Ukusuka Ekubeni Isixhwala Ukuya Ekubeni Umdumisi Oshisekayo KaNkulunkulu
OFAKAZI BAKAJEHOVA ababili ababehlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu ngoFebruary 1984 bakhuluma nowesifazane esigodini saseCorcovada, eAñasco, ePuerto Rico. Bezwa umsindo uvela ngaphakathi futhi babuza owesifazane ukuthi kwakukhona ogulayo yini.
“Yebo,” ephendula, “umyeni wami. Useneminyaka engu-14 egula futhi akaphumi ekamelweni ngaphandle kokuba eyogeza noma eyokudla.”
LaboFakazi ababili babuza ukuthi babengakhuluma yini nendoda. Umkayo wathi yayingafuni ukukhuluma namuntu, kodwa uma oFakazi befuna ukungena, babengangena.
“Sangena ekamelweni,” kuchaza omunye woFakazi, “futhi sathola lendoda isembhedeni. Lapho sibona isimo sayo, sayizwela. Yayibuthaka kangangokuthi yayivevezela. Sayitshela ngoMbuso kaNkulunkulu nethemba lokuphila ezweni elingenakugula noma ngisho nokufa. Izinyembezi zageleza ebusweni bayo. Ngayibuza ukuthi yayingathanda yini ukuphila kulelozwe elisha lapho kungekho-muntu oyobe egula.”—IsAmbulo 21:3, 4.
“Yebo,” iphendula. “Sayitshela ukuthi singathanda ukubuya futhi sitadishe iBhayibheli nayo. Ngemvume yayo sabuya, futhi isifundo saqhutshwa ilele embhedeni.
“Ngemva kokuhambela okumbalwa, ngasikisela ukuba ihlale ngezinqe embhedeni ukuze kube lula ngayo ukufunda. Yawenza umzamo, nakuba ekuqaleni yayihlala ngesinqe isikhashana nje ngenxa yokuthi yayiphathwa inzululwane. Ngemva kwezifundo ezimbalwa ezengeziwe, njengoba yayiya iba namandla, ngasikisela ukuba siqhubele isifundo ekamelweni lokuphumula. Yavuma, futhi isonto ngalinye sasiyisiza ukuba izihambele ngezinyawo iye khona.
“Lendoda yenza intuthuko enhle ezifundweni zayo, ngisho nakuba yayingaboni kahle futhi izandla zayo zivevezela kangangokuthi kwakunzima ngayo ukubamba ingilazi yokukhulisa amagama. Yasitshela ukuthi kuleminyaka engu-14 igula, yayingakaze iye kudokotela ngenxa yokuthi yayingakwazi ukuhamba. Ngakho senza amalungiselelo okuba siyiyise kudokotela.
“Yahlinzwa ngokuphumelelayo emehlweni, futhi ngokushesha yayisikwazi ukufunda iBhayibheli ngaphandle kosizo lwengilazi yokukhulisa amagama. Ngisho nezandla zayo zayeka ukuvevezela. Yaqala ukuba ihambe njalo endlini, futhi ekugcineni yayisiya embhedeni kuphela ngokuyolala ebusuku. Ngokushesha ngemva kwalokho yaqala ukuba khona emihlanganweni yethu yobuKristu eHholo LoMbuso.
“Ngokuhamba kwesikhathi uthando lowayeyisixhwala ngoJehova uNkulunkulu nezithembiso zaKhe lwamshukumisela ukuba akhulume nabanye ngezinto ayezifundile. Ngokushesha, wahlanganyela nathi enkonzweni yendlu ngendlu, okwabamangalisa kakhulu omakhelwane bakhe nabangane. Impilo yakhe yathuthuka kangangokuthi waze waqala ngisho nokusebenza epulazini lakhe.”
NgoNovember 1988 lokhu okuhlangenwe nakho kwalandiswa emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova, futhi lendoda, uPedro Martínez, yavela esiteji. Ekugcineni, ngoNovember 1989, yabonakalisa ukuzinikezela kwayo kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.