Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g88 2/8 k. 3-k. 4
  • Ukumemezela—Kudingeka Kangakanani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukumemezela—Kudingeka Kangakanani?
  • I-Phaphama!—1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukumemezela Kwezentengiselwano
  • Ukumemezela—Umvumisi Onamandla
    I-Phaphama!—1988
  • Ukulawulwa Ukukhangisa Okwandile
    I-Phaphama!—1998
  • Amandla Okukhangisa
    I-Phaphama!—1998
  • Ukumemezela—Isikhali SobuKristu Esinamandla
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1988
g88 2/8 k. 3-k. 4

Ukumemezela—Kudingeka Kangakanani?

IPIGOGO laseNdiya eliluhlaza liveza ngokushesha umbala omuhle okhazimulayo. Izinsiba, ezidlula ubude bomzimba ngokuphindwe kahlanu, ezibenyezela ngamabala anjengamehlo, ziphakama ngemuva kulo ukuze zime zicwebezele ekukhanyeni kwelanga. Yeka umbukwane omuhle, njengoba libukisa ngokuhamba kancane phambi kozoba umngane walo, isikhukhukazi. Kungenzeka kanjani ukuba simelane nalokho okuye kwachazwa ngokuthi “ukukhangisa okuhle kakhulu . . . emhlabeni”? Ukukhangisa kuyisenzakalo somhlaba wonke. Izihloko zethu eziwuchungechunge zihlola ukushukumisela kwakho nemiphumela yakho njengoba kubonwa umlobeli wePhaphama! eBrithani.

Ngokuyisisekelo, kuyini ukukhangisa? Kuyisenzo sokwenza okuthile kwaziwe. Ngokuvamile kubalulekile emvelweni ngenxa yokulondolozwa kokuphila nokwandiswa kwakho.

Ngokwesibonelo, izimpisi ezihewulayo zikhangisa ngokuba khona kwazo ukuze zigweme ukuhlangana ngokungadingekile neminye imihlambi njengoba ngayinye izifunela ukudla. Ibhu lensikazi lingazizwa izilongotshana ezimbalwa zepheromone, ikhemikhali elithile, elishiywa ibanga elide ibhu lenduna lohlobo lwalo elikhangisayo lifuna umngane. Izilwane eziphila ngezinye ngokuhlakanipha ziyaligwema icimbi icinnabar, elimithende yalo ephuzi nemnyama ngokugqamile engakhangisi nje kuphela ukuthi alinambitheki kodwa futhi nokuthi liwubuthi.

Kuthiwani ngathi thina bantu? Siye sathuthuka futhi sahweba ngesu lokukhangisa. Cabangela izibonelo ezimbalwa.

Ukumemezela Kwezentengiselwano

Umqulu osongwayo waseGibithe owatholakala eThebes mhlawumbe uwukumemezela kwezentengiselwano okudala kakhulu. Njengoba walotshwa eminyakeni engaphezu kwezinkulungwane ezintathu edlule, wawumemezela ngomvuzo wokubuya kwesigqila eseqayo.

Abamemezeli bezindaba zedolobha baseGreece lasendulo, kamuva abafana nabamemezeli bezindaba basemadolobheni aseYurophu, ngamanye amazwi babengamadoda ayehamba ekhipha izimemezelo, edonsela ukunakekela kulokho ayekumemezela.

ENgilandi yakudala, umfanekiso wamabhola amathathu egolide alengayo, adwetshwe esuselwa ezimemezelweni zomkhaya wakwaMedici eItaly owawungowabaphathi bemali yesizwe, wawukhangisa ngababolekisa ngemali. Namuhla, lona kanye lolophawu lusekhona ukuba lubonakalise isitolo sobolekisa ngemali ngesibambiso.

Eminyakeni engaphezu kwama-250 edlule, uDr. Samuel Johnson waseLondon wakhononda: “Ukumemezela manje sekukuningi kangangokuthi akusanakwa. . . . Manje ikhono lokumemezela selisondele kakhulu ekupheleleni kangangokuthi akulula ukwenza noma iyiphi intuthuko.” Kodwa kusukela ngalesosikhathi, yeka ukuthi izinto ziye zashintsha kanjani! Eminyakeni engama-50 edlule, ikhono liye lakhula laba imboni.

Manje ukumemezela sekuyibhizinisi elikhulu, elikhulu kakhulu. Amaphephandaba, amabhodi amakhulu, amakhasi akhazimulayo omagazini, izibani ezibanekayo, ezentengiselwano zomsakazo nethelevishini, konke kudonsa ukunakekela kwethu ngokuhlasela okuqhubekayo kokuthonya, ngezinye izikhathi okungavusi sithakazelo futhi ngezinye okuhlakaniphile nokunobuqili ngokumangalisayo.

Umsindo wokuduma okukhulu kwezindiza zanamuhla udonsela ukubuka kwethu ukumemezela okuningi. Izindiza ezincane zidonsa iziqubulo esibhakabhakeni. Ukuhlukahluka kubonakala kungenakuphela! Kodwa ingabe konke kudingeke ngempela?

Ukumemezela kusebenza kanjani? Uma bekumbalwa, ingabe thina, bathengi, besiyoba abacebile noma abampofu? Kungafeza yiphi indima ekuphileni kwethu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela