Ihhashi Elimpofu Liyagabavula
UMPROFETHI uJohane waphefumlelwa uNkulunkulu ukuba abikezele isikhathi lapho umqedazwe wezifo wawuyodlanga emhlabeni wonke njengehhashi elimpofu eligijimayo eligitshelwe ukufa. (IsAmbulo 6:8) Ukwanda okwesabekayo kweAIDS (ingculaza) kuwubufakazi obukhulu nobushaqisayo bokuthi siphila kulesosikhathi. Eqinisweni, izikhulu zezempilo zaseDolobheni laseNew York zichaza ukwanda okusheshayo kweAIDS ngokuthi “umqedazwe ozayo.”
EThailand, izifundazwe ezingu-70 kwezingu-73 manje sezinegciwane leAIDS. Ngo-1987 babeyiphesenti elilodwa kuphela abasebenzisi bemilaliso baseBangkok ababeneAIDS; phakathi no-1989 abangaphezu kwamaphesenti angu-40 babenayo. IBrazil ilindele iziguli ezingu-75 000 ukuba ekuhlolweni zitholakale zineAIDS ngemva kweminyaka emithathu, nezinye ezingu-1 500 000 ezingenwe yilesisifo. Emabhange egazi angu-1 200 aseBrazil, angamaphesenti angu-20 kuphela ahlola igazi lawo alithengisayo ngo-1988, futhi amaphesenti angu-14 abantu abaguliswa yiAIDS athola lesisifo egazini elonakele. ERio de Janeiro naseSão Paulo, cishe amaphesenti angu-75 abantu besilisa abanesifo sokopha esihlobene nobulili (haemophiliacs) bangenwe yilesisifo (seAIDS). ECôte d’Ivoire, abesifazane abakhulelwe abafinyelela emaphesentini angu-10 kanye nabanikela ngegazi abangamaphesenti angu-10 baneAIDS.
Emhlanganweni wezizwe ezingu-87 kuxoxwa ngeAIDS, isikhulu sezokwelapha saseMelika sathi: “Umqedazwe wokuthelelana ngeHIV (igciwane leAIDS) awulawuleki eUnited States nasemhlabeni.” Inhlangano Yezikhungo Zokulwa Nezifo ZaseU.S. ilinganisela ukuthi ngo-1998 abaseMelika abayisigidi bayobe sebebonakala ngokucacile ukuthi banelesifo, nabaningi kakhulu abanegciwane. Izilinganiso zalabo kakade asebenegciwane muva nje ziye zabukezwa zatholakala ziphakeme kakhulu. EDolobheni laseNew York, iAIDS manje iyimbangela yesithathu yokufa, idlulwa yisifo senhliziyo nomdlavuza kuphela.
Amabhange egazi aye amangalelwa ngenxa yokunikeza igazi elinegciwane leAIDS ukuze limpontshelwe. Amaningi aye ayalezwa ukuba akhokhele umonakalo. Namanje angase abhekane nokumangalelwa okuningi okwengeziwe. Kwakhala inhloko eyelulekayo yeNhlangano yaseMelika yamaBhange eGazi: “Ingabe ikusasa liphetheni? Angazi. Okubi kakhulu okungenzeka ukuba izikhungo zegazi ziphele zingabuye zibe khona.”
Ngokushesha, ngempela kuzoba nesiphelo kuwo wonke amabhange egazi ngoba sisondela esikhathini esizobona izwe elingenayo iAIDS, izwe elingenazo izibhedlela, ukugula, noma ukufa. UJohane, owachaza ukugabavula kwehhashi elimpofu, wabuye wabhala isithembiso sikaNkulunkulu “somhlaba omusha,” umphakathi wesintu okhululiwe ekuhlushweni yizifo. (IsAmbulo 21:1-4) Kuyaphuthuma ukuhlolisisa lesosithembiso manje, ngoba okwamanje ihhashi elimpofu liyagabavula.