Umbono WeBhayibheli
Yini Okufanele Yenziwe Uma Umfundisi Ona?
UKUZIPHATHA okubi kwabaholi benkolo kudonsa ukunaka okukhulu komphakathi namuhla kunanini ngaphambili. AmaProtestani aye adumazeka ngokuziphatha okuhlazisayo kwabafundisi bakumaTV. Ngemva kokuba omunye umvangeli wakuthelevishini oneminyaka engu-56 ubudala muva nje ebanjwe nesifebe ngokwesibili eminyakeni emithathu, watshela abalandeli bakhe ukuthi uNkulunkulu umtshele ukuthi ukuziphatha kwakhe kwakungeyona indaba yamuntu kodwa eyakhe siqu.
Ubika ngokuhlola kweminyaka engu-25, umagazini iTime wathi: “Owayeyindela yebandla likaSt. Benedict . . . ulinganisela ukuthi ingxenye yabapristi abangu-53 000 bamaRoma Katolika eU.S. bayasiphula isifungo sokungashadi.” Futhi, umbiko wezindaba ka-1990 ngenani elithile labapristi baseCanada abatholakala benamacala okunukubeza abantwana ngokobulili uthi: “Abaholi besonto baye bashalazela, bachitha noma basabela ngokunganaki ezikhalweni zokuphathwa kabi ngokobulili, ngisho nakuba beye bathola lezozikhalo zivela ezisulwini, abantu abasesifundeni somfundisi, amaphoyisa, izisebenzi zezenhlala-kahle nabanye abapristi.”
“Kuze kube muva nje,” kusho iTime, “abapristi abonayo babemane nje bashintshwe kusuka kwenye indlu yesonto ukuya kwenye.” Kodwa manje njengoba amacala asezinkantolo afakwe izisulu zokuziphatha okubi kwabapristi aseye afinyelela emaRandini ayizigidi ezingu-825 eUnited States, abapristi ngokuvamile banikezwa ukwelashwa kwengqondo ngaphambi kokubuyela emsebenzini wabo ongokwenkolo.
Yini okumelwe yenziwe uma umfundisi, umpristi, noma umdala ona? Isiphi isiqondiso iBhayibheli elisinikezayo ngendlela yokusingatha ukuziphatha okubi okudabukisayo okunjalo? Make sihlole imibhalo emibili yeBhayibheli eyisihluthulelo—uThithu 1:7 neyoku-1 Thimothewu 3:2.
Kumelwe ‘Angasoleki’
IBhayibheli lithi: “Umbonisi [“umbhishobhi,” ngokweNew American Bible (inguqulo yamaKatolika)] umelwe ukuba abe-ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu.” (Thithu 1:7) UPawulu wanikeza uThithu lomyalo lapho emabela ukuba amise abadala emabandleni aseKrethe. Nokho, wayesho ukuthini lomphostoli?
Amazwi athi ‘ongasolekiyo’ ahunyushwe esuselwa egameni lesiGreki elithi a·negʹkle·tos. Ikhulumela leligama, iNew International Dictionary of New Testament Theology iyaphawula: “Elithi anenklētos libhekisela enqubweni engokomthetho yokumangala enkantolo, futhi lihlobene nokuziphatha okungahlazisi, okungenakumangalelwa.” Ngakho, umlando womuntu kumelwe uhlanzeke ngaphambi kokuba amiswe njengomdala; akufanele abe sehlazweni, noma asoleke. Futhi kulapho kuphela ezigcina ekhululekile ekusolweni okuphathekayo lapho umdala engaqhubeka khona esesikhundleni.—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 3:10.
Umdala akumelwe ahole nje kuphela ebandleni kodwa kumelwe futhi alikhonze ibandla. Kumelwe amukele umthwalo wemfanelo wokuba kwakhe umphathi. Ungumphathi kaNkulunkulu; welusa amawundlu kaNkulunkulu. Ngakho, uyolandisa ngokuyinhloko kuMnikazi womhlambi, uJehova, nakubantu uNkulunkulu amnikeze umthwalo wemfanelo wokubaqondisa.—1 Petru 5:2, 3.
Kumelwe Abe “Ngongasolekiyo”
IBhayibheli lithi: “Umbonisi [“umbhishobhi,” NAB] umelwe abe-ngongasolekiyo.” (1 Thimothewu 3:2) Igama lesiGreki elithi a·ne·piʹlem·ptos lihunyushwe ngokuthi “ongasoleki” futhi ngokwezwi nezwi lisho “ongenakubambeka.” Ngamanye amazwi ukuphila kombonisi kufanele kungabi nalutho osolayo angabambelela kukho futhi ayisebenzise ngokumelene naye. Yenaba nencazelo yalelogama lesiGreki, iTheological Dictionary of the New Testament ithi umbonisi “ngeke ahlaselwe (ngisho nangabangewona amaKristu) ngenxa yokuziphatha kwakhe okuhle.”
UNkulunkulu ubekela labo abengamela abantu bakhe nabafundisa iZwi lakhe izindinganiso eziphakeme. UJakobe wathi ngaye ngokwakhe nabanye abadala: “Siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.” Futhi uJesu waphawula lendinganiso eqondisayo: “Nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.”—Jakobe 3:1; Luka 12:48.
Ngakho-ke, uma umbonisi ongumKristu ona ngokungathi sína kodwa aphenduke, angase aqhubeke eyilungu lebandla, kodwa kufanele agudluzwe esikhundleni sakhe sokuba umbonisi. Akaseyena ongasolekiyo. Kungase kumthathe iminyaka ukwakha kabusha idumela elihle ukuze aphinde akhululeke ekusolekeni. Isimo sakhe singafaniswa naleso somphathi kaHezekiya, uShebina. Ngenxa yokuziphatha kwakhe okubi uJehova wamsola ngalamazwi: “Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho, ngikuwise endaweni yakho.” Kodwa kumelwe ukuba kamuva uShebina waphinde walizuza idumela lakhe elihle ngoba sifunda ukuthi waphinde waba senkonzweni yenkosi njengonobhala.—Isaya 22:15-22; 36:3.
Kuthiwani Uma Umfundisi Engaphenduki?
Izinkolo eziningi zeLobukholwa ziye zabekezelela abefundisi abasenza umkhuba isono. Ngo-1459 ukhadinali Rodrigo Borgia waba yisekela lompristi omkhulu wawopapa, isikhundla esiphakeme kakhulu sokuqondisa esiGungwini Samabandla amaKatolika. Ngenxa yedumela lakhe lokuziphatha okubi, wasolwa uPapa Pius II. Nokho, ngisho nakuba ayebe nabantwana abane abangamavezandlebe, ngo-1492 iqembu lawokhadinali lamkhetha ukuba abe sesihlalweni sobupapa! Waqhubeka nalomsebenzi wakhe oyihlazo njengoPapa Alexander VI. Ukubekezelelwa kwabefundisi abangaphenduki, abangathembekile kuwo wonke umlando weLobukholwa ngokungangabazeki kuye kwaba nengxenye ekonakaleni esikubona kulo namuhla. Khona-ke, yini okumelwe yenziwe uma umfundisi engaphenduki?
Isikhonzi esingumKristu esenza isono esingathi sína futhi esihluleka ukunikeza ubufakazi bokuphenduka kufanele sixoshwe ebandleni. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo. . . . Xoshani omubi phakathi kwenu.”—1 Korinte 5:11-13.
Isinyathelo esiqinile sivikela idumela lebandla futhi silehlukanisa nalabo ‘abavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bemphika ngemisebenzi yabo.’ Indlela inkolo ephatha ngayo inkinga yomfundisi owonayo iyokusiza ekuboneni uma leyonkolo ingeyobuKristu ngempela.—Thithu 1:16; Mathewu 7:15, 16.
[Isithombe ekhasini 26]
UPapa Alexander VI
[Umthombo]
Alinari/Art Resource, N.Y.