Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Ukugembula Ngempela Kubi Kangako?
UANDREW oneminyaka engu-12 ubudala noJulian oneminyaka eyishumi ubudala ekugcineni babengasekho phambi kwabazali babo. Umkhaya wakubo wawuthatha uhambo ngomkhumbi, futhi labafana babeye bahlatshwa umxhwele izinhlobonhlobo zemishini yokugembula ezazisemkhunjini. Ebona ukuthatheka kwabo, umdlali wanika ngamunye wabo uhlamvu lwemali ukuze bazizamele ukudlala imishini ngokwabo. Yayiyini inkinga? Abazali babo babebanqabele ukuba basondele eduze kwaleyomishini.
Nakuba kunjalo, uAndrew noJulian banquma ukuzifaka engozini yokubanjwa abazali babo. Izixwayiso zabazali babo zinkeneneza ezindlebeni zabo, bawudlala lomshini—futhi bawina! Khona-ke baphinde badlala. Kulokhu bakhexiswa isizumbulu semali ababeyiwina! Bacabanga, ‘Kungenzeka kanjani ukuba lokhu kube yingozi kangako? Kulula kakhulu ukwenza imali! Ingabe ukugembula ngempela kubi kangako?’
Njengentsha eningi emazweni lapho ukugembula kujwayeleke khona, uAndrew noJulian ababonanga ngozi kukho. Lokhu kulula ukukuqonda uma ucabangela isibonelo abanye abantu abadala abaye basibeka ngokuphathelene nalokhu. Abaningi abagembuli nje kuphela kodwa babeka izaba ezikholekayo ukuze bathethelele umkhuba wabo. Ngokwesibonelo, bathi ukugembula empeleni kuhle kakhulu, bekhomba izizumbulu zezimali ezivela ekubhejeni ezisiza ukufeza injongo enhle. (Kodwa lokhu akunangqondo ngendlela efanayo nokuphikisa ngokuthi umnikelo ovela esikhulwini esishushumbisa izidakamizwa ukuze kusizwe abaswele kuthethelela ukuhweba ngezidakamizwa!) Nokho abanye bathi ukugembula kuwukuzijabulisa nokuzilibazisa okungalimazi, okwenezela isilinganiso esithile senjabulo eyamukelekayo ekuphileni.
Nokho, eBrithani naseIreland, njengakwamanye amazwe, izinkulungwane zentsha seziye zaba ngabagembuli. Futhi ithemba lokwenza imali eningi ngomzamo omncane lingase likhange ngandlela-thile nakuwe.
Ukugembula—Izingozi Ezicashile
Nokho, ukugembula kubeka izingozi ezithile ezingokoqobo entsheni. Imibiko ikhuluma “ngabagembula ngezidakamizwa” “nangokwesaba okubangwa ukugembula, lapho umdlalo ongenangozi ukhulela ekubeni ukucindezela okungenza umuntu abe umungcwi.” NgokweBuzz (uhlelo lwethelevishini yaseBrithani), ukugembula kwabantwana “kungaholela ekubalekeleni izifundo, ubudlova, ukuphanga nokweba, ukuzizwa uphoqelelwa ekubeni ugembule, futhi ezimweni ezedlulele, ukuzibulala noma ukuzama ukuzibulala.” Ukuthi ukugembula ngempela kungalimaza ngaleyondlela kufakazelwa okuhlangenwe nakho okungokoqobo.
UAdrian uthi, “Ngaqala ukugembula lapho ngineminyaka ecishe ibe ngu-11 ubudala. Ngangihamba nomalume nomzala siye emjahweni wezinja okuthiwa amagreyhound. Ekuqaleni nganginenhlanhla ngempela futhi ngivame ukuwina.” Waba yini umphumela kuAdrian? Uyachaza, “Ngangingangabazi ukusonta indaba—ukuqamba amanga—kubaba ukuze ngithole imali, futhi ngaphambi kokuba ngeve eshumini elinambili, ngangingenamahloni okweba esisefweni semali esitolo sikababa ukuze ngisekele ngokwezimali umkhuba wami wokugembula.”
UAdrian ukhomba omunye umphumela ongathandeki. Uyachaza, “Kalula nje ungase ube ivila, ngoba imali oyithola ngomsebenzi wokwethembeka ingase ibonakale incane kakhulu uma iqhathaniswa naleyo ocabanga ukuthi ungayiwina.”—Qhathanisa nezAga 13:4; UmShumayeli 2:24.
URobert (akulona igama lakhe langempela) waqala ukugembula eneminyaka engu-12 ubudala. Ukhomba enye ingozi futhi: “Ungase ukholelwe ezeni kakhulu.” Uyachaza: “Ubaba wafaka imishini yokugembula esitolo sakithi. Ngangazi kahle ukuthi isebenza kanjani, kodwa nokho ngokukholelwa ezeni ngenza izinto ngomzamo wokuthonya imiphumela, njengokucindezela inkinobho ngendlela ethile noma ukushiya imali engiyiwinile emshinini isikhathi esithile. Abanye abantu babekhuluma nemishini ngokoqobo.” Yebo abagembuli abaningi ngokungaqondi baba abakhulekeli abakholelwa ezeni bakankulunkulu wenhlanhla—okuwumkhuba uNkulunkulu awulahlayo.—Isaya 65:11.
Ukuzizwa Uphoqelelwa Ekubeni Ugembule
Enye ingozi enganakekile iwukuthambekela kokuba ukugembula kube cishe ukuphela kwento umuntu acabanga ngayo. “Abantwana abangaphansi kweminyaka engu-16 abangaphezu kuka-2 000 bayiswa abazali babo kuyiGamblers Anonymous minyaka yonke, futhi isilinganiso samanje sabayiswa khona . . . eBrithani kucatshangwa ukuthi simane nje sehlisiwe.” (The Buzz) Bangalutheka kangakanani? Omunye umbiko uthi: “Lapho nje sebeluthekile, kumelwe bagembule kungakhathaliseki ukuthi bayawina noma bayadliwa.”
URobert ukhumbula ebona omunye wesifazane edliwa u-£90 (R385) nsuku zonke ekugembuleni. Omunye umgembuli osemusha wayefuna ukuthola imali yokusekela ukuluthwa kwakhe yimishini yokugembula kangangokuthi wazama ukubulala unina! UPaddy, owaqala ukugembula esemncane kakhulu, wayehluleka ngendlela efanayo ukulawula umkhuba wakhe wokugembula. Uyakhumbula. “Ngakhulela emkhayeni othanda ukugembula. Ngangigembula kunoma yini futhi ngigembule ngakho konke. Lapho ngikhula futhi ngishada, ukugembula kwaphuca umkami nabantabami ukudla, futhi ekugcineni ngacabanga ngokuzibulala.”
Ukuheha Kwemishini Yokugembula
Noma yiluphi uhlobo lokugembula lungaveza imiphumela emibi kanjalo, kodwa enye yezingozi ezinkulu kakhulu ngentsha namuhla umshini wokugembula ofaka imali. Lona “njengamanje ubhekwa njengenkinga enkulu kakhulu ethinta abagembuli abasebasha,” kusho iJournal of Gambling Behavior, yaseNtwasahlobo ka-1989. Lemishini, echazwa kahle njengezigebengu ezinengalo eyodwa (one-armed bandit), “iyimishini ekhohlisayo nehehayo,” kusho iBuzz. “Uma udlala ngokwengeziwe, kunokwenzeka ngokwengeziwe ukuba ufune ukudlala futhi.”
Ingabe kunengqondo ngempela ukudlala umdlalo, kungakhathaliseki ukuthi uheha kangakanani, lapho kunesiqinisekiso sokuthi uyodliwa kaningi kunokuba uwine? IYoung People Now yachaza amathuba akho okuwina ngalendlela: “Ungalokothi unike isiwula ithuba lokuwina noma yini, kusho isisho. Imishini yokugembula efakwa imali ayikuniki lelothuba . . . [Uma] ufaka u£10.00 [R48,80] emshinini ngokwesilinganiso uyogwinya u£7.00 [R34,16] futhi ukubuyisele u£3.00 [R14,64].”
Akumangalisi ukuthi uMark Griffiths, umcwaningi wemiphumela yokugembula entsheni, uthi: “Ukuphela kwendlela yokwenza imali ngomshini wokugembula ofakwa imali iwukuba ube nowakho.” Ingabe kubonakala kunengqondo kuwe ukuzihilela emsebenzini onjalo ongenanzuzo?
Nakuba kunjalo, lemishini ihlelwe ngokuhlakanipha ukuba ikuluthele ekubeni udlale ngokwengeziwe. Kanjani? Ngokuveza imigqa emithathu esikhundleni sokuba iveze owodwa nje wokuwina! IYoung People Now iyachaza: “Imigqa engenhla nengezansi kwemigqa ekhipha imali yenziwa ukuba inike abadlali ukudideka kokuthi ‘bageje nje kancane’ futhi ngaleyondlela ibakhuthazele ekubeni bazame futhi.” Okuthiwa ukugeja kancane, izimpawu ezimbili zokuwina nolwesithathu lokudliwa, kuvame ukubhekwa umgembuli “njengokucishe uwine,” futhi ngaleyondlela ukhuthazelwa ekubeni azame futhi—aphinde futhi, aphinde futhi.
Kodwa lokhu kufana nsé nebhizinisi lokugembula. Abakhi baklama imishini nemidlalo yokugembula ngendlela yokuthi inike umqondo odidayo wokuthi esikhundleni sokudliwa, ugejile! Ucishe wawina! Lokhu kukulolongela ukuba uqhubeke udlala ngenxa yenjabulo oba nayo ngokuthi ubususeduze kakhulu “nokuwina.” Kulokhu nezela izibani ezibanekayo nemiphumela yomsindo odida ikhanda, futhi uqala ukuthola umbono wokucindezela okunamandla okungokwengqondo okusetshenziselwa ukukuhehela ekubeni udlale—uqhubeke udlala—futhi uqhubeke udliwa.
Ukwenza Isinqumo Esiqondile
Indlela engcono kakhulu yokugwema ukuba ozizwa uphoqelelwa ekubeni ugembule, iwukugwema ukugembula kwasekuqaleni. Gwema zonke izinhlobo zako, kuhlanganise nokubheja ngemadlana encane. Kaningi umkhuba wokugembula osunesikhathi eside uye waqala ngamasenti okugembula. Futhi uma ithuba lokugembula liziveza, cabangela isimiso uJesu Kristu asisho kuMathewu 7:17: “Yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.”
Cabanga ngakho: Yini ngempela ukugembula okuyivezayo ekuphileni kwabantu? Ingabe kuyamsiza umuntu ukuba aveze izithelo zomoya kaNkulunkulu, ezinjengokujabula, ukuthula, nokuzithiba, noma ingabe kubanga ukuxabana, ukuthukuthela, nobugovu? (Galathiya 5:19-23) Khumbula, uNkulunkulu uyabulahla ubugovu. Isenzo esisodwa nje sobugovu sikwenza ube mubi kuye. Zibuze ukuthi ingabe abagembuli bangabangane abafanelekayo bentsha engamaKristu. (1 Korinte 15:33) Khumbula ukuthi “izwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Ingabe ukugembula akuyifezi yini ngokucacile injongo kaSathane uDeveli? Ngakho kungani kumelwe ukhohliselwe ekubeni uhileleke kukho?
Lapho ilottery yesizwe yaseIreland iqala ukuba khona, ngokushesha yanikwa igama lokuthi intela yeziwula! Lokho kukuchaza konke ukugembula. Ubani ofuna ukubhekwa njengesiwula futhi aphanjwe ingcebo ayidingayo ngokuyengelwa ezweni lamaphupho lomgembuli? Ngokujabulisayo, uAndrew noJulian (okukhulunywe ngabo ekuqaleni) babona kungakephuzi ukuthi ukugembula kuwumdlalo wesiwula. Bazibona ngokucacile izingozi zako futhi bakugwema. Bathi, “Ngaphandle kwako, kunezinto eziningi ezizuzisayo zokwenziwa ekuphileni kunokusaphaza imali yakho ngokugembula.”
[Isithombe ekhasini 20]
Ukugembula ngisho nangemali encane kungenza umuntu abe umlutha wako