Ukwanda Kwenani Labantu Emhlabeni—Inkinga Ebalulekile
“INGANE Yezigidi Eziyizinkulungwane Ezinhlanu.” Uhulumeni waseChina wambiza kanjalo uWang He, ingane yentombazane eyayizalelwe esibhedlela saseBeijing phakathi kwamabili, ngoJuly 11, 1987. Ukuthi lolosana lwayenza yini ngempela ingqikithi yenani labantu emhlabeni wonke yafinyelela ku-5 000 000 000 ngalesosikhathi noma cha, akekho owaziyo. Nakuba kunjalo, wazalwa ngaso kanye isikhathi esasimiswe iZizwe Ezihlangene njengaleso inani labantu emhlabeni elaliyofinyelela ngaso lelonani. Uhulumeni waseChina wamane nje wasebenzisa lesosenzakalo ekuyenzeni ibe ngokoqobo inkinga eshubile yokwanda kwenani labantu ebhekene neChina nomhlaba wonke.
Izibalo zibonisa ukuthi inani labantu emhlabeni landa ngesilinganiso esibethusayo abanye ochwepheshe. Ngesilinganiso samanje sokukhula, inani labantu emhlabeni liyophindeka kabili eminyakeni ecishe ibe ngu-40 kuphela. Ochwepheshe basitshela ukuthi ngalelojubane, isilinganiso sokudla okudingekayo kokusuthisa inani labantu emhlabeni ngokushesha siyodlula umkhiqizo, futhi umphumela uyoba indlala emhlabeni wonke. Ngaphezu kwalokho, njengoba isilinganiso somhlaba wonke semicebo engokwemvelo siphela, iyophela ngokushesha kangako ngenxa yenani labantu elandayo, futhi lokhu kungabangela kuphela inhlekelele yomhlaba jikelele. Ochwepheshe bathi uma ukuntuleka kokudla nemicebo kungabangeli ukubhubha kwethu, ngokuqiniseke kakhulu kuyobangelwa ukonakala okubangelwa yithi endaweni ezungezile. Sizihila ngokoqobo thina ngokwethu ngalokho esikwenzayo emoyeni, emanzini, nasezweni, futhi ukuba khona kwabantu abengeziwe kuyomane nje kusheshise lelojubane. Konke lokhu kuzwakala njengenhlekelele esizokwenzeka.
Nokho, yini engenziwa ngakho? Kunezinhlobo ezihlukahlukene zemibono ngalendaba. Abanye banomuzwa wokuthi ngaphandle kokuba kuthathwe isinyathelo esiphawulekayo sokunciphisa ukwanda kwenani labantu, inhlala-kahle yabo bonke abantu iyosongelwa. Abanye bakholelwa ukuthi njengoba kwakunjalo esikhathini esidlule, kuyotholakala izindlela ezintsha zokubhekana nezinkinga mayelana nokudla, imicebo, ukungcola, nanoma yini enye ehilelekile. Abanye futhi banomuzwa wokuthi ingqikithi yenani labantu iyokwehla ekugcineni, ngakho asikho isidingo sokukhathazeka ngokweqile ngakho. Eqinisweni, kunemibono enamandla cishe ngazo zonke izici zalendaba. Ngokucacile, ukwanda kwenani labantu emhlabeni wonke kuyinkinga eyimpikiswano nebalulekile.
Nokho, okuphawulekayo ukuthi abantu abahlala emazweni angaminyene nacebile ngokuqhathaniswa ngokuvamile yibo abakhuluma ngokunamandla kakhulu ngenhlekelele ezayo. Bazwakalisa ukwesaba kwabo ngenxa yokuthi banomuzwa wokuthi izinga labo lokuphila noma inhlala-kahle yekusasa iyasongelwa. Kodwa kuthiwani ngalabo abahlala emazweni ampofu ngokwengeziwe, angakathuthuki, naminyene? Bazizwa kanjani ngenkinga yenani labantu? Ukuphila kunjani emagumbini ampintshene omhlaba?
IPhaphama! ikuyisa kwezinye zezindawo eziminyene kakhulu zomhlaba ukuze uzibonele ngokwakho ukuthi kunjani ukuphila ngaphansi kokucindezela kokwanda kwenani labantu nokukusiza ukuba uqonde ezinye zezinkinga ezihilelekile.