Ukuvela Kwemfundiso Engokwenkolo Yabansundu
“Abansundu abaningi baye bahlanganisa ubuKristu nobandlululo”—Kucashunwe kuThe Church Struggle in South Africa, ngumfundisi wamaCongregationalist uJ. de Gruchy.
BESANGULUKISWE yihlelo laseNingizimu Afrika lobuProthestani, abansundu abaningi baye baphendukela kokuthile okusha—imfundiso engokwenkolo yabansundu, ezama ukuhlobanisa iBhayibheli nesimo sabo.
ULouise Kretzschmar kuThe Voice of Black Theology in South Africa uyachaza: “Igama elithi onsundu, lingaqondwa ngezindlela ezimbili. Okokuqala, libhekisela kulabo esikhathini esidlule ababebizwa ngokuthi ‘abangemhlophe’ okungukuthi abaNsundu, amaKhaladi namaNdiya . . . Okwesibili, ‘ukuba nsundu’ kubhekwa njengokusho okufanayo nokuthi ‘abantu abacindezelwe eNingizimu Afrika.’”
Ngakho imfundiso engokwenkolo yabansundu igcizelela ukuthi abansundu kumelwe baphathwe ngenhlonipho efanayo neyabamhlophe ngoba nabo abansundu badalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Phakathi kwezindaba zayo ezivelele kunendaba yokukhululwa kuka-Israyeli eGibithe nezinhlupheko zikaJesu. Isiqubulo sayo ngenjongo yokuthi isekelwe sithi ‘uNkulunkulu ungasohlangothini lwabacindezelwe.’
Ingabe Isinyathelo Sobunye?
Abakhulumeli bemfundiso engokwenkolo yabansundu basakazeke phakathi kwamasonto amaningi aseNingizimu Afrika, futhi ukuphikisana kuyadlanga phakathi kwabo. Ngokwesibonelo, abanye bancoma umqondo wobukhomanisi futhi bayawuhlaziya ezincwadini zabo. Abanye bayabenqaba ubuMarxism. Kungesibo bonke futhi abavumelana ngokuthi isiphi isilinganiso umphakathi wabamhlophe okumelwe uhlanganyele ngaso kulendlela entsha “yobuKristu.”
Lapho abagxeki bemfundiso engokwenkolo yabansundu bephikisa ngokuthi ithuthukisa ubuzwe babansundu ngendlela efanayo naleyo imfundiso engokwenkolo yobandlululo ethuthukisa ngayo ubuzwe babamhlophe, uDkt. Allan Boesak umkhulumeli oholayo wemfundiso engokwenkolo yabansundu, uyaphendula: “Ukholo lobuKristu lwedlula yonke imiqondo nayo yonke imigomo yobuzwe.”
Nokho, umfundisi weSonto iCongregational, uBonganjalo Goba, uyaphendula: “Angivumelani noAllan Boesak.” UGoba uthi akunakubalekelwa ukuthi imfundiso engokwenkolo yabansundu “iyobonisa imiqondo yezithakazelo zomphakathi wabansundu. Uma ingenzi kanjalo ayibi iMfundiso Engokwenkolo Yabansundu.” Umbhishobhi waseLuthela uDkt. Buthelezi uyanezela: “Yisigijimi esifanayo seBhayibheli esathonya umoya wamaBhunu . . . esisishukumisela ukuba sicule iculo leMfundiso Engokwenkolo Yabansundu.”
Isetshenziswa Njengesikhali
Ultumeleng Mosala, umfundisi waseWeseli nongumfundisi wemfundiso engokwenkolo yabansundu uthi: “Imfundiso engokwenkolo yabansundu, iye yayifinyelela kahle injongo yayo njengesikhali sokugxeka imfundiso engokwenkolo yabamhlophe nomphakathi wabamhlophe.” Ngokuveza ukugxeka okunjalo, izazi zemfundiso engokwenkolo yabansundu zithemba ukuthi abansundu abasebasha bayohlala emasontweni abo. Abaningi baye bashiya ngenxa yokusola indlela ababona “ubuKristu” buqhutshwa ngayo emasontweni.
Abanye badlulela ngale kwalokho futhi basebenzise imfundiso engokwenkolo yabansundu njengesikhali senguquko engokwezombangazwe. UTakatso Mofokeng, umfundisi weSonto iDR labansundu eAfrika nongumfundisi wemfundiso engokwenkolo yabansundu uyavuma: “Imfundiso Engokwenkolo Yabansundu iyaqhubeka iyithuluzi eliwusizo lomzabalazo wenkululeko okhula ngokuqhubekayo.”
Isibonelo salokhu iThe Kairos Document, eyasayinwa izazi eziyi-156 zemfundiso engokwenkolo zaseNingizimu Afrika. Icela usizo emalungwini esonto “lokususa ukucindezeleka, ukususa abaphatha ngonya embusweni nokumisa uhulumeni olungile.” Izazi zemfundiso engokwenkolo zithi: “Sikholelwa ukuthi uNkulunkulu uyasebenza ezweni lethu, uguqula izimo ezingethembisi nezimbi zibe zinhle ukuze ‘uMbuso wakhe ufike, ‘neNtando yakhe yenziwe emhlabeni njengoba kunjalo ezulwini.’ . . . Ukungezwani kanye nomzabalazo kuyoqhubeka kudlanga ezinyangeni naseminyakeni ezayo ngenxa yokuthi ayikho enye indlela yokususa ukungalungi nokucindezeleka.”
Nokho, ingabe yilokhu iBhayibheli elikufundisayo? Ingabe uMbuso kaNkulunkulu uyokuza ngenguquko engokwezombangazwe? Ingabe iqiniso lokuthi UbuProthestani buye babonakala buwumthombo wokungezwani eNingizimu Afrika lisho ukuthi ubuKristu ngokwabo buyisihluleki?