Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 10/8 k. 13-k. 14 isig. 3
  • Indawo Yonke—Indalo Noma Isenzakalo Esizenzakalele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indawo Yonke—Indalo Noma Isenzakalo Esizenzakalele?
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umkhathi Wethu Omangalisayo—Ingabe Wazivelela?
    I-Phaphama!—2000
  • Ingabe Wamane Wazivelela Noma Wadalwa?
    I-Phaphama!—1999
  • Lokho Umhlaba Nezinto Ezisemkhathini Okungasifundisa Khona
    I-Phaphama!—2021
  • Ubani Ongasitshela?
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 10/8 k. 13-k. 14 isig. 3

Indawo Yonke—Indalo Noma Isenzakalo Esizenzakalele?

ENKULUMWENI-MPIKISWANO eqhubekayo yokuthi indawo yonke yadalwa yini noma yabakhona nje ngokuzenzakalelayo, ukukhulumela okulandelayo okwenziwa uPaul Davies, uprofesa wesayensi yezinto ezingokoqobo eYunivesithi yaseNewcastle eGreat Britain, encwadini yakhe ethi God and the New Physics kushukumisa umqondo ngempela:

“Uma indawo yonke yaba khona ngengozi nje, amathuba amelene nokuba kwayo nanoma ikuphi ukuhleleka okuqaphelekayo mancane ngendlela ehlekisayo. . . . Njengoba lokhu ngokusobala kwakungenjalo, kubonakala kunzima ukubalekela isiphetho sokuthi isimo esingokoqobo sendawo yonke ‘sakhethwa’ ngandlelathile ezimweni eziningi ezikhona, okuyingxenyana encane kakhulu yazo eyayingahlelekile ngokuphelele. Futhi uma isimo esinjalo sakuqala esingakholeki neze sakhethwa, ngokuqinisekile kwakufanele kube nomkhethi noma umklami okwakufanele ‘asikhethe.’

Ngempela, njengoba nje umakhi ekhetha umklamo kanye nezinto zokwakha ukuze akhe okuthile kokufeza injongo yakhe, kanjalo uNkulunkulu uMninimandla onke, ogama lakhe linguJehova, wadala indawo yonke. (IHubo 83:18; IsAmbulo 4:11) Ngempela, isiphetho sikaProfesa Davies sisikhumbuza amazwi kamphostoli uPawulu kumaHeberu 3:4: “Owakha konke nguNkulunkulu.”

[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]

NASA photos

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela