Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 2/22 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphathwa Kabi Kwabantwana eGrisi
  • Amakhorali Ekushiseni Okukhulu
  • “Izinja Ezigadayo” Eziyizintshe
  • Ukusekela Imfundo YamaBuddha?
  • Unkulunkulukazi Onesikhwele?
  • Umbhoshongo Wezinto Eziziwelayo
  • Baphoqelekile Ukuba Bavote
  • Isehlukaniso Sophethwe Yisifo IAlzheimer
  • Onoxhaka BaseBrithani Bamasela Ezimoto
  • Ukululama Emvuleni YeAsidi
  • Isiqhingi Esizulayo
  • Izixhobo Zama-coral Ezifayo—Ingabe Abantu Banecala?
    I-Phaphama!—1996
  • Yini Engenziwa Ukuze Kuvikelwe Izixhobo Zama-coral?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukungcola—Ubani Okubangelayo?
    I-Phaphama!—1990
  • Ama-coral—Asengozini Futhi Ayafa
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 2/22 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Ukuphathwa Kabi Kwabantwana eGrisi

Izazi zilinganisela ukuthi eGrisi abantwana abangu-7 000 baphathwa kabi amalungu omkhaya unyaka ngamunye, ngokwephephandaba iKathimerini. Kulelonani, abalinganiselwa ku-4 000 baphathwa kabi ngokobulili. Nokho, ingxenye encane kuphela yalamacala ebikwayo. I-Kathimerini iyabika: “Kulinganiselwa ukuthi kusukela kumaphesenti angu-40 kuya kwangu-60 ezingane eziphathwa kabi ayohlupheka futhi uma kungalanyulwa, kuyilapho ezimweni ezingamaphesenti angu-20 kuya kwangu-70, ngisho nabafowabo noma odadewabo balabobantwana basengozini yokuphathwa kabi.” Leliphephandaba licaphuna okunye ukulinganisela okwenziwa omunye ummeli kokuthi ukuzama ukuzibulala okungamaphesenti angu-​58,8 okwenziwa abantwana kuthiwa kubangelwa ukuphathwa kabi kwabo.

Amakhorali Ekushiseni Okukhulu

Iqembu lososayensi muva nje lixwayise ngokuthi ukuba mhlophe okuyinqaba kwezixhobo zamakhorali, okwaphawulwa okokuqala eminyakeni eyishumi edlule eGreat Barrier Reef yaseAustralia, manje sekulimaza lezizixhobo emhlabeni wonke. Amakhorali aba mhlophe lapho elahlekelwa uhlobo oluthile lwealga athembele kuyo ukuze athole ukudla, umoya-mpilo, ukuvikeleka elangeni, nokuba akhiphe ukungcola. Njengoba ososayensi abaningi bekholelwa ukuthi ngisho nokwenyuka okuncane kwezinga lokushisa kungabangela ukuba mhlophe, basola ukufudumala komhlaba abanye abathi kubangelwa ukushisa okukhulu emkhathini. Usosayensi uThomas Goreau waseYunivesithi YaseWest Indies ubiza izixhobo zamakhorali ngokuthi “amahlathi emvula ashisayo ezilwandlekazi.” Uxwayisa ngokuthi lezindawo ezibalulekile zezilwandle ziye zawohloka kakhulu eminyakeni emine yokugcina ngenxa yokuba mhlophe kunaseminyakeni engu-40 edlule ngenxa yazo zonke ezinye izimbangela zihlangene.

“Izinja Ezigadayo” Eziyizintshe

Umfuyi wezintshe uJohann Stegmann waseCradock, eNingizimu Afrika, usetholele izinyoni zakhe umsebenzi omusha​—⁠“izinja ezigadayo”! Ngokusho kwephephabhuku laseNingizimu Afrika iFarmer’s Weekly, uMnu. Stegmann uthi: “Ngokuqinisekile ziyawavimbela amasela, ngoba uma zibona umuntu ezingamazi . . . , zigijimela kuye ngendlela ethusayo, zibhakuzisa izimpiko zazo futhi zibonakala zicasukile.” Lezinyoni ezihlakaniphile ezingamamitha amabili nengxenye ubude azivamile ukuhlasela abantu kodwa zibonakala zijabulela umdlalo abafohli abangawuthandi. UMnu. Stegmann uthi, “Uma . . . ubaleka ziyakujaha, futhi lapho uma zima ngokulindela izimpiko zazo zivulekile, njengokungathi zithi baleka futhi sibone.” Nokho, ngesikhathi sokuchamusela, ziba nolaka kakhulu futhi “zihlasela noma yini ephulukundlela” enkanjini yazo. Incwadi ethi Birds of the World ixwayisa ngokuthi izintshe “zilwa ngamanqina azo, zikhahlele . . . ngezidladla zazo ezisindayo ezingalidwengula kalula ibhubesi noma umuntu.”

Ukusekela Imfundo YamaBuddha?

Muva nje izinga lemfundo yamaBuddha ezikoleni zaseThailand liye laba indaba okuphikiswana ngayo kakhulu, kubika iBangkok Post. UMnyango Wemfundo wakhona uye wahlongoza izifundo ezintsha zasesikoleni, ezizoqala ukufundwa ngonyaka ozayo. Lezizifundo zizosinciphisa kakhulu isikhathi sasekilasini esinikelwa ekufundeni ngobuBuddha. Ngokumelene noshintsho, iqembu elikhethekile lamaBuddha liye lenza umkhankaso wezwe lonke ukuze lenyuse futhi lithuthukise imfundo yamaBuddha ezikoleni. Leliqembu, elinomuzwa wokuthi kakade buncane kakhulu ubuBuddha obufundiswa ezikoleni, lapho likhuluma ngezifundo ezintsha lithi: “Sisola ukuthi lena ingxenye yomzamo wokuqeda ubuBuddha eThailand.”

Unkulunkulukazi Onesikhwele?

Nakuba abamaphephandaba babemenyiwe, umcosheli wezindaba wesifazane wavinjelwa ukuba angene emkhosini wamuva owawuphawula ukuqedwa komhubhe entshonalanga Japane. Iphini lomqondisi walomsebenzi lachaza: “Kunento eletha amashwa. Njengoba unkulunkulu walentaba engowesifazane, uzothukuthela futhi abangele izingozi uma kungena abanye besifazane kulendawo. Amadoda athi ngeke aqhubeke nokumba uma kungena owesifazane.” Lensumansumane isekelwe enkolelweni yokubandlulula ngokobulili yokuthi abesifazane bangcolile, kusho uprofesa onengekile wesilisa wokusebenza kwengqondo. Ngisho nakuba lomkhuba “ukhetha,” kuvuma isikhulu soMnyango Wezokwakha, “imizwa yezisebenzi zokwakha akumelwe inganakwa.”

Umbhoshongo Wezinto Eziziwelayo

Ngokuvamile ososayensi kudingeka benzele ukucwaninga kwabo endaweni engenawo amandla adonsela phansi kodwa abakwazi ukuphumela ngaphandle komkhathi ukuze benze kanjalo; yingakho kwakhiwa umbhoshongo oyinqaba eBremen eJalimane ovumela ososayensi ukuba bakwazi ukubuka izinto ezisesimweni sokuziwela. Lombhoshongo ungamamitha angu-146 ukuphakama futhi unepayipi elingamamitha angu-110 ubude namamitha angu-⁠3,5 ububanzi. Izinto ezibekwe kuyicapsule engamamitha amabili ubude ngaphakathi kwepayipi zichitha imizuzwana engu-⁠4,74 zizehlela ngesivinini esifinyelela kumakhilomitha angu-167 ngehora. Ikhamera ethatha izithombe ezingu-6 000 ngomzuzwana iphakathi kwamathuluzi asetshenziselwa ukuqoqa ukwaziswa ngesikhathi sokuwa kwezinto.

Baphoqelekile Ukuba Bavote

Abantu baseBrazil baphoqwa umthetho ukuba bavote, kodwa okhethweni lwamuva, abaningi bathola indlela yokubonisa ukungavumelani kwabo nalokhu noma ngisho ukunengwa. Umagazini iVeja uyaphawula: “Kunalabo abathanda ukuvota futhi bakhethe abaholi nalabo abangathandi, futhi abavinjelwa umthetho ukuba bahlale ekhaya, bakhetha ukufaka amaphepha okuvota angabhalwe lutho noma angasebenzi.” IVeja ichaza ukuthi kungani abanye ngokusobala bengenasithakazelo ekuvoteni: “Lapho efaka ngamabomu iphepha lokuvota elingasebenzi, kungenzeka ovotayo ufuna ukubonisa ukusizonda kwakhe sonke isimiso sokukhetha abaholi.”

Isehlukaniso Sophethwe Yisifo IAlzheimer

Inkantolo yaseJapane inike indoda enkosikazi wayo oneminyaka engu-59 ubudala uphethwe isifo iAlzheimer imvume yesehlukaniso. NgokweAsahi Evening News, izizathu zaziwukuthi “umshado wawuphazamisekile futhi lombhanqwana wawungasakwazi ukuphila ukuphila okuvamile kwasemshadweni.” Ummeli wendoda wacashunwa ethi isinqumo “siyisimo esikhethekile lapho indoda ineminyaka engu-42 kuphela ubudala futhi isenamandla.” Nokho, isazi sezenhlalo uChizuko Ueno ubhala kuyiYomiuri Shimbun ukuthi lesisimo sifakazela isiphetho sokuthi ngokuvamile umkhaya wanamuhla uhlanganiswa kuphela yilokho ilungu ngalinye elikwazi ukukuthola kuwo. Lona wesifazane wesaba ukuthi isinqumo senkantolo sizovula indlela yokuqaphela ngokomthetho ukuthi “imikhaya ihlala ndawonye kuphela uma nje kungekho okuphazamisa umshado,” ngaleyondlela kuvumele imishado ukuba ibambelele ezicini ezinjengempilo, umsebenzi, ngisho nokulungelwa yizimo.

Onoxhaka BaseBrithani Bamasela Ezimoto

EBrithani imali umshuwalense owayikhokha ngezimoto ezingu-378-​000 ezantshontshwa ngonyaka odlule yafinyelela ezigidini zamaRandi ezingu-⁠1 250 (opondo abayizigidi ezingu-280). Ukuze abambe lamasela, amaphoyisa ezindaweni eziningi manje asebenzisa izimoto eziguqulwe ngokukhethekile, ezivame ukubizwa ngokuthi onoxhaka bamagundane. Izimoto, ezibiza R4 500 (£1 000) iyinye ukuyiguqula, zishiywa nokhiye ukuze kulinge amasela ukuba azintshontshe. Kodwa ngokushesha nje ngemva kokuba ngayinye yalezimoto isihambe amamitha angu-15 noma ngaphezudlwana, iyacisha, iminyango ikhiyeke, futhi amafasitela enziwe ngengilazi noma ngepulasitiki engaphuki awanakuvuleka. Ngesikhathi esifanayo, ama-alamu omsakazo atshela amaphoyisa, lawo ngokushesha afika kuleyondawo abophe umshayeli. IKhansela Yezwe Yenkululeko Yomphakathi iye yazwakalisa ukukhathazeka ngalesisenzo, kodwa umqondisi wesiKhungo Sezwe Sokuvinjelwa Kobugebengu soMnyango Wangaphakathi wathi lezizimoto ezizikhiyayo “ziyisikhali esiwusizo ekulweni namasela antshontsha izimoto,” kubika iSunday Times yaseLondon.

Ukululama Emvuleni YeAsidi

Umonakalo owenziwe imvula yeasidi emachibini amanzi okuphuza emhlabeni wonke ungalungiseka, ngokwezazi ezimbili zesayensi zaseCanada. Zaqala ukuhlola kwazo kweminyaka eyishumi kweChibi iWhitepine eOntario, eCanada, lapho nje imvula yeasidi iqala ukungcolisa amanzi alelichibi. Njengoba iasidi emanzini yenyuka, inani lezinhlobo ezihlukene zezinhlanzi kulelichibi laqala ukuncipha. Nokho, eminyakeni eyisithupha ngemva kokuba ukungcola sekuqediwe nalapho iasidi yechibi isibuyele esimweni okungathiwa asiyona ingozi, izinhlanzi ezingaphezu kwesigamu senani langaphambili zavela futhi, futhi lezi kanye nezinye izinhlobo zezilwane zasemanzini zaqhubeka nokwanda. Ngakho kubonakala sengathi okungenani amanye amachibi oniwe imvula yeasidi angabuyela ngokwemvelo esimweni esivamile ngaphandle kokuba umuntu enze okuthile​—⁠uma nje umthombo wokungcola ususiwe.

Isiqhingi Esizulayo

Ake ucabange ngesiqhingi esikhulu esingamakhilomitha angu-154 ubude namakhilomitha angu-35 ububanzi namamitha angu-230 uhlonze, esintanta olwandlekazi. Yayinjalo inguzunga yeqhwa ososayensi abayibiza ngokuthi iB-⁠9. Yahlephuka kuyiAntarctic Ross Ice Shelf ngo-1987. Amasatellite aqala ukubona iB-⁠9, futhi kamuva ososayensi balandelela umkhondo wokuhamba kwayo ngeradio beacon eyawiselwa phezu kwayo. Kusukela ekuhlephukeni kwayo, okwenza isici esidumile sesimo sezwe eAntarctica, iBay of Whales, sinyamalale, iB-⁠9 isiye yahamba amakhilomitha angu-2 000. Njengoba ihamba iye yahlephuka yaba izinguzunga ezintathu futhi iye yafundisa ososayensi okuningi ngemisinga yolwandle eyinkimbinkimbi, nokungelula ukuyilinganisa engaseAntarctica. Lapho lisaphelele, lalinamanzi okuphuza ayiqhwa anomthamo ongamakhilomitha angu-1 196​—⁠anele, ngokokunye ukulinganisa, ukuba wonke umuntu osemhlabeni aphuze izingilazi ezimbili zamanzi nsuku zonke iminyaka ecishe ibe izinkulungwane ezimbili.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela