Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 7/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 7/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukusolwa Ngaphambidlana namuhla bengisolwa ngenxa yomsebenzi ebengiwenza amasonto amaningi. Nakuba ukusolwa bekuyinzuzo, umphathi wami ubenokhahlo. Bengidumazeke kakhulu. Lapho ngifika ekhaya, ngifunde isihloko esithi “Ingabe Uyakuzonda Ukusolwa?” (February 8, 1991) Njengoba kungase kulindelwe, sishintshe wonke umbono wami.

D. B., United States

Lesihloko sasiwusizo ngempela. Njengoba ngiye ngasolwa muva nje, ngangizizwa ngicindezelekile futhi nginqotshwa ukuphelelwa ithemba. Nokho, ngokufunda lesihloko ngokuphindaphindiwe, ngasizakala ukuba nginqobe inkinga yami.

N. O., Japan

Ukuphuza Bese Ushayela Zangithinta kakhulu izihloko ezithi “Ukuphuza Bese Ushayela​—⁠Inhlanganisela Ebulalayo.” (February 8, 1991) Udadewethu omncane owayenezinyanga eziyisishiyagalombili ubudala wafa engozini yemoto eminyakeni engu-31 edlule. Ngisamkhalela. Umshayeli owayedakiwe washayisa imoto yethu. Ngisambona umama embozwe igazi nodadewethu omncane ehlezi efile esihlalweni sakhe. Ngiyajabula ngokuba nokholo ovukweni, kodwa ngiyethemba ngobuqotho ukuthi lesihloko siyobangela abanye ukuba bacabange kabusha ukuthi kufanele yini baphuze bese beshayela.

K. N., United States

Ngineminyaka engu-16 ubudala. Isihloko esithi “Izisulu Zibhekana Nezaphula-mthetho” sasiqukethe okuhlangenwe nakho okushukumisa ngokujulile futhi senza ukuba ngifikelwe izinyembezi. Ngizizwa ngiqiniseka ukuthi lesihloko siyosiza abaningi abasha njengami ukuba bahlale becabanga ngabanye futhi bangabi abanganaki ekusebenziseni utshwala.

R. H., Germany

Ukunakekela Asebegugile Isihloko esithi “Ukunakekela Asebegugile​—⁠Inkinga Ekhulayo” (March 22, 1991) sanginikeza isikhuthazo esikhulu. Ubaba wami oneminyaka engu-86 ubudala manje uphethwe isifo iAlzheimer, futhi ngangifuna ukumnakekela ekhaya kunokuba ngimyise esibhedlela. Njengoba isimo sakhe siye saba sibi kakhulu, ubunzima nokucindezeleka kwengqondo okuhilelekile ekumnakekeleni kuye kwanda. Ngafinyelela ephuzwini lokungabi nathemba ngokuphelele! Kodwa ngase ngifunda izihloko zenu. Ngiduduzeke kakhulu, ngafikelwa izinyembezi. Kunezinye izinkinga eziningi kakhulu nezikhathi ezinzima ngaphambili, kodwa isinqumo sami sokunakekela ubaba kuze kube sekugcineni siye sathola isikhuthazo esinamandla.

T. H., Japan

IDolobha LaseMexico Ngathola isihloko esithi “IDolobha LaseMexico​—⁠Ingabe Liyisithabathaba Esikhulayo?” (January 8, 1991) sisephutheni. Nithi ukuba nomkhaya omkhulu kuyifa elingokwesiko. Nokho, lokhu kwenzeka kuphela ezingxenyeni ezithile zalelizwe​—⁠hhayi eDolobheni laseMexico.

S. C., Mexico

Siyaxolisa uma lesihloko sabangela ukungaqondi kahle. Nokho, lenkulumo yayibhekisele eMexico iyonke, hhayi nje eDolobheni laseMexico.​—⁠ED.

Amanightclub Njengofundisa umculo nomdanso, sangikhathaza kakhulu isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Ngamanightclub?” (February 8, 1991) Akukho okungalungile ngomculo nomdanso. Kodwa isihloko senu sathi umculo nomdanso kuye kwasetshenziselwa ukuyengela abantu ekuziphatheni okubi. Angivumi. Isihloko senu siyomane senze abantu bangabazi ubuciko.

B. M., United States

Akuzona zonke izinhlobo zomculo noma umdanso esazilahla. Nokho, umculo ongcolile nomdanso ovusa inkanuko wawunengxenye ekudukiseni abantu bakaNkulunkulu ezikhathini zeBhayibheli. (Qhathanisa noEksodusi 32:​6, 17-19.) Ngakho-ke kufanelekile ukuxwayisa intsha ngokunye ukweqisa okuzitikwa ngakho namuhla.​—⁠ED.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela