Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 1/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Yini Engalungile Kangaka Ngenhlebo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngenzenjani Uma Abantu Behleba Ngami?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 1/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Abantwana Besehlukaniso Sekuphele iminyaka emithathu sihlukene nomkami, futhi ngiyikhumbula kakhulu ingane yami. Kodwa izingane ezihluphekayo, futhi thina bazali kufanele sicabange kakhulu ngalokhu. Ukube ngangifunde loluchungechunge lwezihloko oluthi “Usizo Ngabantwana Besehlukaniso” (April 22, 1991) lapho sisahlala ndawonye, ngiyaqiniseka ukuthi ngangiyocabangisisa ngokwehlukana.

S. C. M. F., Brazil

IBarrier Reef Esikoleni ngabelwa ukuba ngenze ukucwaninga ngamacoral. Nokho, ngangingazi ukuthi ngingakufuna kuphi ukwaziswa okunemininingwane nokucacile. Kwangimangalisa kakhulu ukubona isihloko esithi “Ukuvakashela IGreat Barrier Reef.” (June 8, 1991) Sasinalokho ngempela engangikudinga! Ngasebenzisa lokho kwaziswa futhi ngathola amamaki aphakeme kunabo bonke. Ngibonga ngiyanconcoza ngosizo lwenu oluyigugu.

M. M. T., Argentina

Ukukhulisa Imikhaya Isihloko esithi “Ukukhulisa Imikhaya Emhlabeni Wonke—Ukuba Umzali Ngothando, Ukuyala, Isibonelo, Nezindinganiso Ezingokomoya” (September 22, 1991) sasiyisikhuthazo esikhulu kimi njengomfundi omusha weBhayibheli. Lapho siqala ukuya emihlanganweni yobuKristu, indodana yami yayishaya sengathi iyagula futhi iqandule ikhale njengohlanya. Kodwa ngosizo lowesifazane ongumKristu ofunda nathi, kanye nesikhuthazo esikomagazini enibanyathelisayo, manje ngivuna izithelo. Manje indodana yami eneminyaka emibili nengxenye ihlala ithule cwaka emihlanganweni ize inikeze ngisho nezimpendulo ezimfushane.

M. T., Japan

Ukuhleba Ngangiyinhlebi embi. Kodwa ngolunye usuku ngafika ekhaya ngivela esikoleni futhi ngafunda uchungechunge oluthi “Ukuhleba—Indlela Yokugwema Ukulimala.” (June 8, 1991) Ngosizo lwenu ngakwazi ukugqashula kulowomkhuba omubi. Ngangingazi ngempela ukuthi ukuhleba kungokungathi sína kangako nanokuthi kungonakalisa idumela lomuntu. Ngiyabonga kakhulu ngalokhu kwaziswa.

F. B., United States

Lezihloko zangilondolozela umsebenzi wami ngokuqondile. Ngokuphindaphindiwe ngasakaza amahlebezi okuthi imboni engangiyisebenzela yayizovalwa. Lingakashoni, ngabizelwa ehhovisi lomphathi wami. Wangitshela ukuthi ngangihleba nanokuthi ukusakaza izinto ezinjalo kungesabisa abantu ngenxa yokuthi imisebenzi iyindlala. Abantu babedilizwa lapho engisebenza khona, futhi ngacabanga ukuthi lezi kwakuyizaba zokungixosha. Lapho ngithola iPhaphama! ekhuluma ngokuhleba, ngayithatha njengeseluleko esivela phezulu. Ngayibonisa umphathi wami futhi ngamtshela lokho engangikufundile nanokuthi ngangizokwenza konke okusemandleni ami ukuba ngingaphindi ngihlebe. Wangibonga—futhi ngisasebenza.

L. G., United States

Ukubuyisela Iestrogen Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Ukwelapha Ngokubuyisela Iestrogen—Ingabe Kukulungele?” (September 22, 1991) Ngamangazwa indlela esasicace ngayo. Manje ngelashelwa iosteoporosis futhi iminyaka emine bengelashwa ngokubuyisela iestrogen. Kodwa manje sengikwazi kangcono ukuxoxa nodokotela wami ngezinto futhi ngingabhekana nezinkinga ngethemba elengeziwe. Nginibonga kakhulu.

R. C. S. M., Brazil

Ukufunda Ukushaya Izimfijoli Zomculo Ngithanda ukunibonga ngempela ngesihloko esithi “Ukube Nje Bengingakwazi Ukudlala Ngalendlela!” kumagazini kaSeptember 8, 1991. Manje ngisonyakeni wokuqala esekhondali futhi ngifunda ukushaya uogani oludlala ngogesi. Sekuphele iminyaka emibili kakade, futhi nakuba sekuyisikhathi sokuba ngibonise intuthuko ethile, angikathuthuki. Ekudlaleni umculo kwalonyaka, ngenza amaphutha amaningi. Kwakukubi ngempela. Lesihloko sasibonisa ukucabangela futhi sineseluleko esifike ngesikhathi kimi.

M. O., Japan

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela