Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 3/8 k. 18-k. 20 isig. 6
  • Ngingabenza Kanjani Abanye Bangihloniphe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabenza Kanjani Abanye Bangihloniphe?
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuthile Okungase Kufanelekelwe
  • Izindlela Zokuthola Inhlonipho
  • Ukuhlonipha Asebekhulile
  • Ukuzuza Inhlonipho Ngezinkolelo Zakho
  • Seyashonaphi Inhlonipho?
    I-Phaphama!—2024
  • Ingabe Uyahola Ekuboniseni Udumo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Kungani Abantu Bengasahloniphani?
    I-Phaphama!—2024
  • Kungani Kufanele Sihloniphe Igunya?
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 3/8 k. 18-k. 20 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Ngingabenza Kanjani Abanye Bangihloniphe?

“Ngesinye isikhathi uma uqala ukhuluma nomuntu omdala, kufana nokukhuluma nodonga.”—UPaul.

“Ngiyacasuka lapho abantu abadala bengakwethembi.”—UMatt.

“Abazali bami bayangiziba noma benze sengathi balalele, kodwa basuke bengalalele. Uyakhuluma ukhulume futhi ubuze, ‘Ningizwile?’ baphendule, ‘Eh-eh.’ Abazi ngempela ukuthi utheni.”—UPaula.

INHLONIPHO—kungani kunzima kangaka ukwenza abanye bakuphathe ngenhlonipho ethé xaxa? Ufuna ukulalelwa, ukunakwa. Ngakho-ke uma abantu abadala—ikakhulukazi abazali bakho—nontanga bengakunaki, bebheka imizwa yakho njengengabalulekile, bekhuluma nawe ngokukubhekela phansi, noma bekubeka endaweni yakho, kungalimaza ngempela.

Kungokwemvelo ukufuna ukuhlonishwa abanye. IBhayibheli ngokwalo lisikhuthaza ukuba ‘sithole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nakubantu.’ (IzAga 3:4) Futhi intsha eyesaba uNkulunkulu ngezikhathi zeBhayibheli yenza kanjalo. Ngokwesibonelo, insizwa okuthiwa uThimothewu yaba nelungelo lokuhamba nomphostoli uPawulu ohambweni lwakhe lobuthunywa bevangeli. Ngani? “Wayefakazelwa kahle ngabazalwane,” ezuze inhlonipho yabo. (IzEnzo 16:1, 2) Bese kuba uJesu ngokwakhe, lowo owathi ngesikhathi esemusha “waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.”—Luka 2:52.

Yiqiniso, awuyena uJesu. Futhi ukuzuza ukuhlonishwa abanye akulula lapho usemncane. Phakathi kokunye, iBhayibheli lihlanganisa ubusha ‘nokungabi nakuqonda’ kanye namandla angathitshiwe; ulwazi nokuhlakanipha kuhambisana nokukhula. (IzAga 1:4; 20:29; Jobe 32:6, 7) Khona-ke, ngokuvamile, abantu abayinikezi intsha inhlonipho efanayo naleyo abayinika abantu abadala. Ingabe kungokungafanelekile? Mhlawumbe. Kodwa iqiniso lokuphila okumelwe ubhekane nalo. Ngaphezu kwalokho, intsha eningi iye yazenzela igama elibi. Ngenxa yalokho, abanye abantu abadala ngephutha bacabanga ukuthi yonke intsha “inomoya wokuhlubuka,” “ayinaki,” noma “iyahlanya.”

Kwamanye amazwe, imikhuba, amasiko, nezinguquko eziningi zezenhlalo kuye kwandisa igebe phakathi kwentsha nabantu abadala. Ngokwesibonelo, eAfrika intsha eningi inamathuba emfundo abazali bayo abangazange babe nawo. Ngaphezu kwalokho, ingase izithole ingqubuzana njalo nabantu abadala abaqondiswa izinto ezivamile ngokwesiko. Abantu abadala ngokuvamile bacasulwa kakhulu yilokho abakubheka njengokungahloniphi noma ngisho ukuhlubuka kwentsha.

Kungakhathaliseki ukuthi isimo sakho siyini, kuyodinga umzamo wangempela nokusebenza kanzima ukuze uzuze ukuhlonishwa abanye. Kodwa kungenziwa.

Okuthile Okungase Kufanelekelwe

Okokuqala, qaphela ukuthi inhlonipho ayiyona into oyithola ngenxa nje yokuthi uyayifuna, futhi awunakumenza omunye othile akuhloniphe. Inhlonipho ingokuthile okufanelekelayo. Ngezikhathi zeBhayibheli indoda enguJobe yayihlonipheka kakhulu emphakathini wakubo. “Izinsizwa zazicasha ngokushesha uma zingibona,” kukhumbula uJobe, “nezimpunga zazisukuma zingibonisa inhlonipho.” Nokho, ngokusobala uJobe wayeyifanelekela inhlonipho enjalo. “Wonke umuntu owayengibonile noma owayezwe ngami wayenokuhle kokukusho ngalokho engangikwenzile,” kuchaza uJobe. Yebo, uJobe wayenedumela elingaguquki lenkambo eqotho.—Jobe 29:7-17, Today’s English Version.

Hlobo luni lwedumela oye wazenzela lona? Uye wasisebenzisa iseluleko esanikezwa uThimothewu? “Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho,” kusho uPawulu. “Kepha yiba-yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.” (1 Thimothewu 4:12) Nawe futhi ungaba isibonelo esifanelwe ukuhlonishwa. Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kungakusiza ukuba wenze kanjalo. Umhubi wathi: “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. . . . Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho. Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.”—IHubo 119:97, 99, 100.

AmaKristu okanye nawo ngokuqinisekile ayokuhlonipha uma uhlakulela ukuqonda okunjalo okungokomoya. Nokho, phawula ukuthi kufanele futhi ‘ugcine,’ noma usebenzise, iseluleko seBhayibheli. Osemusha waseAfrika ogama lakhe linguCharles, wathatha umyalo weBhayibheli ‘wokwenza abafundi’ ngokungathi sína futhi waba umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele eneminyaka engu-16 ubudala futhi manje ukhonza ehhovisi legatsha leWatch Tower Society. (Mathewu 28:19, 20) Isibonelo sakhe sokwethembeka ekukhulumeni senza abanye bamhlonipha futhi kwaphumela enjabulweni yakhe enkulu. Uthi: “Ukuphila kulenkonzo kujabulisa kakhulu. Ukusebenzelana eduze nabantu abesaba uNkulunkulu abanokuhlangenwe nakho okuningi kuye kwangakha ngempela. Kuyinjabulo engenakuqhathaniswa.”

Izindlela Zokuthola Inhlonipho

Enye indlela ebalulekile yokuthola inhlonipho iwukuba isibonelo ngenkambo. USalome, onguFakazi osemusha waseAfrika ukhumbula ngobusha bakhe: “Angizange ngihambisane neningi. Kunalokho, ngalwa kanzima ukuze ngigcine izimiso zobuKristu ngaso sonke isikhathi. Ngazama ukuthatha izinto ngokungathi sína, ukuba nesizotha, nokuba nenhlonipho kwabanye—ngisho nabantwana.” Yiqiniso, ungase uhlekwe futhi ugconwe ngokuba ohlukile. (1 Petru 4:4) Kodwa njengasendabeni kaSalome, abanye ngokuvamile bayokuhlonipha nakuba bengathandi.

Phawula futhi ukuthi, uSalome wenza umzamo wokuhlonipha abanye. Inhlonipho izala inhlonipho. Ngakho-ke eyabaseRoma 12:10 ithi: “Ekwazisaneni nandulelane.” Ukuqamba amanga nokusonta iqiniso, ukugcona okunonya, ukwenza abanye izisulu zamahlaya, zokukhahlanyezwa noma zokuphathwa ngesihluku—lezi akuzona izindlela zokuphatha abanye ngenhlonipho. Ngokuhamba kwesikhathi, abayishayi-mkhuba inhlonipho abanye abanayo ngawe.

Kungokubaluleke ngokukhethekile ukuba sibonise udumo nenhlonipho kulabo abasezikhundleni zegunya. (1 Petru 2:17) Ngokwesibonelo, isikhulu samaphoyisa sake sathi: “Namuhla kuyaqabukela ukuzwa izingane zithi, ‘Mnumzane.’” Ubaphatha kanjani labo abasegunyeni—othisha, amaphoyisa, abaphathi bezikole? Uma unedumela lokuba nenhlonipho kwabasegunyeni, kulula kakhulu ukuba abanjalo bakuphathe ngenhlonipho ethile.—Qhathanisa noMathewu 7:2.

Ukuhlonipha Asebekhulile

Ngokwamasiko athile kunemithetho emidala yokuziphatha okulindeleke ukuba intsha iyilandele. Ngokwesibonelo, EGhana, abantu abadala abaningi abamthandi umuntu osemusha okhuluma nabo efake izandla emakhukhwini noma esebenzisa isandla sobunxele ekugcizeleleni okuthile. Izimiso ezinjalo zezenhlalo zingabonakala zixakile kubantu baseNtshonalanga futhi ziyisidala ngisho nasentsheni ethile yaseAfrika, kodwa amaKristu awamelene nazo. Yebo, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sigweme ukucasula abanye ngokungadingekile.—2 Korinte 6:3.

Isisho esivamile eGhana sithi: “Umntwana kufanele akhiphe iminenke egobolondweni kodwa hhayi izimfudu.” Ngamanye amazwi, kunezindima ezithile okulindeleke ukuba zifezwe abantu abadala, hhayi intsha. Lokhu kungase kubonakale kungafanelekile futhi kukwehlisa. Kodwa lowo omelana namasiko omphakathi ngokugabadela igunya labantu abadala njalo uyocatshangelwa njengoqhoshayo. Uyokwenza okungalé kokuzuza inhlonipho yabanye uma uqaphela indima yakho elinganiselwe futhi ufunde ukubhekana nayo.

IBhayibheli kuLevitikusi 19:32 lithi: “Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.” Lapho ugibele izinto zokuhamba zomphakathi, ingabe ngokuzithandela uyasukuma esihlalweni ukuze kuhlale abantu abadala? Uma uxoxa, ingabe uyaqaphela ukuthi ukhuluma luphi ulimi? Ingabe ulalela ngenhlonipho?

Ukuzuza Inhlonipho Ngezinkolelo Zakho

Nokho, kuthiwani uma abanye bengakuhloniphi ngenxa yezinkolelo zakho ezingokwenkolo? Ngokwesibonelo, intsha yoFakazi BakaJehova ngokuvamile icindezelwa othisha nawontanga ukuba ihlanganyele emikhosini yokushisekela izwe nasemisebenzini engokwenkolo engqubuzana nezimiso zeBhayibheli. Behluleka ukuqonda ukuthi kungani intsha engoFakazi ithatha lokhu kuma okuqinile, abanye bangase babukele phansi izinkolelo zayo. Intsha engoFakazi ingase izondwe nokuzondwa.

Nokho, cabangela indlela osemusha waseAfrika esizothi uKwasi aziphatha ngayo. “Angizange ngizibalekele izifundo,” echaza, “futhi ngayisekela imisebenzi engangqubuzani nonembeza wami. Okubaluleke nangaphezulu, ngakwenza kwacaca ukuma kwami njengomunye woFakazi BakaJehova zisuka nje.” Ubuqotho bukaKwasi, ukuthatha izinto ngokungathi sína, nezimiso eziqinile kwamenza wathandeka kothisha nakubafundi ngokufanayo. Uyanezela: “Kwakudingeka ngichaze ngokuma kwami ngezinye izikhathi—ngesinye isikhathi kuthisha-nhloko nakubo bonke othisha—kodwa imibono yami njalo yayihlonishwa.”

Yebo, njalo ziphathe ngendlela ebangela abanye bakuhloniphe. Ngaphandle kokuphoqelela izinkolelo zakho kwabanye, ‘hlala ukulungele ukubaphendula bonke abakubuza isizathu sethemba elikuwe, kodwa kube ngobumnene nangenhlonipho.’ (1 Petru 3:15) Gwema ukuziphatha nganoma iyiphi indlela engabangela ukuba ‘izwi likaNkulunkulu lihlanjalazwe.’ (Thithu 2:5) Lokho kungahlanganisa ukugwema izitayela ezeqisayo zokugqoka nokuzilungisa nokuba nomoya wokuzibusa noma umqondo wokuhlubuka.

Yebo, iBhayibheli likukhuthaza ukuba ‘ujabule ebusheni bakho,’ futhi akekho olindele ukuba wenze njengomuntu oneminyaka engu-50 ubudala. (UmShumayeli 11:9) Kodwa ngokuba yisibonelo ngenkulumo nangenkambo, ungase uzuze inhlonipho nokwethenjelwa abanye.

[Isithombe ekhasini 20]

Ukuthwalela osekhulile umthwalo kuyindlela yokuzuza inhlonipho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela