Ingabe Izindaba Zethu Zomuntu Siqu Zisengozini?
Ngumlobeli wePhaphama! eJapane
UMHLEKISI odumile waseJapane nabalandeli abayi-11 wahlasela ifemu esakaza omagazini. Ephethe izicima-mlilo nezambulela, yena nabalandeli bakhe abayi-11 balimaza amadoda ayisihlanu. Sasiyini isizathu sokuhlasela? Uthi umagazini onezithombe walenkampane waphazamisa izindaba zakhe zomuntu siqu.
Omagazini abachuma ngokugaxela ezindabeni zabantu eziyimfihlo baye banda eJapane. Umthathi wezithombe ezisebenzayo wathi: “Abathathi bezithombe abasebancane abangabazi ukugxambukela ezindabeni zomuntu siqu zabanye abantu, futhi abahleli bamaphephandaba bayabatusa ‘njengabanesibindi.’”
Ukwanda kwamacomputer nakho kwandisa izinga lokusongelwa kwezindaba zomuntu siqu. Kubikwa ukuthi izisebenzi zikahulumeni waseU.S. zinamafayili ecomputer ayi-18 kuya kwangama-20 akhuluma ngomuntu ovamile waseMelika, futhi abantu abaningi banemvume engokomthetho yokubheka lamafayili. Nokho, abanye, ababizwa ngokuthi izigebengu zokwaziswa okukumacomputer, baziwa njengabazigaxa ngokungafanelekile kulamafayili.
Isibonelo salokhu umbiko okuThe Times yaseLondon ophathelene nesigebengu sokwaziswa okukumacomputer esafunda ngokungemthetho ukwaziswa okuyimfihlo okukumafayili ecomputer kaDuke waseEdinburgh futhi sabhala amazwi athile. Lesigebengu saphumelela futhi ukuthola ukwaziswa okwakukucomputer kukangqongqoshe wezangaphandle wakwaIsrayeli futhi sashintsha amazwi ayesohlakeni lwakhe olufundwayo sabhala ahlekisayo.
Akubona kuphela abantu abadumile abanomuzwa wokusongelwa kodwa nezakhamuzi ezivamile nazo zinomuzwa wokusongelwa. Ngokuqondene nokuhlolwa kwango-1983 okwenziwa eUnited States, abantu abangamaphesenti angama-77 alabo abahlolwa babonisa ukukhathazeka ngokusongelwa kwezindaba zabo zomuntu siqu. Iphephandaba laseDenmark iBerlingske Tidende liyabika: “Abantu baseDenmark abangamaphesenti angamashumi ayisihlanu banomuzwa wokungalondeki noma wokungalondeki neze ngokuqondene nokusetshenziswa kwamafayili ecomputer anezindaba zomuntu siqu nezomphakathi.” Futhi eJapane, lapho ilungelo lokungaphazanyiswa kwezindaba zomuntu siqu lingahlonishwa khona, abaningi bakhathazekile futhi besaba ukuthi ukuphazanyiswa kwezindaba zomuntu siqu kuzokhula.
Yiqiniso, iKholiji Lesizwe Lososayensi laseU.S. lithi ukufakwa kokwaziswa komuntu siqu kumacomputer akumelwe kungqubuzane nenjabulo ehlala njalo yamalungelo omuntu siqu. Nokho, abantu abaningi besaba isimo somphakathi onamacomputer asakaza izindaba zomuntu siqu njengoba siboniswe encwadini kaGeorge Orwell ka-1984.
Kodwa kunesinye isici kulendaba ngaphandle kwaleso esihilela amacomputer nelungelo lokulawula ukwaziswa okuphathelene nomuntu siqu. UMasao Matsumura weNhlangano Yezokuphatha Nokuxhumana eJapane usichaza ‘njengesici esingokwemvelo sokuqaphela izindaba zomuntu siqu, ilungelo lokuba ube wedwa.’
Namuhla, ngisho ‘nalesisici esingokwesiko’ sisengozini. Mhlawumbe uke waba nokuhlangenwe nakho kokuthanda ukuba ube “wedwa” nokho abanye baye bazingela amathuba akho ezindaba zomuntu siqu. Uwabheka kanjani amathuba ezindaba zakho zomuntu siqu? Ingabe ukholelwa ukuthi kumelwe abhekwe njengabaluleke kakhulu ngokudelwa kwezinye izinto eziningi? Nokho, okokuqala ake sicabangele nje ukuthi kushiwoni ngamathuba ezindaba zomuntu siqu.
[Isithombe ekhasini 25]
Inkinga yokuphazamisa izindaba zomuntu siqu ikhuliswa intuthuko yezobuchwepheshe bezokwaziswa