Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 7/8 k. 12-k. 13 isig. 8
  • Ukuzivikela UmKristu Angahamba Ibanga Elingakanani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuzivikela UmKristu Angahamba Ibanga Elingakanani?
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kufanele Ubhekane Nobudlova Ngobudlova?
  • Ingabe Yisikhathi Sokulwa?
  • Kunini Lapho Ukuzivikela Kufaneleka Khona?
    I-Phaphama!—2008
  • ‘Funani Ukuthula Nikujonge’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Kufanele Ngifunde Ukuzivikela?
    I-Phaphama!—1995
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 7/8 k. 12-k. 13 isig. 8

Umbono WeBhayibheli

Ukuzivikela UmKristu Angahamba Ibanga Elingakanani?

“Kungani uphila ngokwesaba? Funda izindlela eziwusizo zokuzivikela nokubalekela umhlaseli. Izindlela ezilula neziphumelelayo zokuzivikela ziboniswe ngokuningiliziwe. Levideo efundisayo ingenza umehluko phakathi kokuba isisulu nokuba osindayo.”​—⁠Ukukhangisa kwe“video” yokuzivikela.

AKEKHO okudingeka achaze amandla ivideo enjalo ethengwa ngawo namuhla. Edolobheni lasePhiladelphia, ePennsylvania, eU.S.A., inqwaba yentsha iyacula ithi “Shaya, shaya, shaya” njengoba izingela emigwaqweni ifuna izisulu engazihlasela. “Ukwesaba ubugebengu kuthinta ubunjalo balo lonke idolobha” laseRio de Janeiro, kubika umagazini iTime. EHong Kong ukuphanga kuhlonyiwe nokudubula kwenzeka ezindaweni lapho ubugebengu obunobudlo⁠va cishe bebungaziwa khona​—⁠kuze kube manje.

Imibiko efanayo iyezwakala emhlabeni wonke. Kube namuphi umphumela? “Izakhamuzi zicabangela izingozi zokuziphindisela ngokudubula,” kusho iNewsweek. AmaKristu awavikelekile ‘kulezikhathi ezinzima,’ kodwa ingabe ukuziphindiselela ngokudubula kuyowenza ngempela “umehluko phakathi kokuba isisulu nokuba osindayo”?​—⁠2 Thimothewu 3:⁠1.

Ingabe Kufanele Ubhekane Nobudlova Ngobudlova?

Abanye bakholelwa ukuthi, ‘Uma ngiphethe isibhamu, ngizophepha. Ngizothola yena ngaphambi kokuba athole mina. Okungenani ngizomthusa abaleke!’ Nokho, akulula kanjalo.

UGeorge Napper, eAtlanta, eGeorgia, eU.S.A., ukhomishane wezokuphepha komphakathi, uthi: “Ukuba nevolovolo kusho uku-​ba olungele ukubhekana nomphumela wokubulala omunye umuntu.” Ingabe umKristu ukulungele ukubhekana nomphumela onjalo, ongase futhi uhlanganise ukuba necala legazi?​—⁠Qhathanisa noNumeri 35:​11, 12.

Futhi, iZwi likaNkulunkulu liyayala, ‘Khandani izinkemba zenu zibe amakhuba’ nokuthi, ‘Funani ukuthula nikuphishekele.’ (Mika 4:⁠3; 1 Petru 3:​11) AmaKristu angakufuna kanjani ukuvikelwa izibhamu futhi ngesikhathi esifanayo aphile ngokuvumelana nezimfuneko zeBhayibheli? Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, umhlaseli cishe ushesha ngokwengeziwe ukuhosha isibhamu kunesisulu.

UJesu wakulahla ukuzilwela ngezikhali. Yiqiniso, wayala abaphostoli bakhe ukuba baphathe izinkemba ezimbili ensimini yaseGetsemane, indawo ayeyoboshelwa kuyo. Kodwa kungani akwenza lokhu? Ukuba nezikhali, kodwa ukungazisebenzisi, kwabonisa ngokunamandla ukuthi abalandeli bakaJesu kwakungafanele baphendukele ezikhalini ezingokwenyama. Kuyaphawuleka ukuthi njengoba ayenesikhali eduzane, uPetru wasisebenzisa ngamawala. UJesu wamkhuza ngokunamandla ngalesenzo samawala ngalamazwi: “Bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.”​—⁠Mathewu 26:​36, 47-56; Luka 22:​36-38, 49-⁠51.

Omunye angase athi: ‘Lokho kusebenza ekubeni nezibhamu.’ ‘Kodwa kuthiwani ngokufunda amasu okulwa okuvikela, njengejudo, ikarate, nekendo?’ Zibuze, injongo yalokhu kufunda ayikona yini ukulwa noma ukulimaza abanye? Futhi ingabe ukuqeqeshwa okunjalo akufani yini ngempela nokuzihlomisa ngendlela eyingozi? (1 Thimothewu 3:⁠3) Ngisho nezikhathi zokuprakthiza ziye zaphumela ekulimaleni okungathi sína nasekufeni.

EyabaseRoma 12:​17-19 inikeza iseluleko esihlakaniphile ngalokhu: “Ningaphindiseli-muntu okubi ngokubi; . . . uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina-bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.” Igama lesiGreki uPawulu alisebenzisayo elihunyushwa ngokuthi “okubi” (ka·kosʹ) lingasho futhi “okubhubhisayo, okulimazayo.” Ngakho-ke, amaKristu kumelwe alahle yonke imicabango yokulimaza omunye umuntu ngendlela yokuziphindiselela.

Kunokuba ayibonakalise ngamawala intukuthelo yakhe, umKristu uthembela ngokugcwele kuNkulunkulu, othi ngabantu bakhe: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso la[mi].” Ngokuvumelana nalokhu, uNkulunkulu uthembisa ‘ukubhubhisa ababi’ ngesikhathi esifanele.​—⁠Zakariya 2:⁠8; IHubo 145:⁠20.

Ingabe Yisikhathi Sokulwa?

‘Ngeke ngiyidedele imali yami ngingalwanga!’ kusho abanye ngesibindi. UDick Mellard, umphathi wemfundo eNhlanganweni Yesizwe Yokuvimbela Ubugebengu, uyaxwayisa: “Kuyisimo somuntu esingokwemvelo ukuzilwela, kodwa isimo somuntu esingokwemvelo singabulalisa [wena] esimweni esibi.” Abaphangi abaningi bahlome ngendlela eyingozi futhi bacindezelekile futhi bayaphamazela. Imali elahlekile ingaphinde itholakale, kodwa kuthiwani ngokulahleka kokuphila? Ingabe kuyifanele lengozi?

UGeorge Napper unikeza leseluleko: “Mhlawumbe indlela engcono kakhulu yokuzivikela ukufaka impahla yakho engozini esikhundleni sokuphila kwakho. Abaphangi nabagqekezi abaningi balungele ukweba, hhayi ukubulala.” Ezimweni lapho umuntu kukhulunywa nje naye noma lapho kufunwa imali yakhe, isimiso esinengqondo siwukuthi: “Inceku kaKristu ayifanele ukulwa.”​—⁠2 Thimothewu 2:​24.a

Lokhu akuyona inkambiso yokungazilweli ngaphansi kwanoma iziphi izimo. KuEksodusi 22:​2, 3, kuchazwa isimo lapho isigebengu sishaywa khona sife ngenkathi singena ekhaya lothile emini. Indlela enjalo yokuzivikela yayibhekwa njengefana nokubulala, njengoba isigebengu sasingase sibonwe futhi silethwe ekwahlulelweni. Kodwa ebusuku, bekungaba nzima ngomnini-khaya ukubona umhlaseli futhi aqiniseke ngezinhloso zakhe. Ngakho-ke, umuntu obulala umhlaseli ebumnyameni wayebhekwa njengongenacala.

Ngaleyondlela, iBhayibheli aliyisekeli imizamo yamawala yokuzivikela. Nokho, njengoba lingasekeli ukungazilweli, iBhayibheli libonisa ukuthi zikhona izikhathi zokuzivikela. AmaKristu angase akuphebeze ukuhlaselwa kwawo okunonya ngokomzimba, imikhaya yawo, noma abanye abakudinga ngempela ukuvikelwa.b Kodwa akufanele aqale ukuhlasela, futhi aziphindiselele ngokomzima ukuze avikele impahla yawo. Akufanele aphathe izikhali elindele ukuhlaselwa okunjalo; kunalokho, azama ‘ukuhlalisana ngokuthula.’​—⁠2 Korinte 13:⁠11.

[Imibhalo yaphansi]

a Nakuba umongo ubonisa ukuthi lapha uPawulu wayebhekisela ekulweni ngamazwi, igama lolimi oluwumsuka elihunyushwe ngokuthi “ukulwa” (maʹkhe·sthai) ngokuvamile lihlanganiswa nokulwa ngezikhali noma ngokuqondile.

b Uma owesifazane esongelwa ngokudlwengulwa kufanele amemeze futhi asebenzise noma iziphi izindlela angazisebenzisa ukuba alwisane nokuba nobuhlobo bobulili.​—⁠Duteronomi 22:​23-⁠27.

[Isithombe ekhasini 12]

Betrayal of Christ, by Albrecht Dürer, 1508

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela