Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 6/8 k. 9-k. 10 isig. 6
  • Okuthile Okungcono Kunokuthile Kwamahhala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuthile Okungcono Kunokuthile Kwamahhala
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Owayedliwa Owawina
  • Ingcebo Ebaluleke Kakhulu
  • Ingabe Ukugembula Kuwafanele AmaKristu?
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe IBhayibheli Liyakulahla Ukugembula?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Kubi Ngani Ukugembula?
    I-Phaphama!—2002
  • Amalungu Amasha Okugembula—Intsha!
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 6/8 k. 9-k. 10 isig. 6

Okuthile Okungcono Kunokuthile Kwamahhala

CISHE bonke abagembuli bagcina bempofu ngokwengeziwe kunangaphambi kokuba baqale ukugembula. Ngokuvamile, ngisho nabambalwa abawina izimali ezinkulu bathola ukuthi abakuwinile akuyisi enjabulweni.

Impohlo eneminyaka engu-36 ubudala eJapane yawina u-R124 000 emdlalweni wokubheja. Yayihlose ukuthenga indlu ngemali eyayiyiwinile, kodwa yazondwa futhi yahletshwa kakhulu kangangokuthi yanquma ukuthi kungcono iyiyeke. Okwamangaza eyayisebenza nabo ukuthi yashisa ithikithi layo elaliwinile phambi kwamehlo abo.

Amaphoyisa eFlorida abopha owesifazane lowo, nakuba ayewine amaRandi ayizigidi ezingu-14 emdlalweni wokubheja, owenza uzungu lokubulala umalokazana wakhe. Indodana yakhe yathi wayesanganiswa ukungahambi kahle kwemali ayeyibekelela nokusaphaza okwakudle isizumbulu sakhe semali.

Owayedliwa Owawina

UDomingo wayengumlutha wokugembula futhi enabantwana abahlanu. Uyachaza: “Uma ngiwina, kwakwedlulela. Ngangicabanga ukuthi ngiyisihlakaniphi, futhi ngangibuyela ngaphandle kokulibala ematafuleni okugembula ukuze ngibonise ukuthi bekungeyona nje into eyenzeke ngengozi.

“Lapho lomcabango ungifikela, kwakunjengokungathi ngidle izidakamizwa. Ngangizimisele ukushiya umkami nabantwana ukuze nje ngiqhubeke ngigembula. Ngisho nakuba ngangifunga ngokuphindaphindiwe kumkami ukuthi ngeke ngiphinde ngigembule, ngangazi enhliziyweni yami ukuthi lezithembiso zazingasho lutho. Ngikhumbula ngesinye isikhathi ngiqinisekisa umkami ukuthi sengikuyeke unomphela ukugembula, kuyilapho ngaso kanye lesosikhathi, ngangiceba indlela yokuthola imali yokubheja.

“Ngalahlekelwa yiyo yonke imali yami, imali yomkami, nebhizinisi lami, futhi ngacwila esikweletini. Alukho usuku olwaludlula ngaphandle kokubheja kohlobo oluthile, kwaze kwaba yilapho kwenzeka okuthile okwangiphoqelela ukuba ngizihlole. Ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lokho engangikufunda kwakungihlaba umxhwele, kodwa angizange ngiyeke ukugembula ngaso lesosikhathi. Ngiyabonga ngokuthi uFakazi owayengifundela wayenesineke ngempela.

“Kodwa isigijimi seBhayibheli ngokushesha saqala ukungithinta. Sangisiza ukuba ngiyeke izwe lami lamaphupho futhi ngizibheke ngendlela uNkulunkulu angibheka ngayo. Kwakushaqisa. Ngazizwa nginamahloni kakhulu, njengalabo umphostoli uPawulu ababhalela ekhulwini lokuqala leminyaka: ‘Ngalesosikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa.’—Roma 6:21.

“Ukumazi uNkulunkulu, igama lakhe, ubuntu bakhe, futhi ikakhulukazi isihe sakhe kwangishukumisela ekubeni ngifune ukushintsha izindlela zami, ngicabangele abanye esikhundleni sokuzicabangela mina. Ekugcineni ngagqashula ngokuphelele emkhubeni wokugembula, futhi mina nomkami sabhapathizwa.

“UJesu wathi iqiniso laliyosikhulula. (Johane 8:32) Lokho ngokuqinisekile kwenzeka kimi. Kwakuyiqiniso leZwi likaNkulunkulu elanginikeza okuthile okubalulekile engingakuphilela, elangibuyisela ukuzihlonipha kwami, nelangilethela ukwaneliseka okukhulu. Ngakwazi ngisho nokusiza omunye wababekade bengabangane bami engangigembula nabo ukuba alungise ukuphila kwakhe njengoba nje ngangenzile. Lapho yena nomkakhe bebhapathizwa, kwanginikeza injabulo enkulu kunanoma iyiphi engake ngayinikezwa ukuwina ekugembuleni.

“Eminyakeni engu-20 edlule, angizange ngibheje, ngisho nangemali encane. Anginakusho ukuthi bekulula, kodwa bekungenzima kangako. Futhi lokho uNkulunkulu anginike khona kuye kwazenelisa ngokuchichimayo lezozidingo engangifuna ukuzanelisa ngokugembula.”a

Umbono ongokomBhalo ubaluleke kakhulu kulabo abafuna ukwenza intando kaNkulunkulu. Futhi labo abalandela iseluleko sikaNkulunkulu abagwemi nje kuphela usizi olungalethwa ukugembula kodwa bathola ukuthi ubanikeza okuthile okwedlula kakhulu noma ikuphi ukuwina ekugembuleni.

Ingcebo Ebaluleke Kakhulu

UPawulu, ebhalela uThimothewu ekhulwini lokuqala leminyaka, wathi: “[Bafundise] ukuba bangagxilisi amathemba abo entweni engaqinisekile kangaka njengemali, kodwa bawagxilise kuNkulunkulu, osicebisa kakhulu ngazo zonke izinto ukuba sizijabulele. Batshele ukuba benze okuhle . . . , bakulungele ukupha nokwabelana, futhi ngaleyondlela bazuze ingcebo eyokwakha isisekelo esihle sesikhathi esizayo. Ngakho bayobambisisa ukuphila okuwukuphila kwangempela.”—1 Thimothewu 6:17-19, The New English Bible.

Enye ingcebo engabanjisiswa igama elihle noNkulunkulu. Lokhu kuholela ‘ekuphileni okuwukuphila kwangempela’—ukuphila okuphakade, umklomelo omkhulu kunayo yonke eyake yanikezwa. UJesu wathi emthandazweni kuNkulunkulu: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Ngokungafani nemiklomelo engaqinisekile eyimali, umklomelo uNkulunkulu awunikezayo ungawinwa yinoma ubani nayibo bonke abantu abenza intando kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukwenza intando kaNkulunkulu kunikeza yonke injabulo noma ubani angase ayifise, futhi kunikeza lowomuntu ukuzethemba nokuphila okunenjongo. Okwamanje, ngenxa yesivuno esimuncu sokugembula, khumbula iseluleko sesaga sakudala sesiNgisi: “Indlela engcono kakhulu yokuphonsa amadayisi ukuba uwaphonsele lé kude.”

[Umbhalo waphansi]

a OFakazi BakaJehova baye basiza abantu abaningi abayimilutha yokugembula ukuba banqobe ukulutheka kwabo. Abanye baye basizwa amaqembu okuzisiza njengeGamblers Anonymous.

[Isithombe ekhasini 10]

Ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi kuwumklomelo omkhulu kakhulu kunoma imuphi ozuzwa ngokugembula

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela