Intsha Iyabuza . . .
Ngingazivikela Kanjani Ekuhlaselweni Iqembu?
NGOBUNYE ubusuku basekwindla obubandayo, uTom oneminyaka engu-12 ubudala waya esitolo esiseduze ukuze ayothenga izinto ezimbalwa. UTom wayesaba ngoba wayesendaweni eyayilawulwa iqembu lasemgwaqweni lakuleyondawo, futhi ngokushesha sabonakala isizathu sokwesaba kwakhe. Engalindele, amalungu amaningana eqembu amhlasela, amlahlela phansi ngemvula yezibhakela.
Ngenxa “yokwanda kokubi” okwabikezelwa, abaningi bahlala ezindaweni ezinobudlova kakhulu ngisho neziphathimandla ezingakwazi ukubulawula. (Mathewu 24:12) Futhi uma uhlala endaweni lapho kuvame kakhulu ubugebengu bamaqembu, okuhlangenwe nakho kukaTom kungase kube okujwayeleke kakhulu. Ngokwesibonelo, cabangela lesisimo saseLos Angeles County, eU.S.A. Ngokukamagazini iMaclean’s, ekubulaweni kwabantu abangu-257 okuhlangene namaqembu okwenzeka lapho ngo-1988, ingxenye yakho ihlanganisa ukubulala kweqembu ngokungenasizathu labo abangewona amalungu! Ngakho, intsha ehlala ezindaweni lapho amaqembu edlange khona ibhekene nenselele yangempela: ukuzivikela.
Isihloko esidlule sabonisa ubuwula bokujoyina iqembu.a Kwachazwa ukuthi ukuba yilungu leqembu eqinisweni kwandisa ingozi yokuba ulimale, uboshwe, noma ngisho ubulawe. Futhi ngokuqondene nokuphatha ummese, isibhamu, noma yiluphi olunye uhlobo lwesikhali, lokhu kuphambene neseluleko seBhayibheli esikuIsaya 2:4 nesikuMathewu 26:52. Ngaphezu kwalokho, ukwenza kanjalo ngokunokwenzeka kakhulu kukhulisa ingxabano kunokuba kuyiqede. Okufanayo kungashiwo ngokufundela ubuciko bokulwa, njengejudo noma ikarate, njengendlela yokuzivikela. Khona-ke kungcono ukuba ugweme ukunqwamana neqembu kwasekuqaleni. Kodwa kanjani?
Amaqembu Nemibala Yawo
Okokuqala, cabangela ukugqoka, ukuzilungisa, nokubonakala kwakho. Amaqembu amaningi agqoka izingubo, imibala, noma izinto zokuhloba eziwahlukanisayo kwamanye amaqembu. Iduku elinemibala noma ngisho nendlela isigqoko esifakwe ngayo ingase ikubonakalise njengelungu leqembu. Ngokuvamile, amaqembu anezindlela ezithile zokushukuma komzimba nenkulumo yawo wodwa nendlela yokuma.
Inkinga iwukuthi imibala yamaqembu nezinye izinto eziwahlukanisayo ngokuvamile kuba yimfashini phakathi kwentsha—kuhlanganise nengewona amalungu eqembu. Iphephandaba laseCanada iGlobe and Mail laphawula: “Enye intsha ilingisa indlela yokugqoka yamaqembu athile, ngisho noma ingewona amalungu. . . . Kungenzeka isuke izama ukuhlaba enye intsha umxhwele.”
Enye intsha ngokusobala inomuzwa wokuthi ukugqoka ngendlela ekhethekile kuyoyenza ibukeke yesabeka. Enye icabanga ukuthi ukugqoka imibala yamaqembu kungase kuyinikeze isilinganiso esithile sesivikelo. Icabanga ukuthi ngeke kube lula ngabanye ukuyihlukumeza, becabanga ukuthi ihlangene neqembu elithile. Ingabe lokhu kuzwakala kunengqondo? Akunjalo neze. IGlobe and Mail ikubeka ngokungagunci: “Izifaka engozini yokushaywa uma ibonwa amalungu eqembu angempela.”
UBernard, owake waba yilungu leqembu kodwa manje osenguFakazi kaJehova, uyakuqinisekisa lokhu. Ekhumbula izinsuku zangaphambili, uthi: “Uma othile egqoka njengomunye wethu kodwa engeyena omunye wethu, cishe wayeba isisulu. Kwakumelwe ajoyine iqembu lethu noma azithole elimele.”
Kuyavuza Ukuba Ohlukile!
Ukwazi lokhu kufanele kuqondise ukukhetha kwakho izingubo. Kakade, akuyona yini indlela esigqoka ngayo esho okuthile ngathi—ngisho nesehlukanisayo? Lokhu kwakunjalo eminyakeni eyinkulungwane edlule lapho kulotshwa iBhayibheli. Encwadini yesi-2 AmaKhosi, sifunda ngezithunywa ezithile ezabuyisela umbiko eNkosini yakwaIsrayeli uAhaziya. Zayitshela ukuthi zahlangana nendoda ethile eyazinika isigijimi esithile. Inkosi yabuza, “Bekungumuntu onjani?” Lapho zichaza izingubo zakhe, inkosi ngokushesha yathi, ‘BekunguEliya umprofethi.’ Yayazi kanjani? Ngoba uEliya wayegqoka ingubo yomprofethi emehlukanisayo. (2 AmaKhosi 1:5-8) Nanamuhla, njengakulesosikhathi, indlela esigqoka ngayo ingasihlanganisa nezigaba ezithile zabantu, ngisho nakuba singase singakwenzi abakwenzayo noma singakukholelwa abakukholelwayo. Abanye bangase bacabange ukuthi okungenani siyazwelana nalesosigaba sabantu abagqoka ngaleyondlela.
UMichael, owayeyilungu leqembu elacashunwa kuSports Illustrated, uthi: “Izicathulo, amabhantshi nezigqoko kuyizimpawu . . . Ngingehla ngomgwaqo futhi ngikhombe ilungu leqembu ngenxa yendlela eligqoke ngayo.”
Khona-ke, yeka ukuthi bekuyoba okungahlakaniphile kanjani ngomusha ongumKristu ukuzilungisa, ukugqoka, ukuhamba, ukukhuluma, ngisho noma ukulandela indlela yokuma efana neyamalungu eqembu lasemgwaqweni! Iseluleko sikaJesu ‘sokungabi yingxenye yezwe’ siyosebenza ngokukhethekile lapha. (Johane 17:16) Ngempela, ngokuvamile amalungu eqembu awanabo ubunzima bokubona labo abangelona uhlobo lwawo. UMichael uyakhumbula: “Sibona insizwa egqoke ibhulukwe elihle, ijezi elihle, izicathulo ezivamile. Awunakungenza ngikholelwe ukuthi uyilungu leqembu.”
UBernard, ocashunwe ngaphambili, uyanezela: “Amalungu eqembu ngokuvamile athambekele ekugqokeni izimfashini zamuva.” Ngenxa yalokhu, kufanele kusetshenziswe ukunakekela nokuqapha ngaphambi kokwamukela izitayela zokugqoka nokuzilungisa ezingase zibe ezithandwayo esikoleni noma endaweni yakini kodwa ebezingase zikwenze kalula isisulu sobudlova beqembu ngenxa yokufaniswa neqembu elithile. Ukugqoka ngendlela enesizotha kungase kubonakale kuyisivikelo.—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 2:9.
Futhi, qaphela uhlobo lolimi nendlela yokukhuluma ayisebenzisayo. Uma uzama ukuzibonakalisa ukuthi ungowesimanje ngokusebenzisa izinkulumo ezihlukile ngokuvamile ezisetshenziswa amalungu eqembu, ungase udonse ukunakekela kwamalungu eqembu. Gwema ukuzama ukuzenza insizwa eyisiqhwaga. Khumbula: “Inja ephilayo ingcono kunebhubesi elifileyo.”—UmShumayeli 9:4.
Esinye isivikelo siwukugwema ukuba “umhlobo wezwe” lapho kuziwa ekukhetheni kwakho abangane. (Jakobe 4:4) Ungase ucabange ukuthi ukuba nabangane “abayiziqhwaga” abambalwa kuyokuzuzisa. Kodwa ethathela kokuhlangenwe nakho kokuba seqenjini, uBernard uthi: “Uma unabangane abaseqenjini, cishe uyocindezelwa ukuba ujoyine leloqembu.” Ngisho nemizamo yokuqondisa amalungu eqembu endleleni eya ekuphileni kufanele yenziwe ngokuqapha okufanelekile.—Mathewu 28:19, 20.
Yebo, indlela engcono yokuzivikela ingase ibe idumela lakho njengomKristu oyisibonelo. Yiqiniso, ngenxa ‘yokungagijimeli kwakho kulowomsindo wokushinga kwabo, bangase bakuhlambalaze.’ (1 Petru 4:4) Kodwa futhi bangase bakuhloniphe bengajabule. Okungenani, cishe bayokucabangela njengongeke abe yilungu leqembu.
Ukugwema Ingozi
Nokho, idumela elihle alanele ngaso sonke isikhathi ukuze likususe engozini. IzAga 27:12 zinikeza lesiseluleko esihle: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.” Lesiseluleko esinengqondo sigcizelela isidingo sokuba ohlakaniphile noqaphile lapho ubhekene nezimo ezingase zibe yingozi. Ngokwesibonelo, uma umenywa ukuba uye endaweni ethile noma esenzakalweni esithile, zibuze, Obani abazobe belapho? Ingabe indawo yeqembu eyaziwayo?
Omunye owayeyilungu leqembu ngaphambili unikeza iseluleko esifanayo: “Gwema izindawo okuhlala kuzo amaqembu. Hamba ngenye indlela uma kungenzeka.” Yebo, gwema ukuhamba ngokungadingekile ezindaweni ezaziwayo ukuthi azilondekile. Futhi uma kuqubuka ubudlova, ungavumeli isifiso sokufuna ukwazi sikwenze ubulawe. IzAga 17:14 zithi: “Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.”
Kodwa ake sithi naphezu kwayo yonke imizamo yakho yokugwema inkathazo, unqwamana nabanye abafuna ukuba ujoyine iqembu labo. Batshele ngesizotha ukuthi ngeke ubajoyine. Intsha engoFakazi BakaJehova ngokuvamile yenezela ukuthi isikhathi sayo nemizamo yayo kusetshenziswa enkonzweni yobuKristu. Noma yikuphi okushoyo, gwema ukuba ongenanhlonipho noma ophikisayo. UJesu watshela abafundi bakhe kuMathewu 10:16: “Hlakaniphani njengezinyoka, nibe-mnene njengamajuba.” Futhi, ukuziphatha kwakho, ukugqoka, nokuzilungisa kumelwe kuvumelane nokuma oye wakuthatha.
Nokho, qaphela ukuthi ngisho nokuqapha okungakanani akunakukuqinisekisa ngokuphelele ngokuphepha kwakho. (UmShumayeli 9:11) Kodwa ngomzamo onengqondo, cishe ungakugwema ukuba isisulu sobudlova beqembu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ingabe Kufanele Ngijoyine Iqembu?” esikuPhaphama! kaJune 8, 1991.
[Isithombe ekhasini 19]
Balekela izindawo ezinobudlova. Ungavumeli isifiso sokufuna ukwazi sikwenze ufe