Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 3/8 k. 14-k. 15 isig. 3
  • Ngokucwayiza Kweso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngokucwayiza Kweso
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubona Okungabonakali—Isayensi Yokubona
    I-Phaphama!—1991
  • Kungani Sichiphiza Izinyembezi?
    I-Phaphama!—1992
  • Ingabe Iso Lakho “Lihle”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Kusho Ukuthini Ukuthi “Iso Ngeso”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 3/8 k. 14-k. 15 isig. 3

Ngokucwayiza Kweso

UPHINDILE wakwenza. Izolo ukwenze izikhathi ezicishe zibe ngu-15 000. Ngokunokwenzeka kakhulu ubungaqapheli ukuthi uyakwenza, kodwa uqhubekile ukwenza futhi ngaleyondlela wavikela ezimbili zezinto zakho eziyigugu kakhulu. Lapho ukwenza, kungenzeka futhi ngokungaqondi unikeze izinkomba ezimbili ngendlela ingqondo yakho esebenza ngayo. Ukwenze kanjani konke lokhu? Ucwayizile.

Uma amehlo akho esebenza, ayizinto ezibucayi kakhulu nento yezinzwa ezwela kakhulu onayo. Njengoba ngokuvamile libhekwa njengomklamo oyisimangaliso, iso lomuntu liye lafaniswa nekhamera ezisebenzela ngokuphelele, ethatha izithombe ezinezinhlangothi ezintathu, eziqondisayo, ezifakela amafilimu ngokuqhubekayo, enombala ogqamile, nethwebula isithombe esinyakazayo. Lapho ingasebenzi, ilens yalekhamera ebucayi ivalwa ngesivalo selens. Kodwa iso lenza okungcono kunalokho.

Ingxenye enkulu yenhlamvu yeso ivikeleke ngaphakathi kwengoxi. Kodwa amanye amaphesenti angu-10 eso angaphandle, othulini olujikelezayo nezincezu eziyingozi. Ukuze uvikele iso kulolusongo oluhlala lukhona lokuhlaselwa, umzimba uklanywe “unesivalo selens” esiyinkimbinkimbi, esingadonseleka ngemuva—ijwabu leso. Njengoba lenziwe ngesikhumba esiwuntwentwesi kunazo zonke emzimbeni, linemicu emincane, enemithambo, ijwabu leso liya phezulu naphansi phezu kweso. Ukucwayisa kuthatha nje ingxenyana yeshumi yomzuzwana futhi kwenzeka izikhathi ezingu-15 njalo ngomzuzu.

Kodwa lesosenzo esincane, esingaqapheleki sifeza okukhulu. Ngokuvaleka okusheshayo bese libuyela ngaphakathi, ijwabu leso lendlala ifilimu eliwuntwentwesi loketshezi phezu kweso, lisusa ukungcola okusesweni ngokuphumelelayo. Futhi lipholisha nengxenye engaphandle yeso. Ngakho ijwabu leso lingafaniswa nenhlanganisela yesivalo selens, into yokuhlanza ilens, kanye nopholishi welens. Umklamo omangalisayo ngempela, akunjalo?

Kodwa sekuyisikhathi eside izazi zesayensi zingaliqondi iphuzu elithile eliyimpicabadala: Ngesilinganiso izinyembezi ezingamanzi ezinyamalala ngaso esweni, ukucwayiza okukodwa noma okubili ngomzuzu kufanele kwanele ukwenza umsebenzi wokusula nokupholisha. Khona-ke, kungani kukhona konke lokhu okunye ukucwayiza? Kubonakala sengathi impendulo isengqondweni.

Abacwaningi baye bathola ukuhlobana phakathi kokucwayiza nokucabanga. Ngokwesibonelo, ukukhathazeka kukwenza ucwayize ngokwengeziwe. Uma uzama ukundizisa indiza enophephela, noma uphenywa ngemibuzo ngummeli ononya, noma uhlushwa ukukhathazeka, ngokunokwenzeka ucwayiza ngaphezu kokuvamile. Uma ungumfundi wezindaba zethelevishini, kungenzeka uye watshelwa ukuba ungacwayizi ukuze izethameli zakho zingacabangi ukuthi wethuswe izindaba ozifundayo.

Ngakolunye uhlangothi, uma ugxilise amehlo, njengokulandelela umugqa odidayo wepuzzle yezithombe, ukushayela emigwaqweni yasedolobheni, noma ukufunda incwadi yothando, ucwayiza kancane. Ngokwesibonelo, abashayeli bezindiza badinga ukuba bagxilise ingqondo kakhulu kunabasizi babo, ngakho bacwayiza kancane kakhulu kunabo. Ukucwayiza kuphazamiseka ngokukhethekile lapho umuntu esengozini yangempela, futhi amehlo kudingeka aqalaze ngokushesha esuka entweni eyinhloko abebheke kuyo aye entweni eseceleni abuye aphinde abuyele emuva.

Kukhona okunye ukuhlobana phakathi kobuchopho nokucwayiza. NgokweMedical Post yaseCanada, ukucwaninga kusikisela ukuba “ukucwayiza ngakunye kungenzeka ngokushesha okukhulu kangangokuba singayeka ukubona futhi siqale ukucabanga.” Ngokwesibonelo, umuntu osho okuthile ngokukuphindaphinda cishe uyocwayiza ngemva nje kokufunda ukwaziswa afuna ukukugcina enkumbulweni. Noma ekwenzeni isinqumo, ukuhlola kusikisela ukuthi “ubuchopho bukhipha isiyalezo sokucwayiza lapho sebunokwaziswa okwanele bokwenza isinqumo esihle,” kuphawula iPost, yenezela: “Ukuhlola kubonisa ukuthi ukucwayiza kusebenza njengekhefu lengqondo.”

Cishe kwakuseminyakeni eyizinkulungwane ezintathu edlule lapho indoda ehlakaniphile iphefumlelwa ukuba ibhale: “Ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo.” (IHubo 139:14) Intuthuko yesayensi yezokwelapha osukwini lwethu imane nje yagcizelela lowombono. Cabanga nje: ukupholisha kanye nokugcoba ngowoyela ilens yeqophelo eliphezulu, ukubala izinga lokugxila kwengqondo noma ukukhathazeka, kanye nokuphazamisa ukungena kokwaziswa okubonwayo—konke lokho kwenzeka nje ngokucwayiza kweso!

[Isithombe ekhasini 14]

Inhlamvu yeso inamaphesenti angu-10 kuphela angaphandle

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela