Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 9/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 9/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuhlukunyezwa Esikoleni Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingamenza Kanjani Angiyeke?” (May 22, 1991) sabhalwa ngendlela emangalisayo. Lapho ngisesesikoleni, engangifunda nabo ngaso sonke isikhathi babengicindezela mayelana nokuphola. Lapho bebona ukuthi angiyekethisi, bayeka ukungikhathaza. Njengamanje sengiqedile esikoleni futhi ngiyasebenza. Cishe ngenyanga edlule, enye indoda ekhulile (eneminyaka engu-37 ubudala) emsebenzini yeza kimi futhi yangitshela ukuthi ngimuhle futhi ifuna sazane. Ngineminyaka engu-18 ubudala. Ngashaqeka isikhashana ngingazi ukuthi ngingathini. Kodwa kamuva ngachaza ukuthi ngangitadisha ukuze ngibe omunye woFakazi BakaJehova futhi ngayihambisela ezinye izincwadi. Futhi yakwemukela ukwenqaba kwami ukungeshela kwayo.

M. L., United States

Ukuwasha Izingubo Ngibhala lencwadi ukuze ngizwakalise ukwazisa kwami ngesihloko esithi “Nansi Indlela Esiwasha Ngayo Izingubo Zethu . . .” (January 22, 1991) Njengoba ngiyiphayona elikhethekile [umvangeli wesikhathi esigcwele] elikhonza endaweni yasemaphandleni, ngiye ngithole ukuthi kudingeka ngiwashe izingubo zami ngezandla. Njengoba ngiye ngafunda isihloko senu, angisiboni isizathu sokufela umona labo abanemishini yokuwasha ezisebenzelayo.

M. M., Dominican Republic

Umdlalo Kanobhutshuzwayo WeNdebe Yomhlaba  Njengoba ngiye ngafunda umbiko wenu ngomncintiswano kanobhutshuzwayo weNdebe Yomhlaba (May 8, 1991), angivumelani nokuveza kwenu kabi lomdlalo. Omama abakhathazekile bangase bazame ukuyekisa amadodana abo ukudlala ibhola likanobhutshuzwayo ngenxa yokufunda ngobudlova obenzeka ezinkundleni zezemidlalo.

S. B., Germany

Asizange siziveze kabi ezemidlalo ngokwazo, futhi sasingayekisi intsha kuba ijabulele ezemidlalo ngendlela esesilinganisweni. Samane nje sabika ‘umbono ongemuhle’ ezokuxhumana eziye zawuveza ngesici esiwubugebengu phakathi kwabanye babalandeli balomdlalo. AmaKristu ahlakaniphile ngokuxwaya ukuba khona esenzakalweni lapho kunokwenzeka khona kakhulu ukuba kube nobudlova.​—⁠ED.

Icebo Lokuzibulala Okuhlangenwe nakho kukaYoshimi Aono (January 22, 1991) kwabonaka kubhalelwe yena kanye ubaba. NjengoYoshimi Aono, ubaba wayehamba ngomkhumbi-ngwenya ngesikhathi sempi. Wabona ukufa kwamalungu amaningana amaButho Akhethekile Ahlaselayo eKaiten. Okuhlangenwe nakho kwakhe kwasempini kwamenza wakholelwa ukuthi uNkulunkulu noBuddha abekho. Kusukela ngaba omunye woFakazi BakaJehova, ngiye ngaba nethemba lokuthola ithuba lokutshela ubaba ngothando lukaNkulunkulu. Lesihloko siye sawuphendula umthandazo wami. Ngizomthumelela sona ngokushesha.

A. S., Japan

Ukuhlelwa KwePhaphama! Ngithanda ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngokuhlelwa okuhle okusha kwePhaphama! okwaqala ngekaJanuary 8, 1991. Njengoba ngisebenza emnyango wezincwadi zobuchwepheshe, ngaliqaphela ngokushesha ushintsho ekuhlelweni, emagameni, nasemibaleni. Sekuyiminyaka engu-20 ngibheka indlela lomagazini oye washintsha ngayo ngokuvumelana nezikhathi ukuze ube yithuluzi elikhangayo neliheha ngokwengeziwe ekudonseleni abantu kuJehova. Ngakwazi ukuhambisela engisebenza naye umagazini ngenxa yalolushintsho olusha oluhle kuphela!

D. A., United States

Izihloko Zezilwane Ngibonga ngokusuka enhliziyweni ngezihloko ezikhuluma ngezilwane nemvelo. Ekuqaleni ngempela ngangingazinaki kangako lezozihloko, nakuba ngangiqaphela ngaso sonke isikhathi ukuthi imifanekiso yayimihle futhi ikhanga. Ngolunye usuku othile wakhuluma ngesihloko ayesifundile ngenyamazane ebizwa ngokuthi umgankla. (February 22, 1991) Lokhu kwavusa isithakazelo sami ekufundeni lesihloko. Nami ngaqala ukufunda ezinye izihloko, njengaleso esasikhuluma ngochakide. (March 8, 1991) Lezihloko ziye zangisiza ukuba “ngimbone” uJehova ngendalo yakhe.

B. T., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela