Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 11/8 k. 26-k. 29 isig. 8
  • Ingxenye 21—1900 kuqhubeke—Izingubo Ezinindwe Yigazi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingxenye 21—1900 kuqhubeke—Izingubo Ezinindwe Yigazi
  • I-Phaphama!—1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imihlatshelo Engabantu Eyenzelwa Unkulunkulu Wamanga
  • “Babelokhu Bechitha Igazi Elingenacala”
  • Icala Legezi Lenkolo
  • Okuyokwenza Inkolo Yezwe Iphele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • IBabiloni Elikhulu Liyamangalelwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Okwenza Amasonto Athula
    I-Phaphama!—1995
  • Ukugqashula Enkolweni Yamanga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1989
g89 11/8 k. 26-k. 29 isig. 8

Ikusasa Lenkolo Uma Kubhekwa Isikhathi Sayo Esidlule

Ingxenye 21—1900 kuqhubeke—Izingubo Ezinindwe Yigazi

“Asikho isisekelo esiqinile esibekiwe endabeni yegazi.”—UShakespeare, imbongi nombhali oyiNgisi wemidlalo yaseshashalazini (1564-1616)

INGABE uyayikhumbula inhlekelele yaseJonestown, eGuyana, eminyakeni eyi-11 edlule ngalenyanga? Amalungu angaphezu kwama-900 eqembu lenkolo elaziwa ngokuthi iPeople’s Temple azibulala ngobuningi, iningi lawo lizibulala ngokuzithandela, ngokuphuza isiphuzo sezithelo esasifakwe icyanide.

Ngenxa yokushaqeka, abantu babuza: ‘Nkoloni le enikela ngokuphila kwamalungu ayo?’ Nokho, igazi elingenacala liye lachithwa egameni lenkolo eminyakeni ecishe ibe yizi-6 000. Nokho, ekhulwini lama-20 leminyaka, igazi liye lachithwa izikhathi eziningi nangezindlela eziningi kunanganoma yisiphi esinye isikhathi emlandweni. Cabangela ingxenyana nje yobufakazi.

Imihlatshelo Engabantu Eyenzelwa Unkulunkulu Wamanga

Kusukela ngo-1914, izimpi ezimbili zezwe nezingxabano ezincane ezingaphezu kwekhulu ziye zachitha ulwandlekazi lwegazi. Ekhulwini leminyaka elidlule, umbhali ongumFulentshi uGuy de Maupassant wathi “iqanda izimpi ezichamuselwa kulo” ukushisekela izwe, akubiza ngokuthi “uhlobo oluthile lwenkolo.” Eqinisweni, iEncylopedia of Religion ithi okuhlobene eduze nokushisekela izwe, ubuzwe “kuye kwaba uhlobo oluyinhloko lwenkolo ezweni lanamuhla, evala isikhala esashiywa ukuwohloka kwezindinganiso ezingokwesiko zenkolo.” (Omalukeke sizenzele.) Ngokwehluleka ukusekela ukukhulekela kweqiniso, inkolo yamanga yavula isikhala esingokomoya esakwazi ukuvalwa ubuzwe.

Ayikho enye indawo lapho lokhu okwakuboniswa kahle kuyo kunaseJalimane lamaNazi, ezakhamuzi zalo ekuqaleni kweMpi Yezwe II ezazizisholo ukuthi amaphesenti azo ayi-94,4 angamaKristu. Kuzo zonke izindawo, iJalimane—indawo okwadabuka kuyo ubuProthestani neyatuswa ngo-1914 uPapa Pius X njengesizinda “samaKatolika angcono kakhulu emhlabeni”—kwakumelwe ikumelele kangcono kakhulu lokho eLobukholwa elalingakunikeza.

Okubalulekile, uAdolf Hitler ongumKatolika wathola ukusekelwa ngaphandle kwenkinga phakathi kwamaProthestani kunaphakathi kwamaKatolika. Izifunda ezakhelwe ikakhulukazi amaProthestani zamnika amaphesenti angama-20 amavoti azo okhethweni lwango-1930, izifunda zamaKatolika zamnika amaphesenti ayi-14 kuphela. Futhi uquqaba lokuqala olukhululekile lweNazi Party okhethweni lukahulumeni lwalungo-1932 eOldenburg, okuyisifunda esinamaProthestani angamaphesenti angama-75.

Ngokusobala, “isikhala esashiywa ukuwohloka kwezindinganiso ezingokwesiko zenkolo” sasisikhulu ebuProthestanini kunasebuKatolikeni. Kuqondakala kanjalo. Imfundiso eyandisiwe yenkolo nokugxekwa kweBhayibheli ngokuyinhloko kwakuyimikhiqizo yabefundisi abangamaProthestani abakhuluma isiJalimane.

Okubaluleke ngokufanayo yilokho ekugcineni okwaqinisa okusekela okuntengantengayo kwamaKatolika asekela uHitler. Isazimlando esingumJalimane uKlaus Scholder uchaza ukuthi “ngokwesiko ubuKatolika baseJalimane babunezibopho eziqinile ikakhulukazi neRome.” Ibona ebuNazini isihenqo sokuvimbela ubuKhomanisi, iVatican yashisekela ukusebenzisa ithonya layo ukuze iqinise uHitler idolo. UScholder uthi, “Izinqumo eziyisisekelo zaya zigudlukela kuyiCuria, futhi eqinisweni isikhundla nekusasa lobuKatolika eMbusweni wamaNazi ekugcineni kwaba isinqumo esenziwa cishe ngokuphelele eRome.”

Ingxenye eLobukholwa elayifeza ezimpini zombili zezwe yaholela ekulahlekelweni yidumela okukhulu. Njengoba iConcise Dictionary of the Christian World Mission ichaza: “Abangewona amaKristu babebhekene ubuso nobuso . . . neqiniso elisobala lokuthi izizwe esezinezinkulungwane zeminyaka zifundisa ubuKristu zazihlulekile ukulawula izinkanuko zazo futhi zazokhele umlilo kazokhele kulo lonke izwe ukuze zanelise izifiso zazo ezingathandeki.”

Yebo, izimpi ezishoshozelwa yinkolo aziyona into entsha. Kodwa ngokuphambene nesikhathi esidlule lapho izizwe zezinkolo ezihlukene zazilwa zodwa, ekhulwini lama-20 leminyaka ngokwandayo izizwe zenkolo efanayo ziye zabhajwa ezimpini ezimbi. Unkulunkulu wobuzwe ngokusobala uye waphumelela ukusebenzisa ngokwenzuzo yakhe onkulunkulu benkolo. Ngaleyondlela, phakathi neMpi Yezwe II, ngesikhathi amaKatolika namaProthestani eGreat Britain naseUnited States ebulala amaKatolika namaProthestani eltaly naseJalimane, amaBuddha eJapane ayenza okufanayo kubafowabo abangamaBuddha abaseningizimu-mpumalanga yeAsia.

Noma kunjalo, uma kubhekwa izingubo zalo ezinindwe yigazi, eLobukholwa alinakukhomba abanye ngonembeza ohlanzekile. Ngokumelela, ukusekela, futhi ngezinye izikhathi ukukhetha ohulumeni abangabantu abangaphelele, amaKristu okuzisholo nabangemaKristu ngokufanayo kumelwe bathwale icala legazi labohulumeni abaye balichitha.

Kodwa nkoloni ebeka uhulumeni ngaphezu kukaNkulunkulu futhi inikele amalungu ayo njengemihlatshelo yezombangazwe ealtare likankulunkulu wempi?

“Babelokhu Bechitha Igazi Elingenacala”

Lawomazwi, ashiwo ngoIsrayeli ohlubukayo emakhulwini amaningi eminyaka adlule, ayasebenza kuzo zonke izinkolo zamanga nakulezo zeLobukholwa ikakhulukazi. (IHubo 106:38, NW) Ungakhohlwa izigidi zabantu ezabulawa ekuQothulweni Kwesizwe, inhlekelele amasonto eLobukholwa ayengemsulwa kuyo.—Bheka iPhaphama! ka-April 8, 1989.

Abefundisi baseJalimane nabo bavala umlomo kwenye futhi indaba, engaziwa kangako, kodwa embi ngokufanayo. Ngo-1927, iminyaka emibili ngemva kokuba uHitler ebhale imicabango yakhe ngokuphathelene nohlanga, kuyiMein Kampf, umhleli ongumKatolika nongumfundisi uJoseph Mayer wakhipha incwadi enemvume yababhishobhi eyayimgunyaza ukuba alobe eyayithi: “Abagula ngengqondo, izinhlanya zokuziphatha, nabanye abantukazana abasenalo ilungelo lokuzala njengoba nje bengenalo elokokhela umlilo.” Umfundisi ongumLuthela uFriedrich von Bodelschwingh wathola ukuvalwa kwenzalo kwabakhubazekile kuvumelana nentando kaJesu.

Lesisimo esasisekelwe ngokwenkolo sasiza ekuhlahleni indlela “yomthetho wokubulala ngomjovo” kaHitler ka-1939, okwaholela ekufeni kwezakhamuzi eziphazamiseke ngengqondo ezingaphezu kwezi-100 000 nasekuphoqeleleni ukuvalwa kwenzalo kwabantu abalinganiselwa ezi-400 000.a

Kuhambe kwahamba kwathi ngo-1985, eminyakeni engama-40 ngemva kokuphela kwempi, izikhulu zesonto laseLuthela eRhineland zavuma obala: “Isonto lethu alikuphikisanga ngokunamandla ngokwanele ukuvalwa kwenzalo ngempoqo, ukubulawa kwabantu abagulayo nabakhubazekile, nokwenziwa kokuhlolwa kwemithi konya kubantu. Sicela intethelelo ezisulwini ezisaphila nasezihlotsheni zazo ezasala.”

Kuyiqiniso ukuthi umkhankaso kahulumeni wokubulala abantu ngomjovo wehla ngokuphawulekayo ngemva kokuba umbhishobhi ongumKatolika waseMünster anikeza inkulumo yokuhlasela ehlabayo eyayishubile ngoAugust 3, 1941, ebiza lesimiso ngokuthi siwukubulala. Kodwa kungani kwathatha izinyanga eziyi-19 kwafa nabantu abayizi-60 000 ngaphambi kokuba ukuyilahla komphakathi lenqubo kuzwakale?

Icala Legezi Lenkolo

Izinkolo eziningi zizisholo ukuthi ziyakuhlonipha ukuphila nokuthi zinesithakazelo ekuvikeleni abantu ekulimaleni. Kodwa ingabe abefundisi bayixwayisa ngokuphikelelayo imihlambi yabo ngezingozi ezingokomzimba ezihileleke ekubhemeni; ekusebenziseni kabi izidakamizwa, kuhlanganise utshwala; ekumpontshelweni igazi emzimbeni; nasekuziphatheni kabi ngokobulili? Okubaluleke ngisho nangokwengeziwe, ingabe bayayilahla lemisebenzi yenyama njengoba iBhayibheli lenza, bechaza ukuthi ingasilahlekisela ukuvunyelwa uNkulunkulu?—IzEnzo 15:28, 29; Galathiya 5:19-21.

Yebo, abanye bayakwenza. Futhi iSonto lamaKatolika kanye namasonto amaningi Athatha IBhayibheli Njengoba Linjalo abonisa inhlonipho ngokuphila kuze kube sezingeni lokunqabela ukukhishwa kwesisu njengokuwukuchithwa kwegazi elingenacala. Noma kunjalo, umthetho waseItaly wokukhishwa kwezisu, ungomunye wemithetho yaseYurophu eyekelela kakhulu.

UbuBuddha nabo buyakulahla ukukhishwa kwezisu. Kodwa eJapane ngonyaka owodwa vo, kubikwa ukuthi kwakhishwa izisu eziyizi-618 000, ngisho nakuba amaphesenti angama-70 abantu abahlala khona ebambelele ebuBuddheni. Lokhu kuphakamisa umbuzo othi: Inkolo kumelwe siyahlulele ngasiphi isisekelo, ngokwalokho izikhulu zayo nabanye babefundisi bayo abakushoyo noma ngokwalokho inani elikhulu lamalungu alo anokuma okuhle akwenzayo?

Esinye isibonelo sokwehluleka ukuxwayisa omubi siphathelene nokubalwa kwezikhathi kweBhayibheli nokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli. Kokubili kubonisa ukuthi ngo-1914 uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini wamiswa ezandleni zikaJesu Kristu.b Nakuba eLobukholwa minyaka yonke ngoDecember ligubha okucatshangelwa njengosuku lokuzalwa kukaKristu, abefundisi abasammemezeli njengeNkosi ebusayo njengoba nje abaholi bobuJuda bengazange bamamukele njengeNkosi Emisiwe emakhulwini ayi-19 eminyaka adlule.

Abefundisi, banoma iyiphi inkolo, abahlulekayo ukuxwayisa ngemiphumela yokungayilaleli imithetho kaNkulunkulu ngokuziphatha neyokwenqaba ukuzithoba eMbusweni kaNkulunkulu obusayo, ngokukaHezekeli 33:8, bazinqwabelanisela icala legazi phezu kwabo. Ukuthula kwabo kuphumela ekusongeni izandla njengoba izigidi zomhlambi wabo ziba necala legazi.

Ngaleyondlela, ngokuninda izingubo zayo ngegazi elingenacala, inkolo yamanga iye yaphika igazi elachithwa elinika ukuphila likaKristu Jesu. (Bheka uMathewu 20:28 nabase-Efesu 1:7.) Ngenxa yalesosizathu, igazi elininde izingubo zenkolo yamanga ngokushesha—ngokushesha kakhulu—lizoba ngelayo!—IsAmbulo 18:8.

“Inkolo Yamanga—Eyeqiwe Isikhathi Sayo Esidlule!” ngeke ithole-ntuba yokuphunyuka. IPhaphama! yethu elandelayo mayisichazele.

[Imibhalo yaphansi]

a Lokhu kuthi akufane nesehlakalo ‘sezangoma’ ezilinganiselwa ezi-300 000 kuya ezi-3 000 000, okwathi ekuqaleni kwekhulu le-15 leminyaka, zabulawa ngesibusiso sikapapa.

b Bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, izahluko 16-18, eyakhishwa ngo-1982 yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Ibhokisi ekhasini 28]

“Ezingxenyeni eziningi zezwe namuhla, inkolo iye yaba umlekeleli wenguquko . . . lyaqhubeka ishoshozela ukubulala eNyakatho Ireland ngendlela efanayo neyasezwekazini elincane laseNdiya nasePhillipines.”—The Encyclopedia of Religion

[Isithombe ekhasini 27]

Icala legazi lenkolo yamanga lesikhathi esidlule, njengoba liboniswe kulomfanekiso oqoshwe okhunini wekhulu Ie-15 leminyaka wokushiswa kwamambuka amaningi amaKatolika, liyize kakhulu uma liqhathaniswa nomlando wayo phakathi nekhulu lama-20 leminyaka

[Isithombe ekhasini 28]

Izinsimbi zesonto zaseJalimane zaphekwa zancibilikiselwa izinjongo zempi phakathi neMpi Yezwe I

[Umthombo]

Bundesarchiv Koblenz

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela