Izingozi Ezintsha Zengculaza?
Mhlawumbe izigidi eziyi-10 kuya kwezingama-20 zabantu manje zinegciwane lengculaza. Esifundazweni saseCanada eBritish Columbia, abalinganiselwa ezi-10 000 kuya ezi-20 000 bangenwe yilesifo, futhi iziphathi-mandla zezempilo zikhathazekile ngokwanda okuqhubekayo kwalesifo. Ngakho uMnyango Wezempilo waseB.C. muva nje ulungiselele incwajana, enikeza njengoba usho, “ukwaziswa kwamuva okuyiqiniso ngengculaza.”
Incwajana ibukeza izixwayiso ezivamise ukuzwakala ngokumelene nokuba nobuhlobo bobulili nabalingane abanalesifo nokusebenzisa inaliti noma umjovo obusetshenziswa kumuntu onalesifo. Nokho, iyachaza futhi ukuthi njengoba igciwane lisegazini, kunengozi ekhethekile kwezinye izinto eziqhumbuza isikhumba. Ngokwesibonelo, incwajana iphawula izinto ezisetshenziswa ekubhobozeni izindlebe, ekudwebeni isikhumba, nasekutshopeni, njengezinye izindlela okunokwenzeka zidlulisele isifo. “Futhi kuyingozi ukuhlanganyela insingo noma isixubho nomuntu onalesifo,” kunezela incwajana.