Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 9/8 k. 3-k. 4 isig. 2
  • Intsha Yanamuhla—Isimo Esisemhlabeni Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Intsha Yanamuhla—Isimo Esisemhlabeni Wonke
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Intsha Elusizi Nezibhubhisayo
  • Ziyini Izinselele?
    I-Phaphama!—2009
  • Intsha Yanamuhla—Izinselele Ebhekana Nazo
    I-Phaphama!—1990
  • Lapho Ithemba Nothando Kuqina
    I-Phaphama!—1998
  • Intsha Yanamuhla—Ibhekana Nezinselele Zawo-1990
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 9/8 k. 3-k. 4 isig. 2

Intsha Yanamuhla—Isimo Esisemhlabeni Wonke

ISIMO sengqondo esithandwayo siveza intsha njengabavukeli abasanganiswa izidakamizwa, iziwula, abazikhathalela bona nabavilaphayo, abangacabangi lutho ngaphandle kwezingubo zokugqoka, iTV, kanye nobulili. Nokho, kwabaningi, lombono ophambene ngentsha ubonakala ungeyona ngempela into engokoqobo,

Ukuhlola okwabikwa kuyiPsychology Today kwathola ukuthi ‘cishe izingxenye ezintathu kwezine zalabo abahlolwa zabonakala zihleleke kahle. Ngokuvamile babejabulile, bezithiba, bekhathalela abanye, benokukhathazeka ngokuvuna imiphumela yezenzo zabo.’ Ingazehlukanisile neze nabazali bayo, intsha eningi yatholakala “inesimo esihle sengqondo ngasemikhayeni yakubo.”

Okunye ukuhlola kwembula ukuthi amathemba amaningi, izinto eziphishekelwayo, kanye nezinto ezesatshwa yintsha yanamuhla nakho kubonisa ukucabanga okuhluzekile. Ngo-1985 iUnesco Courier yabuza intsha yasemazweni angu-41: “Iyiphi inkinga ekhathaza kakhulu yonke intsha yanamuhla?” Bathola izimpendulo ezinengqondo ‘njengezinkinga zempi nokuthula’ (amaphesenti angu-50), “ukuswelakala komsebenzi nomsebenzi” (amaphesenti angu-30), kanye “nekusasa” (amaphesenti angu-10).

Ngisho nalapho kugxilwa ezintweni ezifunwa abantu siqu, intsha nalapha ibonisa isimo sokucabanga esimangalisayo. Ngemva kokuhlola “iqembu elimelela isizwe labafana namantombazane [baseU.S.] abasukela eminyakeni eyishumi nane kuya kwengamashumi amabili nanye ubudala,” umagazini iSeventeen watshela abafundi bawo abasebancane: “Ngaphezu kwanoma yini enye, nifuna ukushada nokuba nomkhaya. Into yesibili eniyifunayo umsebenzi noma ukufundela umsebenzi. Ninomgomo wokwenza imali. Nikhathazeka futhi nangemali, kanye nemfundo. Kodwa abangaphezu kwamaphesenti angu-60 benu abakukholelwa ukuthi izinkinga zomhlaba zingaphezu kwamandla esizukulwane senu okwenza izinto zibe ngcono.”

Khona-ke, ngokuvamile intsha kuwo wonke umhlaba ifuna zona kanye izinto ezifunwa abantu abadala: injabulo, ukulondeka, imikhaya esondelene. Ikhathazekile ngomhlaba ephila kuwo futhi ngobuqotho ifuna ukuwuthuthukisa. Nokho, kunohlangothi olumnyama kulesimo.

Intsha Elusizi Nezibhubhisayo

Ukuhlola okushiwo ngenhla kwathola lesimo esidabukisayo: “Ingxenye eyodwa kwezine yentsha eyahlolwa yathi ngokuvamile iba lusizi futhi ibe nesizungu futhi izizwe ingenalutho ngokomzwelo, futhi isibekelwe izinkinga zokuphila. Embalwa yaze ngisho yavuma ukuthi iba nemiqondo yokuzibulala nokuthambekela kukho.” Kwamanye amazwe intsha idlulela ngalé kokungacatshangwa. Inani lokuzibulala phakathi kwentsha esindadlana eUnited States licishe laphindeka kabili eminyakeni engu-20 eyedlule!a

Enye imbangela yokukhathazeka okukhulu ukwanda emhlabeni wonke kokusebenzisa kwentsha izidakamizwa, ezinjengensangu, iheroin, icocaine, necrack, okuwuhlobo lwecocaine. Enye intombazane eneminyaka engu-14 ubudala eUnited States yathi ngokuphathelene nokubhema insangu: “Ayiseyona ngisho nento ‘yesimanje.’ Cishe iyingxenye yokuphila kwawo wonke umuntu.”

Ngisho namazwe athuthukile awaphunyukanga kulenkinga. Ukubona intsha ibhema inhlama yecoca kanye nokunye okufana nakho kuvamile emazweni amaningi anjalo. Ngakho uNobhala-jikelele weUN uJavier Pérez de Cuéllar wathi inkinga yokushushumbisa izidakamizwa ezingekho emthethweni nokuzisebenzisa kabi “ibeka usongo olubhubhisayo ezizukulwaneni ezikhona nezizayo njengobhadane olwakhukhula izingxenye eziningi zomhlaba ezinkathini ezingaphambili.”

Ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezisemthethweni, njengotshwala nogwayi, phakathi kwentsha kwenza izazi eziningi—nabazali—bakhathazeke. IUN Chronicle iyabika: “Eminyakeni engu-30 kuya kwengu-40 eyedlule, ngokweWHO [INhlangano Yezwe Yezempilo], amaphesenti andayo ezingane nentsha esithombile aseqale ukuphuza uphuzo oludakayo; izilinganiso kanye nobuningi bezikhathi zokubuphuza zandile; futhi iminyaka yobudala okuqaliswa ngayo ukuphuza yehlile.”

Kuyavunywa, intsha embalwa kuphela ecindezelekile noma ehileleke emkhubeni wokuzibhubhisa. Nokho, emhlabeni wonke, basabalelwa ezigidini abanezinkinga ezingathi sína. Njengoba sizobona ngokulandelayo, intsha namuhla ayivikelekile ekucindezelekeni okuphawulekayo ezikhathini esiphila kuzo.

[Imibhalo yaphansi]

a Ngokwencwadi iHelping Your Teenager Deal With Stress, enye ikholelwa ukuthi “ukushayisana kwezimoto ngokuvamile kuyindlela yokuzibulala esetshenziswa yintsha endadlana.” Njengoba ngokuvamile izingozi zezimoto zingabalwa njengokuzibulala, kungenzeka kushiwo izibalo zokuzibulala kwentsha ezingaphansi kwalokho eziyikho ngempela.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela