Ukucwaninga Ngezilwane— Umbono Olinganiselwe
NAKUBA inani elikhokhiwe lingase liphakamise izimpikiswano, abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukucwaninga ngezilwane kuye kwasenzela okuhle kakhulu isintu. Ngisho nalabo abasekela ubudlova obulwa nokusetshenziswa kwezilwane ekuhloleni baye bathola izinzuzo zolwazi olusha kwezokwelapha nezinqubo zezokuhlinza kanye futhi nezidakamizwa ezilwisana nezifo.
UMartin Stephens weHumane Society yaseUnited States wathi: “Kumelwe sethembeke futhi siqaphele ukuthi kuye kwaba khona izinzuzo ezithile ekucwaningeni ngezilwane. Kodwa umgomo wethu esiphokophelele kuwo ukusetshenziswa kwezinye izinto ngokuphelele esikhundleni sezilwane.” (Parade Magazine, October 9, 1988) UVicki Miller, undunankulu weToronto Humane Society, wathi: “Ngiyavuma ukuthi ngasekuqaleni kwekhulu leminyaka izilwane zazisetshenziswa. Ukulawulwa kwediabetes kwatholakala ngokucwaninga ngezilwane okwakuvunywe ngokomthetho. Kodwa asisekho isidingo sakho manje ngenxa yokuthi sinazo zonke izinhlobo zobuchwepheshe ezingasetshenziswa esikhundleni salokho.”—The Sunday Star, Toronto, Canada.
Lomcusumbuli ofanayo wabuzwa ukuthi wayengabaphendula kanjani labo abaphakamisa lempikiswano: Uma igundwane kumelwe life ukuze lisindise ukuphila komntwana, kufanelekile. Uma kungenakwenzeka ukucwaninga ngezilwane, izingane ziyafa ukuze zisindise amagundwane. Impendulo ayinikeza kuyiGlobe and Mail yaseToronto yayiwukuthi: “Kuyindaba ethinta imizwelo kakhulu, futhi uma sikubheka ngalowombono cishe akunakwenzeka ukukunqoba . . . Kukhona into eyigundwane noma ewumntwana futhi uyalahlekelwa ngaso sonke isikhathi.”
Kwaphakanyiswa lombuzo esihlokweni esandulele: “Uma ukucwaninga ngezilwane kungasindisa wena noma othandekayo wakho esifweni esizwisa ubuhlungu obukhulu noma ukufa, ingabe ubuyokwenqaba?” UJohn Kaplan, uprofesa womthetho eYunivesithi yaseStanford, eCalifornia, wabhala impendulo esihlokweni sikaNovember 1988 sikamagazini iScience: “Labo abamelene nokucwaninga ngezilwane kuyaqabukela benamathela ezimisweni futhi bafundise odokotela babo ukuba bangayisebenzisi imiphumela yokucwaninga okwenziwe ngezilwane kwezokwelapha lapho kuzozuzisa abathandekayo babo noma bona ngokwabo. Futhi abazange bazimisele ukwenqaba ngokuphelele izinzuzo zanoma iyiphi intuthuko yangesikhathi esizayo etholakale ekucwaningeni ngezilwane. Singazihlonipha izimiso ezishukumisela oFakazi BakaJehova ukuba benqabe ukumpontshelwa igazi . . . futhi labo abamelene nokuzingelwa kwezilwane ezinoboya ukuba bangawagqoki amajazi oboya. Kodwa kumelwe silwisane ngamandla nombono oholela labo abamelene nokucwaninga ngezilwane ukuba baphishekele inkambo yabo ngokwehluleka ukubeka isibonelo kodwa kunalokho ngokulwa ngezimpikiswano zokungethembeki ukuze balahlekisele wonke umuntu izinzuzo.”
Umhleli kamagazini iScience kaMarch 10, 1989, wabhala: “Umphakathi kumelwe waziswe ukuthi ukucwaninga ngezilwane kuzuzisa futhi nezinye izilwane. Eqinisweni, umjovo wokugomela irinderpest, igciwane elibulala izigidi zezinkomazi kancane kancane, futhi kabuhlungu, watholwa ngokucwaninga ngezilwane; lomjovo manje usetshenziswa Inhlangano Yezempilo Yomhlaba ezigidini zezinkomazi eAfrika.”
Umbono OngokweBhayibheli
Ngemva kukaZamcolo wembulunga yonke ngosuku lukaNowa, uJehova uNkulunkulu wanikeza lomyalo kuNowa nasenzalweni yakhe, ehlanganisa nesizukulwane sethu: “Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba-ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube-njengemifino eluhlaza kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.” (Genesise 9:1, 3, 4) Izikhumba zezilwane zazingasetshenziselwa futhi izembatho. Lokhu akunakuwephula umthetho wokubusa komuntu izilwane awunikezwe uNkulunkulu.—Genesise 3:21.
“Uma izilwane zingasetshenziswa njengokudla kokusekela ukuphila kwabantu, kubonakala kunengqondo ukuzisebenzisa ekucwaningeni kwezokwelapha ukuze kusindiswe ukuphila. Nokho, lokhu akunikezi igunya lokucwaninga okungenayo imingcele futhi ngokuvamile okungenanzuzo, nokuphindaphindwayo okuhilela ukuzwiswa ubuhlungu obukhulu,” kwabhala umagazini iPhaphama! kaJune 22, 1980, ngesiNgisi. Ngokuqinisekile, ngokombono weBhayibheli, unya lokungabi naluzwela ezilwaneni alunakuvunwa.—Eksodusi 23:4, 5, 12; Duteronomi 25:4; IzAga 12:10.
Odokotela abaningi nezazi zesayensi bayavuma ukuthi kuye kwaba nenzuzo ethile evele enhlanganweni ephikisayo yalabo abamelene nokucwaninga ngezilwane. Esinye isazi sesayensi savuma: “Amaphuzu amaningi acasulayo enziwa inhlangano yezenhlalakahle yezilwane ayeqisa kodwa ayiqiniso.” Isazi sesayensi saseMelika uJeremy J. Stone sathi: “Ukuphila nokuhlupheka kwezilwane ngempela kumelwe kufeze okuthile.” Isazi sokwakheka komzimba uDkt. D. H. Smith savuma: “Olunye ulwazi lungatholakala ngokukhokha inani elikhulu.” UDkt. J. B. Wyngaarden weNhlangano Yesizwe Yezempilo yaseU.S. wathi: “Siyavumelana nesifiso sokwenza ukucwaninga kungazwisi buhlungu, ukunakekela ngokucophelela nokunciphisa inani lezilwane ezisetshenziswa ekucwaningeni.” Futhi omunye umshisekeli wezilwane wavuma: “Kwakuvame ukuba nombono wokungagqizi-qakala ngokusetshenziswa kwezilwane ngokungacabangi lutho olunye ngakho. Namuhla, ukucabanga ngezinye izindlela ezinokusetshenziswa kubhekwa njengento okumelwe yenziwe.”
“Ezinye izindlela ezinokusetshenziswa” indaba ebaluleke ngokuyinhloko. Izazi zesayensi ziyavuma ukuthi zingase zingakwazi ukufinyelela iqophelo lapho zingakuyeka ngokuphelele ukucwaninga ngezilwane, kodwa lapho kunokwenzeka khona ziyaqhubeka nokufuna ezinye izindlela ezinokusetshenziswa. Ngokwesibonelo, onogwaja abasasetshenziswa ukuqinisekisa ukukhulelwa komuntu, njengoba manje sekunenqubo yamakhemikhali. Amaganipiki awasasetshenziswa ukubona itubercle bacillus. Izinqubo zempucuko manje zisindisa ukuphila kwalezilwane ngaphandle kwalokho ebezizofa. Ezinye izinqubo zempucuko yokucwaninga ngezicubu ziye zathathela indawo ukucwaninga ngamagundwane. Futhi onogwaja abaningi abakade bethweswa ubunzima ukuze kwenziwe ukucwaninga okubuhlungu kukaDraize bangase basindiswe ngenxa yokusetshenziswa kolwelwesi lweqanda lesikhukhukazi njengento esetshenziselwa ukucwaninga. Ngokuqinisekile, abantu abazwelayo ngenxa yokuhlupheka okuzwiwa izilwane banethemba lokuthi kuyoba nezinye izindlela eziningi ngokwengeziwe zokusetshenziswa esikhundleni sazo eziyotholakala ngokushesha.
Nokho, indlela ezedlula zonke eyosetshenziswa esikhundleni sezilwane iPharadesi eselilindelwe isikhathi eside amaKristu eqiniso aye alithandazela. UJehova uNkulunkulu, uMdali onothando, uye wathembisa ukuthi zonke izifo nokufa uqobo lwakho kuyoqedwa phakade. Ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe, umuntu nezilwane kuyoba nokuthula omunye nomunye phakade, futhi akukho okuyokubesabisa. Azisayikuba khona izifo futhi ngaleyondlela asiyikuba khona isidingo sokucwaninga ngezilwane. Unya luyakuba yinto yesikhathi esidlule.—Isaya 25:8; 33:24; 65:25; Mathewu 6:9, 10.
Ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, akuyikuba khona ukugula noma ukufa noma unya oluyokwenziwa ezilwaneni