Ukubuka Okwezwe
IPLANETHI YETHU ENGCOLISIWE
IToronto Star ibika ukuthi “ukuphathwa kabi kwendawo ezungezile kubi kangangokuthi manje kubonakala ngisho nalapho usemaplanethini angaphandle.” Izithombe ezithathwe osonkanyezi besemaplanethini angaphandle zibonisa ukuthi “leplanethi yembozwe uthuli olubangelwa izingwadule ezandayo, amachibi amakhulu ayanyamalala futhi isimo sezulu sishintshwa ukungcola.” Ukushisa okubangelwa imishini yokugaya insimbi, izikhatha zentuthu ezivela emadolobheni amakhulu, kanye nesisi esivela emahlathini ashayo kwakhonjwa njengezibonelo zokonakaliswa kwendawo ezungezile okubangelwa abantu. NgokukaDick Underwood, umeluleki weU.S. National Aeronautics and Space Administration, ukwanda okusheshayo kwezingwadule kubangela “usongo olukhulu kakhulu,” njengoba kungase kungabi nandlela yokukumisa. Ezwakalisa ukukhathazeka kwakhe, wathi: “Umhlaba umane nje uyiplanethi encane, kodwa uwukuphela kweplanethi esinayo.”
UKUVUSELELWA OKUNGOKWENKOLO KWESOVIET
NgokukaMongameli uMikhail Gorbachev, “iSoviet Union yona kakhulu ngokwenqaba inkolo futhi manje idinga amandla ayo angokokuziphatha,” kusho iNew York Times. Yamcaphuna ethi: “Izinzuzo ezingokokuziphatha ezavezwa futhi zaqukathwa inkolo eminyakeni engamakhulu zingasiza emsebenzini wokuvuselela nasezweni lethu. Eqinisweni, lokhu kuyenzeka kakade.” Umbiko okuWall Street Journal uyavuma: “Ngisho naphakathi kwabantu abangayithandi kakhulu inkolo, manje kuvamile ukudabuka ngenxa yokwehla kwezindinganiso zokuziphatha zesizwe kanye nokwedelela umbono wenkolo weMarxist-Leninist njengomlaliso wabantu.” Nakuba inguquko, kuqhubeka iJournal, “iye yabangela ukuvuselelwa kwesonto ezweni lonke, iNcwadi Ezidlula Zonke iyindlala ngendlela edabukisayo.” Abashicileli bezincwadi baseSoviet, abasalawulwa “uhulumeni okushumayela ngokomthetho ukungakholelwa kuNkulunkulu,” bebengawanyathelisi amaBhayibheli ukuze kuhlangatshezwane nesidingo. Amakhophi anyatheliswe ngomshoshaphansi, uma engatholakala, adayiswa ngo-R260 lilinye, futhi kuye kwabikwa ukuthi amaBhayibheli ayebiwa.
UMLUTHA OBULALAYO
IUN Chronicle ibika ukuthi: “Njalo emizuzwaneni engu-13, othile uyafa ebulawa isifo esibangelwa ugwayi. Ukulinganisela okwenziwe ngokucophelela kubeka isilinganiso sabantu ababulawa ugwayi ezigidini ezingu-2,5 unyaka ngamunye.” Emazweni amaningi, inani labesifazane ababhemayo liye landa ngokushesha. Ngaphezu kwengozi yomdlavuza wamaphaphu nezinye izifo eziphathelene nomgudu wokuphefumula, abesifazane ababhemayo abasebenzisa amaphilisi okuvimba inzalo basengozini enkulu yokuba nesifo senhliziyo nokushaywa yistroke. Abesifazane abakhulelwe bafaka futhi engozini ukuphila kwengane yabo.
UDALAI LAMA WOKUGCINA?
UDalai Lama waseTibet, umzuzi woMklomelo Wokuthula weNobel wango-1989, uthi ufuna ukwehla esikhundleni futhi avumele umongameli owakhethwa abantu abaningi ukuba athathe indawo yakhe. Ngokwemfundiso yamaBuddha yaseTibet, uDalai Lama okhona manje uwukumelelwa kwasemhlabeni kwe-14 kukaChen-re-zi, uBuddha ophilayo, unkulunkulu ongumvikeli waseTibet. Kusukela ngekhulu le-17 leminyaka uDalai Lama ubelokhu ebhekwa njengombusi ongokwenkolo nongokombangazwe waseTibet. Kungani manje kuhlongozwa ushintsho? ULodi Gyari, ungqongqoshe wezangaphandle kaDalai Lama, uthi kwakwenzelwa ukuphoqelela abantu baseTibet ukuba babheke esikhathini esizayo. Wathi “ubuBuddha bufundisa ukuthi ayikho into ehlala phakade nokuthi wonke umuntu kufanele adlule, ngisho noDalai Lama. Ngakho kumelwe sikuhlelele lokho.” Kodwa abaholi baseTibet, abadingiselwe eNdiya noDalai Lama, bayawuphikisa lomqondo. Kusukela ngo-1950, iTibet ibilokhu ingaphansi kokubusa kobuKhomanisi bamaChina. UDalai Lama wabalekela eNdiya ngo-1959 ngemva kokuba izibhelu ezimelene nokubusa kwamaChina zihlulekile.
UMZUZI WEMALI YOKUBHEJA UYALAHLEKELWA
UJean-Guy Lavigueur, owazuza izigidi ezingu-$7,6 (amaRandi ayizigidi ezingu-16,9) zomncintiswano wokubheja waseCanada wango-1986 uthi, “ngingathenga noma yini engiyifunayo ngesikhathi engiyifuna ngaso, kodwa ngaphandle kwalokho angisajabuli neze ngaphezu kwanoma ubani.” Umuntu owayezisebenza waseMontreal uthi ukuba usozigidi “akuzange kungishintshe, kodwa kuye kwashintsha wonke umuntu ongizungezile.” Manje umndeni wakithi kanye nabangane abadala ngokufanayo baye bangilahla ngenxa yokuthi, njengoba ekubeka, “angizange ngibaphe imali eyanele.”
INSANGU NENKUMBULO
Abacwaningi baye bathola ukuthi “intsha esebenzisa kabi insangu ingaba nezinkinga zokuba nenkumbulo emfushane kuze kuphele amasonto ayisithupha ngemva kokuba iyeke ukubhema lesidakamizwa,” kusho umagazini iScience News. Ephawula ukuthi intsha eyayisebenzisa kabi insangu “ngokuvamile yayinenkinga yokukhumbula imithetho nokulandela izingxoxo” lapho iselashwa ngemilaliso, abacwaningi bayihlola beyiqhathanisa nalabo abasebenzisa kabi eminye imilaliso nalabo abangayisebenzisi nhlobo. “Abafana namantombazane abasebenzisa kabi insangu baba nenkumbulo embi kakhulu emisebenzini edinga inkumbulo yesikhashana” kunawo womabili amanye amaqembu, kusho umbiko, futhi emasontweni ayisithupha kamuva, “nakuba izinkumbulo zabo zazithuthukile kancane, nalapho babesenza kabi kunamanye amaqembu amabili.”
ABEFUNDISI ABANGONGQINGILI
“Sekuyisikhathi sokuba othile akusho ngokungananazi,” kubhala oyilungu labefundisi uAndrew Greeley kuyiNational Catholic Reporter. “Abaholi besonto banecala lobunye futhi ubulima, lobo obucekela phansi yonke into eyake yamelelwa abapristi bamaKatolika.” Yini leyo? “Abaholi besonto babekezelela indinganiso embaxa-mbili yokungashadi futhi, ngenxa yobulima nokwesaba, bavumela ukuba abapristi ngokoqobo, mhlawumbe ngesikhathi esifanelekile, babe ongqingili,” kusho uGreeley. Nakuba evuma ukuthi “abapristi abaningi, ababhishobhi, opapa ngisho nosanta eminyakeni edlule ngokunokwenzeka babethambekele kakhulu ekubeni ongqingili kunokuba bahlanganyele ebulilini nabobulili obehlukile,” ukholelwa ukuthi inkambiso esebenzayo yesonto ngokuphathelene nobulili babapristi ibangela abefundisi ukuba babuswe ubungqingili ngokweqile, futhi ibe ngelimaza ngisho nangokwengeziwe “isimo esesingcolisiwe kakade sabapristi.” UGreeley uyenezela: “Kubonakala ukuthi abapristi abaningi abangongqingili abamiswa eminyakeni engamashumi amabili edlule bahileleke kakhulu ebulilini futhi abanye babo bangamapedophile [bathanda izingane njengezisulu zobulili].”
INDIDA ESINEMINYAKA ENGU-2 500
INkosi uNebukadinesari wayezinisela kanjani iziNgadi zasendulo Ezazisendaweni ewuMmango zaseBabiloni? Yilokho uMongameli uSaddam Hussein waseIraq afuna ukukwazi, kusho iNew York Post. Uze ngisho uthembisa umklomelo wamaRandi ayizigidi ezingu-39 kunoma ubani oyokuza nenqubo ephumelelayo yokunisela izingadi ezisezindaweni ezisazitebhisi eziyisikhombisa zasendulo. Nokho, ezobuchwepheshe banamuhla ngeke zisetshenziswe kulenqubo, kungasetshenziswa kuphela lokho okungenzeka ukuthi kwakusetshenziswa emuva lé ngekhulu lesithupha leminyaka B.C.E. Uhulumeni waseIraq ufuna ukwenza izingadi ezifana nazo, okungenzeka zaziphakeme ngamamitha angu-110. Lomncintiswano uvulekele kuphela abantu baseIraq.
IMALI ENGAFUNWA
Indibilishi (isenti elilodwa, laseU.S.) iya ingathandeki ngokuqhubekayo, njengoba abahwebi abengeziwe bechoma izimpawu ezifundeka kanje: “Izindibilishi azamukelwa.” Izindibilishi eziningi zimane nje zitshingwe laphaya. Imboni egaya izinto kabusha yaseFlorida ithi ithola izindibilishi ezingu-$1 000 (R2 600) isonto ngalinye zixubene nemfucumfucu yasendlini. UMnyango Wezezimali WaseU.S. ubika ukuthi izindibilishi ezingaphezu kwe-6 000 000 000 ziyanyamalala unyaka ngamunye.
USIZI LWEMPI
Ngokokuhlola okwenziwa uWilliam Eckhardt weU.S.-based Lentz Peace Research Laboratory, abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-4,5 bafa empini ngo-1988. Isihloko esikuNational Catholic Reporter sithi, “Izisulu eziyizingxenye ezintathu kwezine zazingabantu abangabuthiwe empini, iningi labo lalingabantu abadala nezingane ababengakwazi ukuthola indawo yokukhosela ngokushesha futhi abaningi babulawa ukungatholi ukudla okunomsoco.” Izimpi zangaphakathi zenzeka emazweni ayi-18 kwangu-22 lapho kunobufakazi obuphathekayo bokuthi kwaba khona izimpi. Nokho, iNyakatho Ireland, iEl Salvador, iNicaragua, iNamibia, neNingizimu Afrika awazange ahlanganiswe, njengoba abafa kulawomazwe babengaphansi kwenkulungwane ngonyaka. Ngo-1988 kwaqubuka izimpi ezintsha eBurundi naseNyakatho Somalia.
OKUNCANE KAKHULU EZINTWENI EZINCANE
Kutholakale uhlobo olusha lwezilwanyana ezincane ezihlala emanzini: amavirus angengaphezu kwamamicrometer angu-0,2 ngokwesilinganiso sediameter. Ngaphambili, izinhlobo ezincane kakhulu zokuphila kwakucatshangwa ukuthi amananoplankton, izilwanyana ezilinganiselwa kumamicrometer angu-10 kuya kwangu-20 ngokwesilinganiso sediameter, kanye namapicoplankton, angaphansi kwamamicrometer angu-2 kudiameter. Kulinganiselwa ukuthi emililitheni elilodwa lamanzi angangcolile kunamavirus ayizigidi ezingu-10 kuya kwezingu-100—okuyinani lamabacteria eliphindwe kayishumi—okuwenza abe “izinhlobo zezilwane eziphilayo eziningi kunazo zonke emhlabeni,” kusho iScientific American.
UBUDLOVA BEVIDEO
Ukubulawa ngonya kwamantombazane amane aseJapane kuye kwavusa intukuthelo ngamakhasethi evideo anobudlova, kubika umagazini iAsiaweek. Umbulali, uMiyazaki Tsutomu, uthi kwakuyimibukiso yobudlova yamavideo kanye nezithombe ezingcolile okwamshukumisela ukuba ahlanganyele ekuhlaseleni ngokobulili okunyantisa umzimba kanye nasekubulaleni. Amaphoyisa athola amakhasethi evideo acishe abe ngu-6 000 endlini kaTsutomu; ayeqokomisa izigcawu zokuphila okungokoqobo kokubulawa kwabantu abaningi ngesihluku, ukucwiywa kwabantu, kanye nezithombe ezingcolile. Kodwa abakhulumeli bemboni ekhiqiza amakhasethi evideo bakwenqaba noma yikuphi ukuhlangana phakathi kwamabhayisikobho nobugebengu “njengokuyihlaya.” Nakuba abazali babevungama befuna kumiswe imithetho eyengeziwe evimbela lawomakhasethi, isikhulu sikahulumeni sathi okungenzeka kuphela ukuthi lamakhasethi abukwe abantu abaneminyaka eyi-18 noma ngaphezulu ubudala. Kodwa njengoba iAsiaweek yaphawula: “Lokho akuyixazululanga neze inkinga: UMiyazaki uneminyaka engu-26.”