Izimpophoma ZaseIguaçú—Amagugu Asemphemeni Wohlaza
Ngumlobeli we“Phaphama” eBrazil
“ESINYE sezimangaliso zemvelo esiphawuleka kakhulu saseNingizimu Melika” ileyondlela enye iencyclopedia eqalisa ngayo incazelo yayo ngalezimpophoma ezivelele eziseduze kwalapho kuhlangana khona imingcele yaseArgentina, owaseBrazil, nowaseParaguay. Okuzenza zikhange ngokukhethekile indawo yazo engokwemvelo—ihlathi elingakaze ligawulwe lasendaweni eshisayo. Ngempela amagugu asendaweni yohlaza. Akumangalisi ukuthi izivakashi zaseNingizimu Melika zizizwa ziphoqelekile ukuba zivakashele lapha!
Elithi “Iguaçú” lisho “Amanzi Amakhulu” ngolimi lwesiGuarani. Futhi makhulu ngempela, ngoba ukuduma kwezimpophoma kungezwakala endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-30. Kuya ngenkathi yonyaka, umuntu angabala cishe izimpophoma zamanzi ezicishe zibe ngu-300 ziwulukuhleleka esiweni esikhulu. Ezinye izimpophoma zenza lokhu ngokuwulukuhleleka kanye, kuyilapho ezinye ziwulukuhleleka engxenyeni ephansi yonqenqema bese zibuye zeqela phansi esihosheni. Kulinganiswa ukuthi phakathi nenkathi yemvula, amanzi acishe abe ngamaacubic mitha angu-10 000 awulukuhleleka ezimpophomeni ngomzuzu owodwa. Ngenxa yalokho, imbiza enkulu engaphansi ikhiqiza inkungu nemikhizo eminingi, okuthi ngosuku olushisayo kuveze uchungechunge lwezintingo ezinemibala emihle usuku lonke.
Ingxenye ebalulekile yalombukiso omangalisayo Garganta do Diabo (Umphimbo kaDeveli, noma Umhosha), echazwa encwajaneni yezivakashi “njengesigcawu esinobukhosi kakhulu sawo wonke umbukiso, isiyingi sezimpophoma eziyishumi nane eziwulukuhleleka emaweni angamamitha angu-90 ukuphakama.”
Mhlawumbe indlela engcono yokubuka lezimpophoma iwukuhamba ngendiza enophephela emhlane. Ngemva kokuhamba okunjalo, esinye isivakashi sathi: ‘Umshayeli wendiza yethu wabonakala ekuqonda ukwazisa kwethu ngendawo enhle ephansi. Futhi esikhundleni sokuya kude kakhulu njengoba ayevame ukwenza, wayehla enyuka nobude bodonga. Imishini yethu yokuthatha izithombe namavideo kwakungayeki ukusebenza njengoba kwakusilobela lombukiso omangalisayo wemisebenzi yendalo kaJehova.’
Ezinye izivakashi zaneliswa ukuhambahamba ezindleleni eziye zalungiselwa zona. Ngasohlangothini lwaseBrazil, umuntu unombono ophelele wezimpophoma, kuyilapho ngasohlangothini lwaseArgentina, kungenzeka ukuhamba ugudle impophoma ngayinye futhi, kwezinye izindawo, weqe kuzo usuka kwesinye isiqhingi uya kwesinye uhamba ezindleleni ezikhonkiwe. Izivakashi eziningi zikwenza kokubili, zizitika ngokubuka futhi zibhekise amakhamera embukwaneni wezimpophoma ozungezwe uhlaza olunothile lwamahlathi emvula afinyelela emkhathizwe okude le.
Labo abaqaphelayo bayobona izinkonjane njengoba zitshuza zingena futhi ziphuma emafwini emikhizo zibuye ziye phezu kwemithi ngaphambi kokuba zitshuze futhi. Noma bayobona imihlambi yopholi abaluhlaza abaklewulayo betshuza ezimpophomeni eduze kwalapho amanzi engajulile khona, bese benombela onqenqemeni lwewa, babuye bavele ngokushesha bandizele phezu kwemithi, lapho bezichoba khona. Futhi uma izivakashi zibukisisa eduze impela, ziyobona izidleke ezinkulu ezilengayo zezinyoni ezinezisila ezibomvu, uhlobo oluthile lwehlokohloko. Lezinyoni zihlala ngamaqembu. futhi izidleke zazo, ezenziwe ngemicu emide yotshani, zilenga emagatsheni angezansi emithi. Konke lokhu, kanye nezinhlobonhlobo zezimvemvane, kunezela ebuhleni bekuvakashela kwezimpophoma.
Ngempela, izimpophoma zaseIguacu kumelwe uzibone futhi uzizwe ukuze uzazise ngokugcwele. I-Iguaçú National Park yase-Brazil, eyakhiwa ngo-1939 eyindawo yalombukiso omangalisayo wobuhle bemvelo, ivakashelwa izinkulungwane zezivakashi unyaka ngamunye. Aziphoxeki. nawe futhi ngeke uma uyihlanganisa ohambweni lwakho olulandelayo lokuya eNingizimu Melika.
[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 24, 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Izimpophoma ZeseIguaçú
IBRAZIL
IARGENTINA
IPARAGUAY