumela futhi alalele kuphela, labo abamkhulekela “ngomoya nangeqiniso.” Lokho kwenziwa ngokugcina iZwi lakhe nangokuthobela imiyalo yakhe. Ngakho uNkulunkulu akazivumeli izinkolo ezingayenzi
intando yakhe, njengoba nje engazange abavumele abakhi boMbhoshongo waseBabele, ababengenzi intando yakhe. Uyabalahla abanjalo. Kunjengoba uJesu asho kulabo abenza intando yabo esikhundleni sentando kaNkulunkulu: “Sukani kimi ninabenzi bokubi.”—Mathewu 7:21-23; Johane 4:23, 24.
Ngakho, isimo esingokomoya salezozinkolo ezazihlangene eAssisi siphambene nalokho uNkulunkulu akufunayo kubakhulekeli beqiniso. Esikhundleni sokuba zibe munye emqondweni owodwa nasekucabangeni kunye, zidephunwe ukwehlukana, njengoba kwakwandile eMbhoshongweni waseBabele.
Iqiniso lokuthi uNkulunkulu akayilaleli imithandazo yezinkolo zalezizwe ezifana neBabele liba sobala kakhulu lapho sihlola ubufakazi bomlando. Hlobo luni lombono lobobufakazi obuwunikezayo?
[Isithombe ekhasini 6]
Umbhoshongo wethempeli laseBabiloni