Umthokozisi Obomvu Ohlabelela Ingoma Emnandi
Wake wavuswa yini umthokozisi obomvu ohlabelela ingoma emnandi? Uma uhlala eNyakatho Melika, leyo kungase kube yindlela ejabulisayo yokukuvusa ebuthongweni ngenxa yokuthi enye yezinyoni ezihlabelelayo ezithandwa kakhulu—uhlobo lwenyoni ebomvu klebhu—yakha isidleke sayo kuleyongxenye yezwe. Lenyoni ebomvu klebhu yesilisa yenza indawo yayo yaziwe ngokushaya ikhwela elicacile. Futhi ayive iwumhlabeleli ophikelelayo noyigagu! “Enye inyoni ebomvu klebhu yesilisa kwabikwa ukuthi inezingoma ezingu-28 ezakhiwa izingxubevange ezingefani zamanothi,” kusho i-International Wildlife Encyclopedia.
Lenyoni enhle ingamasentimitha acishe abe ngu-20 ubude, ivunule ngezimpaphe ezigqamile ezibomvu kanye “nephinifa” elimnyama elizungeze umlomo wayo. Nokho, eyesifazane igqoke ibhantshi lezimpaphe ezinsundu ngokuphuphile. Ingenye yezinhlobo ezimbalwa kakhulu ngokuqhathaniswa abesifazane bazo abakwazi ukucula.
Kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi, ngesikhathi esizayo lapho uzwa ubuzwibizwibi bokuhlabelela kwenyoni, bonga uMdali wakho wasezulwini ngenxa yokuhlakanipha nekhono lakhe okungenakuqhathaniswa. Izinyoni ezihlabelelayo zingezinye zezipho zakhe zombala omuhle nenjabulo.—IHubo 148:7-10.