Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 10/22 k. 31
  • Lokho Ukuvivinya Umzimba Okungakwenzela Khona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Ukuvivinya Umzimba Okungakwenzela Khona
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uwuvivinya Ngokwanele Umzimba?
    I-Phaphama!—2005
  • Impilo Enhle—Yini Ongayenza Ngayo?
    I-Phaphama!—1989
  • Isinyathelo 3—Vivinya Umzimba
    I-Phaphama!—2011
  • Ukuvimbela Nokulawula Umfutho Wegazi Ophakeme
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 10/22 k. 31

Lokho Ukuvivinya Umzimba Okungakwenzela Khona

UKUHLOLA okuyingqopha-mlando kwabangu-17 000 abasanda kuthola iziqu eHarvard, okwachazwa kuyiNew England Journal of Medicine eminyakeni emine edlule, kwabonisa ukuthi ukuzivivinya okungokomzimba kungavimbela ukuthambekela okungokofuzo kokufa ngokushesha. “Unempilo enhle ngoba uyashukuma,” kwaphetha uDkt. Ralph S. Paffenbarger, Jr., umqondisi walokhu kuhlola.

NgoJune 1989 iJournal of the American Medical Association yathi: “Ukunyakazisa umzimba kuye kwahlanganiswa nokuvikelwa nokulawulwa kwezifo eziningana, njengesifo semithambo yenhliziyo (CHD), ihypertension [umfutho wegazi ophakeme], . . . nezinkinga zempilo ezingokwengqondo.” Yanezela: “ICHD inamathuba angu-1,9 okuthambekela ngokwengeziwe ekuphatheni umuntu ongawushukumisi umzimba, kunomuntu oshukumisa umzimba. Lokhu kuhlobana kuhlaba umxhwele.”

NgoNovember 1989 wona lomagazini wezokwelapha ofanayo wakhipha ukuhlola okuhilela izihloko ezingu-13 344, futhi waqhubeka ubonisa ukubaluleka kokuzivivinya. Lokhu kuhlola okunzulu kwembula ukuthi ngisho nokuzivivinya okuncane nje—njengokuhamba ngamandla ingxenye yehora kanye ngosuku—kuphumela ekuvikelekeni okuphawulekayo ekufeni okuvela ohlwini olubanzi lwezimbangela.

UDkt. Norman M. Kaplan, weSikole Sezokwelapha saseYunivesithi yaseTexas esiseNingizimu-ntshonalanga eDallas, oyisiphathimandla kwezomfutho wegazi ophakeme, uthi usebuye wacabanga kabusha ngokubaluleka kokuzivivinya ekwelapheni umfutho wegazi ophakeme. “Njengoba ngiye ngabona ubufakazi bukhula eminyakeni emithathu noma emine edlule ngiye ngabakhuthaza ngokwengeziwe abantu mayelana nokuzivivinya.”

UDkt. Kaplan manje usetusa ukuzivivinya okuthuthukisa ukusebenza komgudu womoya nokujikeleza kwegazi ezigulini ezinomfutho ophakeme wegazi. “Iziguli zami ngizitshela ukuba zenze izinga lokushaya kwenhliziyo yazo likhuphuke,” uyachaza. “Ngitshela abantu ukuba baqale kancane. Bangathathi ngamawala. Qala ngokuhamba nokugijima kancane bese uya ngokwenyuka. Uma ubhekana nanoma iziphi izinkinga, yeka.” Ukuze kuzuzise ngempela ngokwempilo, ukuzivivinya kumelwe kwenziwa njalo, ngokutusekayo kathathu noma kane ngesonto isikhathi esiyimizuzu engu-20 kuya kwengu-30 noma ngaphezulu isikhathi ngasinye.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela