Intsha Iyabuza . . .
Ngingabhekana Kanjani Nobumpofu?
UGREGORY, osemusha waseMpumalanga Yurophu, wayezibheka njengompofu ngempela. Wayengakwazi ukuthenga izingubo ezibizayo noma imisakazo yohlobo lwe-hi-fi njengoba kwenza enye intsha yaseNtshonalanga. Ngokuhamba kwesikhathi, uGregory wakhungathekiswa izimo ezazisezweni lakubo, wayesethuthela eAustria.
Izinkulungwane zamakhilomitha kude noGregory kwakuhlala uLoyiso, osemusha wasemaphandleni aseAfrika eseningizimu. Njengoba ayehlala eqhugwaneni elincane nomkhaya wakubo, uLoyiso waba nomhawu ngentsha eyayihlala edolobheni eliseduze eyayijabulela “ukunethezeka” okumangalisayo—amanzi aphuma kumpompi nogesi.
Nakuba kunjalo, uVasco ongomusha waseAfrika wayengabheka uLoyiso noGregory njengabacebile. Njengoba ayesongelwa impi yombango endaweni yakubo, uVasco wahamba amakhilomitha amaningi enqamula ihlathi laseAfrika eliyingozi ukuze nje asinde.
Khona-ke “ubumpofu” buyigama elibanzi, elisho izinto ezahlukene emazweni nasemasikweni ahlukahlukene. Esinye isichazamazwi sesiNgisi sichaza “ubumpofu” ngokuthi inoma yini esukela “ekusweleni ngokweqile izidingo kuya ekuntulekeni kokunethezeka ngokwezinto ezibonakalayo.” Kuyaduduza ukuqaphela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ungase ube mpofu kangakanani, ngokunokwenzeka kunabanye abaswele ngisho nakakhulu kunawe. Nakuba kunjalo, lapho ungenazo izimpahla ezinhle zokugqoka uma uya esikoleni noma untula izinto eziyisisekelo njengamanzi kampompi, kungase kungaduduzi kangako ukutshelwa ukuthi abanye bahlupheka kakhulu kunawe.
Khona-ke iBhayibheli alikwenzi kubukeke kukhanga ukuba mpofu. Kunalokho, ngokubheka isimo ngokoqobo lithi: “Incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.” (IzAga 10:15) Nokho, isihloko esandulela lesi, sabonisa ukuthi osemusha angazigwema ezinye izingozi zobumpofu, njengokuziphatha kobuhlongandlebe.a Ngokwenza umzamo, ungahlakulela isimo sengqondo esiphilile nesibonisa ukuba nethemba. Nokho, yiziphi ezinye izindlela zokubhekana nokucindezela kwansuku zonke kokuba mpofu?
Ugibe Lomhawu
“Bekungeke kube kubi kangako ukuba besimpofu sonke,” kukhononda osemusha waseAfrika oneminyaka eyishumi nesikhombisa okuthiwa uZanele. “Kodwa lapho ubona abanye kuTV noma kwezinye izindawo benokuningi kunawe, kuba yinto enzima ukukwamukela.”
Imizwa kaZanele ayimangazi neze, uma kucatshangelwa umhosha omkhulu ongokwezomnotho nezenhlalo ohlukanisa abantu namuhla. Futhi uma kubhekwa indlela imithombo yezindaba ekhangisa ngokungenamahloni ngayo ngokuceba nezinto ezibonakalayo, nawe ngokufanayo ungase ube nomhawu lapho ubona indlela intsha ecebe kakhudlwana ephila ngayo. (Jakobe 4:5) Nokho, isisho sesiJalimane siyaxwayisa: “Umhawu awudli lutho ngaphandle kwenhliziyo yawo siqu.”—Qhathanisa nezAga 14:30.
Njengoba kulindelekile, akukubi ngokwako ukufuna izimo ezingcono zokuphila. Kodwa ubumpofu buwuphawu lwesimiso sezinto esonakele sikaSathane, futhi uNkulunkulu kuphela okwaziyo—futhi ozokwenza—ukulungisa ukungabi nabulungisa kwezwe. Uma uhlala ezweni elimpofu ngokwezomnotho, kungase kube kuncane kakhulu ongakwenza ukuze uthuthukise isimo sakho. Futhi ngisho noma ekhona amathuba angokwezomnotho, khumbula amazwi kaSolomoni kumShumayeli 4:4: “Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.”
Lapho umgomo wakho uwukuceba noma kuthiwani, kalula ungase uzithole ulingelwa ukuba udele izindinganiso zakho zokuziphatha. Futhi, izimo ongeke uzilawule zingayinciphisa ngokushesha imali oyijulukele kanzima—zikushiye umpofu nakakhulu. Kungalesosizathu izAga 23:4, 5 zixwayisa: “Ungakhandlekeli ukuceba. . . . Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.”
Hlola Ubugugu Bezinto Onazo
Khona-ke, ingabe lokhu kusho ukuthi kumelwe umane uzinikele ekuphelelweni ithemba? Ngokuqinisekile akunjalo! Isinyathelo esisodwa esiqondile ongasithatha siwukugxila, hhayi kulokho ongenakho, kodwa konakho okuyigugu. Ngempela, ungase ube nezinto ezimbalwa. Kodwa encwadini yakhe ethi Relationships, uDkt. Tony Lake uphawula ukuthi “othile ompofu ngokwezimali angase abe nezinye izinto, ezinjengomkhaya onothando, omakhelwane abanobungane noma indawo yokuhlala ejabulisayo.” Ngempela, izinto ezinjalo ziyigugu kakhulu kunemali! Isaga sithi: “Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.” (IzAga 15:17) Intsha engamaKristu inenye futhi into eyigugu: ukusekelwa ‘iyo yonke inhlangano yabazalwane.’—1 Petru 2:17.
Mhlawumbe futhi ungase uzame ukubheka izinto ezibonakalayo onazo ngombono okhanya kakhudlwana. Kungase kube iqiniso, kungenzeka ukuthi uphila ekhaya elivamile, mhlawumbe ngisho neliphansi. Kungenzeka ugqoka izingubo ezindala, ezidabukile, noma ezichitshiyelwe. Futhi ungase ulangazelele ukudla okungaphindwaphindwa njalo. Kodwa ingabe uyazidinga izingubo ezisesitayeleni noma ikhaya elikhulukazi ukuze uthokozise uNkulunkulu? Ingabe uyakudinga ukudla okuyizibiliboco ukuze uhlale uphilile futhi uwumqemane? Ngokuqinisekile awukudingi! Njengoba umphostoli uPawulu asho: “Uma sinokudla nezambatho masaneliswe yiko.”—1 Thimothewu 6:8.
UEldred, indoda yaseNingizimu Afrika eyakhulela emkhayeni ompofu, uthi: “Samane sakwamukela ukuthi umkhaya wethu wawunemali encane nokuthi sasingeke sikuthole konke esasikufuna.” UEldred ukhumbula ukuthi lapho ibhulukwe lakhe lesikole selilenga izintambo, unina wayemane alichibiyele. Ngokuhamba kwesikhathi, izichibi zaziba ziningi kunendwangu yalo! “Kwadingeka ukuba ngibekezelele ukugconwa okukhulu,” kuvuma uEldred. “Kodwa into eyayibalulekile kwakuwukuthi izingubo zethu zazihlanzekile futhi zisebenziseka.”
Ukonga Ekhaya
Futhi ungathatha izinyathelo ezingokoqobo ukuze uthuthukise isimo okuso. IBhayibheli likhuluma ngalabo ngobuwula “abasebenzisa yonke imali yabo ngokushesha lapho beyithola.” (IzAga 21:20, TEV) Khona-ke, zibonise uhlakaniphile, ngokuqapha ukuba ungamoshi ukudla, imali, noma yinoma yini eyinto eyigugu yasendlini. (Qhathanisa noJohane 6:12.) Ukugembula, ukusebenzisa kabi iziphuzo ezidakayo, ukubhema—lena imikhuba engamoshi nje kuphela imali kodwa futhi eletha ukungavunyelwa uNkulunkulu. (2 Korinte 7:1) Uma amanye amalungu omkhaya enza ngobuwula kulokhu, wabekele isibonelo ngokuziphatha kwakho siqu.—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 4:12.
Enye indlela yokubamba iqhaza enhlalakahleni yomkhaya wakini iwukusiza abazali bakho ekhaya. Ngokuzithandela siza ngokupheka, ukuhlanza, ukukhanda izinto, nokusebenza engadini. Ukwenza kanjalo kuyokunika umuzwa owanelisayo wokufeza okuthile.
Umholo Owengeziwe
Enye intsha iyakwazi ukunikela ngokuqondile emalini engena ekhaya ngokuba ibambe itoho. ULoyiso, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wayethengisa imifino; wayeyitshala ensimini encane ngemuva komuzi wakubo. Lemifino futhi yasebenza ukuze isize ekondleni umkhaya wakubo. IzAga 28:19 zithi: “Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla.” ULoyiso wathola lamazwi eyiqiniso.
Enye intsha iye yathatha isinyathelo kuqala sokuthengisa izingubo zokugqoka, ukudla, nezinkuni. Enye yenza imisebenzi yasendlini elula yokukhanda izinto, ukuthunywa, noma ukugada abantwana.
Isikole Nobumpofu
Ngokwe-1989 Britannica Book of the Year, intsha eningi empofu kakhulu “yabona inzuzo encane ngokuhlala esikoleni.” Izikole zokufunda emazweni amaningi ngokuvamile ziminyene noma azinazo izinto ezidingekayo ezanele. Futhi lapho intsha iqhathanisa amathemba angemahle okuthola umsebenzi nezinye izindlela ezisheshayo kodwa ezingemthetho zokuthola imali, enye ilahlekelwa ngokuphelele isifiso sokuya esikoleni.
Nokho, ukuntula imfundo, kumane kuqinise ukuxhakathisa kobumpofu. Kungase kudinge ukuzithiba, kodwa wenza ngokuhlakanipha ngokuhlala esikoleni! Cabanga ngomasipala waseHowrah, imijondolo yaseCalcutta, eNdiya. Lapho abantu abangu-800 000 baphila ezimweni ezidabukisayo zobumpofu. Eziningi zezingane zisebenza imisebenzi ephansi phakathi nosuku; kanti, eziningi zifunda esikoleni sasebusuku ukuze zithole imfundo. Ngakho noma kunzima ukuya esikoleni, musa ukuyeka. Isikole singakusiza ukuba uhlakulele amakhono okukhulumisana nawokucabanga—okungamakhono angase akusize ukuba uthole umsebenzi ngolunye usuku.
Ukubheka Phambili
“Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke.” (IzAga 22:2) Leloqiniso liye lasiza izinkulungwane zoFakazi BakaJehova abasebasha ukuba babhekane nobumpofu ngokuphumelelayo. Bayaqaphela ukuthi injabulo ayixhomekile ekubeni nezinto ezibonakalayo, kodwa ixhomeke ekubeni umngane kaJehova uNkulunkulu, lowo owamukela bonke abafuna ukumkhonza—becebile noma bempofu. UNkulunkulu unika ithemba lokuphila ezweni elisha lesikhathi esizayo elingeke libe nobumpofu obuququdayo.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.
Okwamanje, sebenzisa onakho ngokuhlakanipha. Bheka esikhathini esizayo. Zibekelele ingcebo engokomoya. (Mathewu 6:19-21) Bheka ukubhekana nobumpofu njengenselele—ongayinqoba ngokuphumelelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka umagazini kaJanuary 22, 1992.
[Izithombe ekhasini 26]
Ukufisa ngeke kusithuthukise isimo okuso, kodwa ukusebenza ngokuzikhandla esikoleni kungasithuthukisa