Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isifo seTMJ Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Ukugudluka Kwemihlathi—Umkhohlisi Omkhulu.” (June 22, 1991) Bengikhathazwa yilenkinga, kwaze kwaba sesikhathini esifushane esidlule. Bengiphaphama ebusuku, ngethukile ngenxa yokuthi umhlathi wami ubambekile! Odokotela abaningi bayixilonga ngokungeyikho inkinga yami kwaze kwaba yilapho ngiya kuchwepheshe wamazinyo. Ngokushesha wathola ukuthi yayibangelwa ukungaqondani kahle kwamazinyo. Ukusikisela okunikezwe kulesihloko kunengqondo, kuwusizo, futhi kunganikeza ubungcono ngokushesha.
S. F., Italy
Imikhuba Emibi Ngiyanibonga ngosizo engiluthole esihlokweni esithi “Ukugwema Ukubuya Kwemikhuba Emibi” (April 8, 1991) ekunqobeni ukuluthwa yiTV. Isahluko 36 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo [enyatheliswe yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.] sasiza okwesikhashana, kodwa ngaphindela futhi ekuyibukeleni kakhulu iTV. Isihloko senu sangisiza ukuba ngivale isikhala somkhuba omubi ngomkhuba omuhle, okungukuthi, ukufunda ukudla okungokomoya okuvela kuPhaphama!
A. G., United States
Abantwana Besehlukaniso Ngibonga ngokusuka enhliziyweni ngochungechunge oluthi “Usizo Ngabantwana Besehlukaniso.” (April 22, 1991) Lapho ngineminyaka emithathu ubudala, ubaba wehlukanisa nomama. Umama wenza umsebenzi omuhle ekukhuliseni mina nodadewethu omncane ukuba sithande uJehova. Kodwa phakathi neminyaka yokuthomba, kwaba njengoba nichazile. Nganginomuzwa wokuthi “bonke ubuhlobo abunakwethenjelwa, bunqunyelwe ukuba ngolunye usuku buphele ngokukhohlisa nokungathembeki.” Ngangesaba ukuthanda futhi ngithandwe, ngisho naphakathi kwamaKristu esikanye nawo, ngangigcina bonke ubudlelwane busesilinganisweni esiphansi. Ukufunda ukwenzela abanye abantu izinto nokukhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele kwangisiza ukuba ngikunqobe lokuthambekela ngokwesilinganiso esithile. Nokho, isihloko senu sangenza ukuba ngokokuqala ngqá ngikwazi ukuqonda eminye yemizwa yami ejule kakhulu.
M. H., Japan
Lezihloko zenza mina nomyeni wami sazizwa sinecala. Umlingane wami wokuqala wasuswa ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu ngenxa yokungathembeki. Mina kanye nabafana bami sabe sesiyohlala nabazali bami, abaqhele [ngamakhilomitha angu-3 200]. Abafana babenokuxhumana okuncane noyise. Ngemva kokuba ngishade ngokwesibili, saqhubeka nokungakukhuthazi noma yikuphi ukuxhumana, sinomuzwa wokuthi uyise wayenethonya elibi. Ingabe senza isinqumo esikahle?
C. W., United States
Iseluleko noma ukususwa ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu akubuqedi ubuhlobo bomzali nomntwana; abantwana bayaqhubeka bebadinga bobabili abazali. Noma kunjalo, isimo ngasinye sehlukile. Ukuqhela kwendawo noma ukunganaki ngasohlangothini lowayengumlingane kungase kukulinganisele kakhulu ukuthintana komzali nomntwana. Ngakolunye uhlangothi, izinkantolo zingase zimise amalungiselelo okuvakasha, futhi umKristu angase angabi nakho angakwenza ngaphandle kokuba abambisane nawo. Lapho engekho amalungiselelo amisiwe, kukumzali owine abantwana ukunquma ukuthi ubudlelwane nowayengumlingane bungaba nazo yini izingozi ezingokomzimba noma ezingokomoya.—ED.
Ngiyanibonga ngeqiniso elingagwegwesi elisezihlokweni zenu ezikhuluma ngesehlukaniso. Abazali bami bahlukanisa lapho cishe ngineminyaka engu-20 ubudala, futhi ngadlula esimweni lapho ngangizonda kwakhona kanye ukumiswa komshado. Ngangikubheka njengesihibe noma ijele! Ngosizo lwezincwadi zenu ezikhanyiselwe ngokweBhayibheli nomagazini, empeleni sengibheke phambili emshadweni ngolunye usuku, nginokubaluleka kwawo kwangempela engqondweni.
L. T., United States
IColosseum Ngathola isihloko esithi “IColosseum—Isikhungo ‘Sokuzijabulisa’ SaseRoma Lasendulo” (April 8, 1991) sithakazelisa kakhulu. Njengesazi-mlando, indlela enahlukanisa ngayo iqiniso ezinganekwaneni yayihlaba umxhwele.
N. H., United States